Now Reading
Undungane ufisela uKolisi nezakhe okuhle kodwa kweyoMhlaba
Dark Light

Undungane ufisela uKolisi nezakhe okuhle kodwa kweyoMhlaba

AMabhokobhoko aya eFrance enomthwalo omkhulu wokuvikela isicoco sawo

Ingwazi yaMabhokobhoko u-Odwa Ndungane isiphumele obala ngesifiso sayo sokubona uSiya Kolisi eqopha umlando eNdebeni yoMhlaba eFrance.

Amabhokobhoko yiwona avikela isicoco akhale emuka naso ngowezi-2019 ethela othulini amaNgisi kwelaseJapan.

Emlandweni weNdebe yoMhlaba lilodwa kuphela iqembu eselike laphumelela ukunqoba iNdebe yoMhlaba amahlandla amabili elandelana.

Kwaba ama-All Blacks (iNew Zealand) ngowezi-2011 nangowezi-2015.

UNdungane utshele elaboHlanga ukuthi unesifiso sokubona uKolisi ezibhalela umlando ebholeni lombhoxo eNingizimu Afrika.

“USiya ungumdlali omqoka eqenjini. Usithenjwa seqembu lesizwe. Ungumholi weqembu lesizwe. Uyazinikela. Ufela enkundleni. Okungihlabe umxhwele yindlela asheshe athola ngayo umgqigqo kulandela ukuthinteka edolweni. Bengibheke ukuthi kumthathe umdlalo noma emibili ngaphambi kokubuyela ezingeni lakhe. Ubuye kwangathi akakaze alimale. Ikhefu ngicabanga ukuthi limsizile wathi ukuphumuza umqondo kade esaluluma. Ushaye into ecokeme ngomdlalo weWales. Uphinde walicokamisa izinga nangesikhathi sibhekene neNew Zealand. USiya ngumdlali omqoka eqenjini,” kuchaza uNdungane.

Amabhokobhoko azongqubuzana neScotland emdlalweni wokuqala kweyamaqoqo eNdebeni yoMhlaba ngeSonto ngele-17:45 ntambama eStade Velodrome.

“Uma enza kahle utshengisa ubuholi. Ngizizwa ngimujabulele kakhulu. YiNdebe yakhe yoMhlaba yesibili le. Isifiso sami esikhulu wukuthi Amabhokobhoko ayinqobe ukuze ezoba ngukaputeni wokuqala emlandweni weqembu lesizwe ukuvikela iNdebe yoMhlaba noma ukuyinqoba amahlandla amabili elandelana. Lokho kuyoba yinto enkulu kakhulu,” kusho uNdungane.

UFrancois Pienaar waba ngukaputeni wokuqala waMabhokobhoko ukuphakamisa iNdebe yoMhlaba ngo-1995. Walandelwa nguJohn Smit ngowezi-2007 kwase kuza uKolisi ngowezi-2019.

“Amalungiselelo Amabhokobhoko ahambe kahle kakhulu. Athole imiphumela emihle ebhekene namaqembu anzima. Ashaye amaqembu
afana neWales, New Zealand ne-Argentina. Bashaywe emdlalweni owodwa bebhekene neNew Zealand ekuhambeni. Nakhona iqembu lalenze inqwaba yezinguquko kulowo mdlalo.

Ukwenza kahle emidlalweni yesihle kuzokhulisa ukuzethemba kuMabhokobhoko. Bazofika kweyeNdebe yoMhlaba benomgqigqo omuhle kakhulu,” kuqhuba uNdungane.

See Also

Amabhokobhoko akayazi induku kule midlalo emine eyedlule.

“Kumqoka ekutheni baqale kahle uma sebebhekene neScotland ngeSonto ntambama. Angiboni ukuthi bangaba yiqhatha elingasibinda. Ukuqala kuzosinika ukuzethemba okuphezulu uma sesibhekana namazwe afana no- Ireland,” kulandisa uNdungane.

Amanye amazwe aboshelwe eqoqweni laMabhokobhoko kukhona i-Ireland, Romania neTonga.

“Amabhokobhoko angayinqoba iNdebe yoMhlaba. Isipiliyoni sizoba ngukhiye. Iningi la badlali bebekhona sinqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2019. Okuhle kakhulu wukuthi iningi labo lisefomini enhle kakhulu. Lokho kukodwa kuzokwenza umehluko emizamweni yokuvikela iNdebe yoMhlaba. Nabadlali abasha eqenjini labo benza kahle. Akekho umdlali ozizithela ngamanzi abandayo. Uma uthola ithuba kumele ulibambe ngezandla zombili. Zonke izindawo zinombango oshubile. Lokhu kuyizimpawu ezinhle ngeqembu. Kunyusa namathemba okuvikela iNdebe yoMhlaba,” kuchaza yena.

INdebe yoMhlaba izoqala namuhla ngo-9.15 ebusuku ngendumezulu yomdlalo ophakathi kosokhaya iFrance neNew Zealadnd.

“Wonke umuntu eqenjini ujabule. Wonke umuntu usesimeni esihle kakhulu eqenjini. Akekho ongazi ukuthi kumele senzeni. Wonke umuntu uthola umgqigqo nefomu ngesikhathi esihle. Ngihlalele ethembeni lokuthi akekho umdlali ozolimala.
Yebo, ukulimala kuyingxenye yeNdebe yoMhlaba. Lokho
ngeke sikubalekele. Angithukile noma kungathiwa kukhona olimalayo. Sinabadlali abaningi abaseqophelweni eliphezulu. Amathemba makhulu ukuthi sizoyinqoba amahlandlaamabili elandalana.” kuphetha uNdungane.

Scroll To Top