Akuyena umqashi kuphela ohlukumeza ngokucwasa emsebenzini


Ngokwesigaba sama 23 soMthethosisekelo wezwe, wonke umuntu unelungelo lokuphathwa ngobulungiswa emsebenzini. Lokhu sekutolikwe kaningi ziNkantolo zithi kusho ukuthi isisebenzi sinelungelo lokungahlukunyezwa ngumqashi, ngesinye isisebenzi, ngamakhasimende, ngabadayisela umqashi izimpahla, ngosonkontileka, ngabavakashi kanye nezinye izigaba ezahlukene zabantu.
Sasichazile ukuthi uHla Lwezibophezelo Zokuziphatha Kahle Ekuvimbeni Nokuqeda Ukuhlukunyezwa Emsebenzini, selubopha ngabhande linye zonke izinhlobo zokuhlukunyezwa emsebenzini. U Mthetho Wezobulungiswa Kwezokuqashwa unombolo 55 we 1998, ubala nobuhlanga (race) njengesinye sezizathu zokubandlulula nokucwasa ezingavumelekile. Ukucwasa nokuhlukumeza ngezizathu ezingavunyelwe kuphambene nezimiso-nqangi zoMthethosisekelo Weze ikakhulukazi lezo zokungacwasi omunye umuntu, zokulingana kwabobonke abantu, nezokuhlonishwa kwesithunzi somuntu.
Ukuhlukumeza ngokomthetho kuyisenzo esingafuneki esilimazayo emoyeni, esehlisa isithunzi, esihlukumezayo futhi esidala isimo esinenzondo nesesabisayo ebudlelwaneni basemsebenzini. Kuyisenzo sokuqonela esihlose ukuthi umgilwa ancethezelele isigilamkhuba noma esihlose ukwesabisa ngokuthi umgilwa uzovelelwa ngokubuhlungu uma engathobeli lokho kuhlukunyezwa. Lesisenzo kungaba ngesenzeka nqo noma ngesigigiyelayo. Futhi kungaba ngesenzeka kanye kuphela noma ngesiqhubekayo, koyedwa noma kubantu abaningi.
Akuyena umqashi kuphela ongena emalingweni okuhlukumeza, kodwa nezisebenzi nazo kuyenzeka zibe yizigilamkhuba ekuhlukumezeni ezinye izisebenzi noma isisebenzi. Kwenzeka lokho ecalani le Solidarity obo Oosthuizen v South African Police Service & others elinqunywe yiNkantolo Yezabasebenzi ku Masingana kowe 2023. Uma isigilamkhuba kuyisisebenzi, umqashi uyaboshwa naye uma ehlulekile ukuthatha izinyathelo ezidingwa ngumthetho ukunqanda ukuhlukunyezwa.
Asikhumbuzane ukuthi uHla Lwezibophezelo Zokuziphatha Kahle Ekuvimbeni Nokuqeda Ukuhlukunyezwa Emsebenzini luthi esinye sezibopho zomqashi “Ukuthatha izinyathelo zokuphenya izikhalo ezibikiwe zokuhukumeza, nokuqeda ukuhlukunyezwa. Ukuqinisekisa ukuthi izikhalo zokuhlukunyezwa ziphathwa ngokwemfihlo ukugwema ukuhlazeka kwabagilwa.”
Kafuphi, okwakwenzekile kulelicala le Solidarity ukuthi owesifazane oMhlophe ongumphathi, wayeqondisa ubugwegwe kozakwabo besilisa abangaboHlanga. Base beyamhlukumeza ngokungamhloniphi bemcela inselelo ngokwedelela, yize engumphathi wabo. Kwaba nengxabano yempikiswano nokuthethisana. Umgilwa wabe eselubika udaba kongaphezu kwakhe (ongowoHlanga), efaka isikhalo sokungahloniphi kwalaba bobabili. Nembala umphathi wesiteshi wagunyaza uphenyo waqoka abaphenyi ababili ukuphenya izigilamkhuba ngenhloso yokubaqondisa ubugwegwe. Kodwa izigilamkhuba zabe sezimakhela uzungu lokumbheca ngokuthi umphathi wabo wababiza ngegama lokucwasa aboHlanga zacela nokuthi IsiZulu sithi “ibambela umniniyo” okuwumgomo womthetho wokuthi ngumqashi ojeziselwa ukona kwesisebenzi sakhe uma yena engasijezisanga. Kubukeka sengathi basazobabaningi abaqashi abasezobanjiswa iqanda lenjelane ngamacala okuhlukumeza.
egudluzwe kulesiteshi ngoba zithi kaziphephile uma zisebenza naye kusaqhubeka isikhalo sazo.
