Ububele, ubuntu nozwelo kuhamba ibanga elide emphakathini


UMthethosisekelo wesikhashana waseNingizimu Afrika esanduleleni sawo wawuthi “Ukwamukelwa kwalo Mthethosisekelo kubeka isisekelo esivikelekile kubantu baseNingizimu Afrika ukweqa ukuhlukana kanye nemibango yangesikhathi esedlule, eyadala ukwephulwa okukhulu kwamalungelo abantu, ukwephulwa kwezimiso zobuntu, ezinodlame kanye nefa lenzondo, ukwesaba, icala nokuziphindiselela.
Lokhu manje kungabhekwana nesisekelo sokuthi kunesidingo sokuqonda kodwa hhayi esokuziphindisela, isidingo sokunxeshezelwa, kodwa hhayi udlame, isidingo sobuntu kodwa hhayi sokuhlukunyezwa noma ukuhlukumezana.”
Njengoba izinkantolo zethu ziminyene kangakha ngamacala odlame nalo lolu lwasekhaya, kuyekwaba nesidingo sokuthi kufunwe kwezinye izixazululo zezingxabano nje ngokuxoxisana nokuthi abantu babuyisane, izindlela, kanye nezithangami kwanda, imithombo ejulile yobuntu, evunywe izinkantolo zethu eziphakeme, inikeza okufanele zamukelwe ngabasebenzi bezomthetho.
Amagugu abantu ahlanganisa izimiso zobulungiswa bezenhlalakahle ezifana nokulingana, kukhuthazwa amathuba alinganayo), ukulingana (ukukhuthaza ukuthembela komunye nomunye) kanye nokungenzeleli (kuletha ukwabelana ngokulinganayo kwezinsiza ukuze wonke amalungu asinde). Ifilosofi yoBuntu base-Afrika ikhonjiswa ngozwelo, lapho abantu bezwakalisa umuzwa wokunakekelana nokuqondana okujulile.
Indlela ye-Ubuntu ivumela amalungu eqembu ukuthi alwele ukuba nokunakekela, ukuqonda kanye nokwabelana. Ubuntu kusho ukuzidela ngenxa yabanye ngokuzinikela, ukunakekela nokuvikela abantu bakini. Ukusebenzisa ubuntu emsebenzini akuqondakali ngaso sonke isikhathi. Ubuntu: Ukubumba indawo yokusebenza yamanje ngokuhlakanipha (kwabase-Afrika) kubheka ukuthi singazithuthukisa kanjani izindawo zokusebenza ngokusebenzisa izindinganiso zakudala nokuhlakanipha kokhokho bethu. Singathola ukulingana phakathi kobulungiswa noBuntu?
Ifilosofi yoBuntu base-Afrika ikhonjiswa ngozwelo, lapho abantu bezwakalisa umuzwa wokunakekelana nokuqondana okujulile. Indlela yobuntu ivumela amalungu ukuthi alwele ukuba nokunakekela, ukuqonda kanye nokwabelana ngomoya omuhle nowoxolo. Ubuntu kusho ukuzidela ngenxa yabanye ngokuzinikela, ukunakekela nokuvikela abantu.
Ukusebenzisa ubuntu emsebenzini akuqondakali ngaso sonke isikhathi kanti ibona ubuntu obusebenza nangaphezu kwemigomo nezimiso ezisuke zihlonzwe ngumqashi. Ukubumba indawo yokusebenza yamanje ngokuhlakanipha kubheka ukuthi singazithuthukisa kanjani izindawo zokusebenza ngokusebenzisa izidinganiso zakudala nokuhlakanipha kokhokho bethu.
Kuyenzeka ukuthola ubulungiswa hayi ngokujezisa omunye umuntu kodwa ngendlela yokuthi inkinga ixazululwe ngobuntu njengokuthula ukwethembana, ubuqotho, kanye nobulungiswa. Ubuntu bumayelana nokulalela kanye nokwazisa abanye. Ukusebenzisa izimiso zobuntu emphakathini kungasiza ekulweni nezinselelo zomphakathi ezifana noBugebengu.
Ubumpofu, ukungahloniphani, yebo nezidakamizwa kanye nokuwohloka kokuziphatha emphakathini, kunawo umthelela omkhulu futhi omubi. Kanti ukusiza umakhelwane wakho ngezikhathi zesidingo, inhlonipho nokwazisana kudala ubunye kanye nesithunzi kanti lokho kungenza kubenzima kwizigila mkhuba emphakathini ukulimaza abantu ikhakhulukhazi ababahlonishayo.
Uyaye ubone ukuthi abantu abasenalo uzwelo lapho izigila mkhuba zigqekeza imoto yomuntu emarobhotini edolobheni, abantu badludle ngathi ababoni. Ukumsiza yebo mhlampe nabo bayesaba kodwa uzwa ukuthi akalamulanga, ukumlekelela mhlampe ngokufonela amaphoyisa noma ukumlindisa kuze kufike usizo, into esingayenzi sonke sidlula engathi akwenzekanga lutho.
Ubuntu akuyona nje ithiyori yokuziphatha ephathelene nokufaka izimo zobuntu. Kepha ubuntu buhlanganise amagugu, isimilo, kanye nemibono yobulungiswa bendabuko yethu. Kusemqokha ukuti sibuyisana, sibenomzwelo, nokunakhekhelana, nokusizana. Ubuntu kufanele sibuveze futhi busetshenziswe ngendlela efanele.
Lombhalo awusona iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.