AboHlanga bayekethisa okwabo bantshontshe bacashe ngedemokhrasi


Umlando usivezela okuningi nokwehlukene ngabelungu jikelele. Ukuthi abamhlophe bahlwanyela umoya wedemokhrasi, wemfundo,wemali ebantwini abamnyama njengento enhle. Kanti abelungu babelele emqondweni kusukela befika e-Afrika kuze kube manje.
Abelungu abakudedelanga konke, ngenkathi aboHlanga sebezophatha izwe. Babadonsa ngoqhotho emaqakaleni isinyelela.Baqinisekisisa ukuthi aboHlanga abanyakazi umathanda sebekhululekile, sekunedemokhrasi, sekufundiwe, sekunemali.
AboHlanga bayigxilisa idemokhrasi, imfundo nemali yabayisishozi kubona. Yabenza baba ngamagovu, baba nomgolo, bamonezelana, bangathembana, baba yinhlakanhlaka, bangaba yimbumba, babulalana, baphatha izikhundla budedengu kube kufundiwe. Yanona ingulube!
Le demokhrasi, esabadunga amakhanda abezinhlangano nabamaqembu epolitiki, osopolitiki nemiphakathi yaboHlanga. Abakazami, asikakazami ngisho ukuthuthukisa izilimi zaboHlanga ePhalamende, komasipala bese kuyatolikwa, kudaleke namathuba emisebenzi khona.
AboHlanga balekelela abelungu baseNtshonalanga, egameni ledemokhrasi, lemfundo, nelemali ekubhidlizeni izinsika zoBukhosi base-Afrika, baseNingizimu Afrika,ezaziliphethe ngempela izwe ngesingabo bengakafiki abelungu.
AboHlanga besaba ukutshala lomqondo kwabamhlophe, wokuba babhidlize, bahlakaze uBukhosi nokunye kwabo.
Abantu abamnyama abazuzanga ngokugcwele ngedemokhrasi emazweni abo.Phezu kokuba babegijima lonke izwe behaya iziqubulo zenkululeko kudala nanamanje. Becekela nempahla, kube kungekho okusha okuvezwa yibona, yithina.
Ukube aboHlanga bayizuza idemokhrasi, imfundo nemali, ngabe asibaboni bekwamanye amazwe. Beyobhaca ngezizathu eziningi, ezinye ngezobugebengu ababenzayo. Yayingekho idemokhrasi kusaphethe amaBhunu yingakho babengekho.
Idemokhrasi yazuzwa yiqeqebana, yidlanzana elaliyiphaka nelalisekhaleni, elalithathwa njengabaphehli bodungunyane.
Abangacashi ngezidindi, abaholi, omengameli, osopolitiki boHlanga, ukuthi leli lizwe liphethwe isinyelela ngabezizwe.
Sekuyigama ngeke besaliphatha, izwe, iPhalamende nomasipala ngobubona aboHlanga. Abapheze ukubukisa, nokuqhoshelana bebodwa.
Kwaba namantwenguntwengu, kwaba nezinxushunxushu ezweni, ngenxa yokweselwa inhlakanipho kaMdali kube kunedemokhrasi, kufundiwe, seliphathiswe aboHlanga. Kwase kunababefuna ukuphatha izwe, bethi babezophatha kangcono. Baphinda baxova izwe nomphakathi ukuze ususe umsindo nodungunyane ungazuzi lutho. Bakhohlwa ukuthi akungwe ingenabala elimnyama. Babona nenqe ihluthuke.
AboHlanga basebethi kwakuyidemokhrasi njengoba kwakunezinhlangano eziningi zepolitiki okhethweni. Bekhohliswa ngabamhlophe ukuthi kuhle. Kwakwenzelwa aboHlanga ukuba babeyinhlakanhlaka, kucashiswe ngedemokhrasi nemfundo. Ukube kubili ngabe kuyavusana.
Amazwe i-United States of America, i-United Kingdom namanye amazwe, afundekela ngedemokhrasi, ngezinhlangano zepolitiki ukuba zibeningi e-Afrika naseNingizimu Afrika.