Umgilwa wabe esethola ufakazi owayezwile izigilamkhuba zakha uzungu lokumbheca ukuze ziphunyuke ogibeni lwemikhuba yazo lena ayezijezisela yona umphathi wazo. Umgilwa wabe esefaka isikhalo sokubhecwa ngesenzo sokuhlukeza engasenzanga, okuwukumhlukumeza. Umqashi wabe esejuba uphenyo lwalesisikhalo somphathi wezigilamkhuba. Kodwa esikhundleni sokucubungula lesosikhalo, umgilwa wabe esegudlulelwa kwesinye isiteshi ngoba naye ephenywa ngezinsolo zezigilamkhuba. Abaphenyi ababejutshwe ukuphenya izenzo zezigilamkhuba babe sebekhipha izincomo zokuthi maziqondiswe ubugwegwe ngoba zazingahloniphi umphathi wazo.
Nalona owayephenya isikhalo somgilwa sokuhlukunyezwa ngokubhecwa ngamanga okucwasa, naye wethula umbiko wokuthi izigilamkhuba mazibekwe icala lobugwegwe ngalokho. Kodwa ngezizathu eziningi, esinye okungesokungenelela kwenyunyana yezigilamkhuba, umqashi wehluleka ukuthatha izinyathelo ngokwezincomo zophenyo. Kodwa umgilwa wabekwa icala lokuhlukumeza ngokucwasa ngokobuzwe. Inkundla yobugwegwe yamthola engecala.
Ukungenelela kwenyunyana yomgilwa kwaholela ekujezisweni kwezigilamkhuba: esinye sanikwa isexwayiso esibhaliwe, esinye satholakala singenacala lobugwegwe. Kodwa yaphikelela inyunyana yomgilwa yaze yafakela umqashi icala lokuthi makahlawuliselwe ukwehluleka ukuthatha izinyathelo zokuvikela umgilwa eluhlukunyezweni.
Ezithebeni zeNkantolo Yezabasebenzi kwakungaphuzu okuthi: ingabe lesisenzo sezigilamkhuba zokubheca umgilwa ngamanga okuthi ucwasa ngokobuzwe sasiwukumhlukumeza yini. Iphuzu lesibili ukuthi ingabe umqashi wehluleka yini ukuthatha izinyathelo ezidingwa umthetho “okuwukuthatha izinyathelo zokuphenya izikhalo ezibikiwe zokuhukumeza, nokuqeda ukuhlukunyezwa. Ukuqinisekisa ukuthi izikhalo zokuhlukunyezwa ziphathwa ngokwemfihlo ukugwema ukuhlazeka kwabagilwa.”
INkantolo yathola futhi yanquma ukuthi nembala wayehlukunyeziwe umgilwa okwakulawulwa ukungamhloniphi isikhundla sakhe, kulawulwa futhi nayizondo. INkantolo yathola nokuthi isenzo sezigilamkhuba sasihlose ukumlulaza nokuthi exoshwe emsebenzini umgilwa. Phela, zazingagcinanga ngokumqambela amanga, kodwa zamvulela necala eNkantolo Yezokulingana, zaphinde zamema ababhikishi okungamalunga enyunyana yazo izigilamkhuba, ngenkathi umgilwa equliswa icala lobugwegwe bokuthi usebenzise igama lokucwasa aboHlanga. Ukube zaphumelela izigilamkhuba, ngabe waxoshwa umgilwa.
Ephuzwini lesibili, iNkantolo yathola futhi yanquma ukuthi nembala umqashi wehlulekile ukuthatha izinyathelo ezidingwa ngumthetho mayelana nezikhalo zokuhlukunyezwa.
INkantolo yaphawula ukuthi uHla Lwezibophezelo Zokuziphatha Kahle Ekuvimbeni Nokuqeda Ukuhlukunyezwa Emsebenzini luthi ‘Ukwehluleka ukuthatha izinyathelo ezanele zokuqeda ukuhlukumeza uma sekubikiwe kuye, kuholela ekutheni umqashi ethwale icala ngesenzo sesisebenzi sakhe sokuhlukumeza. Umqashi, okuwuMnyango Wezokuphepha wahlawuliswa inhlawulo engamarandi ayizinkulungwane ezingama R300 000, nokuthi umqashi makaxolise ngokubhaliwe kumgilwa mayelana nokuhlukunyezwa kwakhe.
IsiZulu sithi “ibambela umniniyo” okuwumgomo womthetho wokuthi ngumqashi ojeziselwa ukona kwesisebenzi sakhe uma yena engasijezisanga. Kubukeka sengathi basazobabaningi abaqashi abasezobanjiswa iqanda lenjelane ngamacala okuhlukumeza.
UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.