Ingebhe kuvundululwa ugologo ongumbombayi


Uqale phansi umkhuba wokuvutshelwa kotshwala obushisayo ngokungemthetho kusetshenziswe imibhalo yalobo obunedumela ngokuphuzwa kakhulu.
Lo mkhuba ugcine ukuzwakala ngesikhathi kusavalwe izwe eminyakeni emibili edlule lapho abaphisi botshwala abangombombayi bebethe chithi saka ngenxa yokuthi notshwala babungadayiswa.
Maphakathi nesonto abakwasidlodlo bangasele endaweni ephisa utshwala ngokungemthetho eWestmead, ePhayindane bavundulula inqwaba yamabhodlela eSmirnoff angombambayi abeyodayiswa amathaveni.
Ukutholwa kwalobutshwala sekufake ingebhe ngokuthi kungenzeka ukuthi buningi obese buvele budayisiwe, kanti obunye busagcwele ezitolo zotshwala.
Isikhulumi samaphoyisa esifundazweni uLt-Col Robert Netshiunda uthe amaphoyisa alwa nobugebengu obuhleliwe, kanye nababhekele abaphisi botshwalaiKwaZulu-Natal Liquor Board, inkampani ediliva impahla, kanye nezazi zezinhlobo ezahlukene zotshwala benze uphenyo olunzulu ngenkampani okuthiwa iphisa utshwala obungekho emthethweni isebenzisa igama leSmirnoff.
ULt Col uNetshiunda uqhuba uthi ophenyweni lwabo bathole ukuthi amasango kule ndawo ahlala evaliwe, kodwa kunabasebenzi ngaphakathi.
Ngesikhathi kungenwa ngaphakathi abasebenzi bengazelele kutholwe abesilisa bematasa bephisa lobu tshwala obunye bulayishwa emabhodleleni nasemabhokisini anegama likagologo odumile.
Kutholwe amabhokisi anamagama otshwala obani wayo, izivalo zabo namabhokisi asenamagama nemishini yokuqopha lamagama. Intengo yalobutshwala ilinganiselwa ezinkukungwaneni ezingama-400.
Amadoda amathathu aphakathi kweminyaka ngâm-26 nengama-42 ziwakhalele khona lapho azovela enkantolo. Kwenzeka lokhu nje kusanda kubanjwa usomabhizinisi waseChina eFree State edayisa utshwala obungekho emthethweni.
Ubekwe icala ngaphansi komthetho iConsumer Protection Act, ongunombolo 68 we-2008.
Ubungozi balobutshwala
Uma udla lobutshwala maningi amathuba okuthi ube nesiyezi, kokunye ungagcina usuyimpumputhe okanye wendele koyihlomkhulu.
Kusetshenziswa izithako eziningi eziyingozi njenge anti-freeze esetshenziswa ezimotweni ukwehlisa ukushisa kwenjini, utinase osetshenziswa ukususa upende ikakhulukazi ezimotweni.
Izimpawu zomuntu odle lolu hlobo lotshwala akubi ngezomuntu obukhile ngendlela ejwayelekile.
Esikhathini esiningi umuntu uyahlanza ngokungenamkhawulo, ukuphelelwa amandla, aphefumule kanzima kokunye kushintshe nesikhumba.