Ekubeni ko-America naseBritain, ayikho idemokhrasi yezinhlangano noma amaqembu amabili epolitiki.Ukube osopolitiki boHlanga base-Afrika, baseNingizimu Afrika abawona amagwala, ngabe sebashoshozela abakulamazwe ukuba basungule izinhlangano zepolitiki eziningi.
AboHlanga bangamagwala, singamagwala okukopela nokuguqula izinto zobu-Afrika, yize kunedemokhrasi, kufundiwe, bese zisabalaliswa kwamanye amazwe. Asibagqamisi abenza njalo ngoba bengebona abasondelene nathi.
AboHlanga ababelwela idemokhrasi nenkululeko yazuzwa, babesho ubusela nokukhwabanisa, ukuphithana emakhanda, nokungabi bikho kwedemokhrasi.
Kwasho umculi uFela Kuti waseNigeria ngeculo elithi, ‘Teacher Don’t Teach Me Nonsense’. Kafushane uthi idemokhrasi yakha ohulumeni abanamasela, ukusangana kwengqondo nokungazinzi ezweni, phezu kwale demokhrasi nemfundo yaseNtshonalanga,eyenza singenzi ngobu-Afrika.
Bekungabakuhle abaholi, osopolitiki boHlanga babenesibindi,bangabi ngosomathuba. Basibhalele ngefagugu ngabo, ngobuthina, nangezwe. Yisifundo esihle ngabo besaphila.
SinaboHlanga nabelungu ababeka induku ebandla, ngokusibhalela, nangokusilondolezela izilimi zebele, nokuningi okuhle, okungadingi ipolitiki.
KwakunguSolwazi uC.L.S Nyembezi owasihumushelela izaga, izisho zolimi lwesiZulu nokunye, olimini lwesiNgisi, encwadini yakhe iZulu Proverbs yowe-1954. Wabhala isichazamazwi benoRG Dent behumusha amagama esiZulu nawesiNgisi.
Wabalula esahlukweni sesihlanu, ukuthi uPlaatje wabhala izaga nezisho zesiTswana wangazehlukanisa ngokwamaqoqo encwadini ebizwa Sechuana Proverbs yowe-1916.
NguMnu uSolomon Tshekisho ‘Sol’ Plaatjie, owayenguNobhala Jikelele wokuqala we-ANC, isabizwa ngeSouth African Native National Congress. Wayeyinjulalwazi, wayewusozilimi, wayengusopolitiki, wayengutolika, wayeyintatheli, wayengumlweli wamalungelo nomgcinimasikompilo esintu nokunye okuningi.
Waqhubeka uSolwazi uC.L.S Nyembezi wabhala ngoSekese, ukuthi wabhala izaga nezisho zesiSotho, zangabayiqoqo encwadini iMekhoa le maele a Basotho yowe-1931.
Wasicakulela nangabelungu uH.P. Junod beno-A.A Jacques, abaqoqa izaga nezisho, zangabayiqoqo encwadini; iThe Wisdom of the Tonga/Shangaan People yowe-1936.
Samqaphela uSolwazi C.L.S Nyembezi benoSolwazi u-O.E.H.M Nxumalo, bebhukula, besibhalela ngokwamaqoqo, izaga nezisho zolimi lwesiZulu nokuningi. Babhala Inqolobane yesizwe yowe-1966. Isangisebenzela kakhulu nanamanje, nangamzukwana ngiyithenga ngowe-1974, ngisengumfundi nangowezi-2011, sengimdala.
KwanguSolwazi u-Ellen uMaMerafe Khuzwayo, owasibhalela incwadi, i-African Wisdom: a Personal Collection of Setswana Proverbs yowe-1998, yezaga seTswana ngolimi lwesiNgisi, ebonele kuSolwazi uSol Plaatjie.
AbeTswana bazigqaja ngokuba yimbumba bethi “manong a ja ka ditshika, manong a ja ka ditshika”. Izinyoni zohlobo olulodwa zindiza ndawonye. Iyini idemokhrasi?