Kuningi okungenziwa ukugxilisa izilimi zebele emabandleni
Siyazi sonke ukuth uMdali wadala abantu kanye nefagugu, okuyizilimi zebele zabo, nokunye ngokwehlukana kwezindawo namazwe. Sifunda ukuthi iNkosi uJesu Yethu, yafundiswa ulimi lwebele njengefagugu lesizwe sakubo, ngokuMdali wethu sonke emhlabeni.
Minyaka yonke, njalo ngenyanga yamafagugu uMandulo, senza yonke imigilingwane, sithi sikhombisa ukuzigqaja ngobuthina kuzo zonke izindawo ngisho nasemabandleni. Kepha izilimi zebele zethu zikaMdali wethu, zisalela emuva njalo phakathi emabandleni.
Sikhohlise uMdali, ikakhulukazi emabandleni ngokugqoka izingubo ngokwaboHlanga ngenyanga yamafagugu, kepha isalela emuva eyezilimi zebele zethu. Kufanele ngabe kade kwakhonjiswa emabandleni, emisakazweni nakwezinye izindawo ukuzigqaja ngezilimi zebele okungenani-ke. Phela lolulimi lunamathele emizimbeni yethu, pho sihlulwa yini.
Ngiyaguga manje, futhi angikhumbuli ngizwa emabandleni uma kufundwa amavesi, ukuthi esifunda ngabo emaBhayibhelini babekhuluma izilimi zebele. Konakelephi kithina ukuba sikhulume, sithuthuke ngezilimi zebele zasemakithi ngokuNkulunkulu, owadala zona izilimi zebele?
Bavelaphi emabandleni, abangazikhulumi izilimi zebele zasemakubo njengeNkosi Yethu, uJesu, eyayikhuluma ulimi lwebele lwakubo hhayi isiGrikhi, isiRoma. Phezu kokuba sebefunde isikompilonhlalo, imfundo, ezomnotho (ezezimali) nokunye njengoba base bephila ngezinto eziningi ngokwalamazwe. Kodwa, abakhohlwanga yifagugu okuwulimi lwebele, olwase kuyinto yokugcina abase benayo ngokomqondo. Lokhu thina esingakwenzi.
Kunamavesi eBhayibhelini abhalwe ngokusobala encwadini ngokukaMathewu, ngokukaMarko, ngokukaJohane, Izenzo nezinye, ukuthi bonke ababehamba noJesu, esifunda, esishumayela, esifakaza ngabo, ukuthi babekhuluma, babeshumayela, babethandaza ngezilimi zebele.
Akukho nokuncane eBhayibhelini okubhalwe ukuthi, babethandaza, babeshumayela, babefakaza ngoJesu, kodwa bekhuluma ngezilimi zebele zabase-Greece, zabaseRome yize babebuswa, beqonelwe ngabezizwe.
Asihluzisise okulandelayo ukuthi eBhayibhelini ngokukaMathewu 26:73. Kafushane kubhalwe ukuthi isixuku esasilapho sathi kuPhethro “Impela nawe ungomunye wabo, udalulwe nangukukhuluma kwakho” Kuyazisho ukuthi lesosixuku sasikhuluma ulimi lwbele lwaso noPethro ulimi lwebele lwakubo.
Kube ngengokukaMakhu14:70. Ukuthi isixuku sathi uPethro ungowaseGalile. Okucacayo ukuthi abaseGalile babekhuluma ulimi lwebele lwabo hhayi isiGrikhi nesiRoma. Sifumane engokukaJohane 21:17. Ukuthi uMariya waphenduka ngenkathi ebizwa nguJesu wathi “Rabuni” ngesiHebheru, okuwukuthi Mfundisi.
Kuyazisho nalapho ukuthi nabesifazane ababhalwe eBhayibheli njenganoMariya nabanye babezigqaja ngefagugu, ngokukhuluma izilimi zebele zasemakubo, hhayi ulimi lwamaGrikhi nolwamaRoma ayebacindezele. Ngapha sisazicindezela thina ngokwezilimi zebele zaboHlanga.
Ngabe abesifazane base-Afrika, abaseNingizimu Afrika ikakhulukazi abadumisa emabandleni ehlukene, bayazigqaja yini ngezilimi zebele na? Asazi, sibona abesifazane, bezingabaza ngezilimi zebele ifagagu esalincela emabeleni abesifazane (abo).
Kube ngabafundi bakaJesu encwadini Izenzo 2:8. Kafushane mzukwane kuthululwa umoya ongcwele, abafundi bathi “Yini pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwe nalo na? Kuqhubeke ukuthi, babebezwa bekhuluma ngezilimi zabo ngemisebenzi kaNkulunkulu. Uyayizwa indaba.
Kwenye, Izenzo 22:1-2.Sifunda ngoPhawulu ukuthi wathi. “Madoda bazalwane nani bobaba, lalelani ukuziphendulela kwami phambi kwenu manje”. Elilandelayo ivesi lisibaluleka ukuthi bathula bathi du, abakhulumanga ngoba babemuzwe ukuthi wayekhulume ngolimi lwabo. Kuyacaca ukuthi uPhawulu wayekhulume ulimi lwesiGrikhi noma lwesiRoma.
Ekubeni thina ngapha, asikakaqambi nokukodwa okusha nokwehlukile njengoba kwenza amaChina namaJapan. Sizikhohlisa ngokuthi uma sikhulume isiLungu sesiqhamuke sesiqambe izinto ezintsha kube kungenjalo. AbaseChina, abaseJapan, benza izilimi zebele zaba yinzuzo, nentuthuko emhlabeni, ukwedlula thina.