Now Reading
Silindele intuthuko kwezemidlalo ngaphansi koMphathiswa omusha
Dark Light

Silindele intuthuko kwezemidlalo ngaphansi koMphathiswa omusha

Ngeledlule uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube umemezele ubuholi obusha esigungwini esiphezulu sesifundazwe. Lokho kwenzeka emva kokusula kukaSihle Zikalala emasontweni amabili edlule.

Okungithathe kakhulu kubuholi obusha ilapho kumenyezelwa ozoPhatha eZemidlalo, amaSiko nobuCiko okunguMhlonishwa u-Amanda Bani-Mapena. UMphathiswa kuzomele asebenze kanzima aqhubeke lapho kushiye khona uzakwabo uHlengiwe Mavimbela.

Iqiniso ukuthi uMavimbela usebenze kakhulu kusukela aqokwa ngonyaka ngowezi-2019. Wenze kahle ngesikhathi sakhe yize iminyaka emibili ephathe umhlaba wonke uhlaselwe ukhuvethe. Ukhuvethe lwamisa imiqhudelwano eminingi. Yize kunjalo kodwa loMnyango wenza kahle kakhulu.

Okunye okuhle ukuthi iKwaZulu-Natal yenze into engakaze yenzeka ngokuthi libe namaqembu amahlanu agijima kuDStv Premiership. IRichards Bay FC enqobe iGladAfrica Championship ngesizini edlule, iLamontville Golden Arrows, AmaZulu FC, iMaritzburg United neRoyal AM eyomela iNingizimu Afrika koweConfederation Cup.

Phakathi kokunye akwenzile ukaMaVimbela ukwazile ukuqinisa ubudlelwano nezihlangano ezibhekele ezemidlalo amaSport Federations, nengqalasizinda yezemidlalo bayibeke eqhulwini, okubalwa kuyo ukuqedela ukwakhiwa kabusha kwenkundla yemidlalo enhlobonhlobo efaka nesikhungo sokuqeqesha amakhono KwaMsane, iKwaMsane Sports Complex and High Performance Centre.

Ubeyihambela yonke imiqhudelwano, kwala noma kuthiwa mncane kangakanani. Ngikhumbula ngolunye usuku wahambela imiqhudelwano emithathu kwizifunda ezehlukahlukene, waluvala eKing Zwelithini Stadium usuku lakhe ngesikhathi iNatal Rich Boyz idlala umdlalo wokugcina weGladAfrica Championship.

Ubethi uma ekhuluma nabezindaba, ebuzwa imibuzo ekhombise ukuthi ucwaningo unalo. Izimpendulo zakhe bezikhombisa ukuthi ngempela uyaziqonqa eZemidlalo, ayi mhlambe uhlobo oluthize lomudlalo kodwa yonke iminxa yeZemidlalo.

See Also

Kuyimanje iKwaZulu-Natal isematheni kweZemidlalo njengoba intokazi igama layo uPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni uqophe umlando eba intokazi yokuqala enqoba indondo kwezamankomane kumqhudelwano omkhulu owaziwa ngokuthi amaCommonwealth Games. Le ntokazi ebuye ngeledlule kade iseBirmingham, yabuya nendondo yethusi.

UMphathiswa uMaBani-Mapena  njengoba ethole leli thuba ngiyafisa ukuthi alibambe ngezandla zombili. Kube ukuthi ngaphansi kobuholi bakhe ezemidlalo ziyathuthuka, kakhulukazi emazingeni aphansi. Ahambele yonke imiqhudelwano kungabi emikhulu kuphela, kodwa nale emincane eyenzeka ezindaweni zasemakhaya okuyilapho engikholelwa ukuthi ithalente ilapho eligcwele khona. Iqiniso ukuthi liyadinga ukuba lesekwe, kuqala kuyena uNgqongqoshe kuze kufike phansi.

Lokhu kungenzeka uma abasebenzisana noMphathiswa bezomeseka ngazindlela zonke.

Scroll To Top