Akwehlanga kahle ukubona kukhishwa abadlali abancane zisuka



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
NgoMgqibelo owedlule bengisenkundleni kanobhutshuzwayo iSJ Smith eyaziwa kakhulu ngokuthi iseWema bekunemidlalo yeKZN ABC Motsepe Primo Cup, okungumqhudelwano womkhumulajezi oqale emasontweni amabili edlule. Ugcine unqotshwa iqembu lakaNongoma iNjampela FC.
Okugqamile ukuthi inkundla ibigcwele phama, ngenxa yokuthi bekuqhamuka abantu basezifundeni ezehlukahlukene ngokuhlukana kwamaqembu. Kodwa iso lami belingayele ukuyobuka ubuhle bakanobhutshuzwayo, nokuthi iliphi iqembu elinqobile.
Kuningi engikubonile, nebala kokuye kwakho ilokhu okungiphathe kabi nekade ngingaqali ukukubona kwazise kuwumkhutshana ojwayelekile kuyo le ligi i-ABC Motsepe League.
Ukubona kukhishwa abadlali abancane umdlalo uqala, lokho kwenziwe amaqembu ahlukahlukene. Uma ungumuntu owaziyo unobhutshuzwayo uzolazi igama elibizwa ngalento eyenziwayo “iTea Bags”.
Ngokomthetho iqembu neqembu kumele libe nabadlali abancane abathathu enkundleni, kodwa uyakwazi ukuthi ubakhiphe labadlali bese ufaka abantu abadala bese uqalile umdlalo.
Okungiphathe kabi ukubona amanye amaqembu enza lokho, umdlali engakalithinti ibhola useyakhishwa. Iqembu lisuse ibhola bese lilikhiphela ngaphandle bekhishwe labo badlali.
Iqiniso ukuthi asikho isidingo sabadlali abancane ku-ABC Motsepe League, ayi esifundazweni iKwaZulu-Natal kuphela kodwa yonke indawo.
Ngalo mbono wami omncane lokhu ngiyafisa kufike emadlebeni noma emehlweni wabantu benhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli iSouth Africa Football Association (SAFA).
Isikhathi manje sokuthi iphele ngempela lento yokusetshenziswa izingane. Izingane zidlala kuDStv Diski Challenge (DDC) lapho ezibonakala khona, ayi ku-ABC Motsepe League ngoba vele awunakwa ngendlela efanele.
Okubuhlungu kunakho konke labadlali ababizwa ngezingane baneminyaka elinganiselwa kweli-18 kuya kwengama-23.
Kwamanye amazwe umdlali oneminyaka engama-20 usuke esedlala esigabeni sePremier League. Okunjani lana kuthiwa umdlali oneminyaka engama-22 usabizwa ngengane, nakhona udlala esigabeni sesithathu.
Impela awuphele lomhlola, uma kuwukuthi kufunwa ukukhuliswa izingane ikhona iDDC.