Ukuqonelwa kwama-Afrika aseniningizimu nezwekazi
Waphakamisa uChurchill ukuba kuchelwe ubuthi besisi eKurdistan ukufaka itwetwe. Kepha izimpi nokunye okwakumjabulisa uChurchill wakhuluma ngakho, ukuthi kwakuyimiphumela eyayingalijabulisi iningi lababenqotshiwe. Ukuguquka bobumo beNingizimu Afrika namanye amazwe, kwelandulelwa yinhlokomo eyayifaka phakathi eyobuKhrestu, yempucuzeko nentuthuko eyayihambisana nendluzula eyayihleliwe yesikhathi eside
Amandla oguquko akhula eminyakeni eyayingamakhulu ayisi-5, okwakungukunqoba namanje okusasele emhlabeni wonkana. Kwakuzanywa ukuba kube nokuqonda okubambekayo kwemibuso esenyakatho eyayithuthukile ngokwenza izinto ngobuchwephweshe ekhulwini elalingama-21.
Kwakungasekupheleni kwekhulunyaka le-18, indawo engaphandle yentshonalanga ngaseningizimu, okwakungeyemibuso yaMakhosi ase-Afrika eyayizimele, zanqwamana nezifiki zabamhlophe lapho osekubizwa ngeMpumalanga Kapa. Sekwadlula ikhulunyaka lezi zindawo ezisemingceleni zaba nohlelonsebenzo lokuhlangana okwakhula ngamandla,ngenxa yendlakadla nesihluku. Wakwenza kabanzi enqoba ngombutho wempi,okuyilapho kwabizwa ngempi yamakhulu eminyaka yeseNingizimu Afrika.
Kwathi ezinye izindlela zomnotho, zempilonhlalo nempucuzeko, lapho ama-Afrika esefakwe kumumo wobuqonelo, kwashabalala ukuzibusa nokuzimela kwawo. Kwathi iMpumalanga Kapa yaba ngeyokuqala ezifundazweni, lapho kwahlangana umphakathi wezifiki kanye nomphakathi owawulima nowawuthuthukile wase-Afrika. Kwagcina sekungunomphela, ngenxa yokuthi kade kwaqalwa, yilapho okwaqhamuka isigejana saboHlanga ababefundisiwe, bengamaKhrestu, laba ngelokuqala ukuvela.
Kusekhasini lesi-8, okuvela ukuthi,izinhlangano zokuqala zaboHlanga, zasungulelwa ukuvikela nokusimamisa amalungelo ama-Afrika, ekunyonyobelweni uhlelo lwabaqoneli babamhlophe.
Eminye imibuso yaboHlanga yakwazi ukugwema, ukungqubuzana nokubuswa ngqo umbuso wabaqoneli, ngokwamukela nokuvuma uBukhosi baseBritain. Yayingaphansi kwaMakhosi uMoshoeshoe wabeSotho, abazicabela indlela yokuvikelwa yiBritain, okwelanywa ukuzuza inkululeko ngeminyaka ye-1960, yaba umbuso woBukhosi baseLesotho. NabeTswana benza njengabeSotho, abeTswana babanombuso waMakhosi, okwazala iRepublic of Botswana. Kepha iningi lemibuso yaMakhosi laba yisisulu sokuba ngaphansi kombuso wobuqonelo, okwenzeka ngesekupheleni kwekhulunyaka le-19.
Kwaba ukutholakala kwamadayimane negolide maphakathi neNingizimu Afrika, kwasunguleka izimboni zezimbiwa ngasekupheleni kweye-1800, nokwaqala uhide lohlelonsebenzo, lokunqotshwa nokunye.Kwabonakala ngesizwe samaZulu esasingaphansi kweSilo uCetshwayo nesabaPedi ngaphansi kukaSekhukhune neminye imiphakathi, kungeniswa ngaphansi kohlelo lokuthobela, ngoba abaqoneli babesizwa ngamabutho aseBritain.
Yabamba iqhaza iBritain ekwakhiweni, ekuthuliseni, nasekugqugquzeleni isimo sokuhlanganiswa kwe-Afrika eseningizimu. Ngasekupheleni kwekhulunyaka-19 nasekuqaleni kwelama-20, kwakwenzelwa ukusebenza ezimayini ezazintsha emnothweni,kwakudingeka kube nozinzo kwezepolitiki,ukuze zisebenze kube nobunye ezweni, nokutholakala kohlelo lwezisebenzi olwalungambi eqolo,ngaphansi kwefulegi laseBritain.
Emva kokutholakala kwezimbiwa,imibuso eyayisezindaweni zama-Afrika eyayizimele, yanqotshwa ngayinye ngayinye ilandelana. Eminye yazinikela kulokho kunqotshwa kwayo, kodwa lolo hlelonsebenzo lwalungaqondwa kangcono kuphela ekuqondeni imbangela yokungqubuzana nokusetshenziswa kwempoqo.
Yafaka phakathi umthetho wohlelonsebenzo, ekwandiseni umbuso waseBritain. Ababegoloza bagotshwa amadolo banqotshwa ngempi. AmaBhunu anqotshwa ngowe-1902, iAfrika eseningizimu seyivele isikhiqizela umhlaba umthamo wegolide.Yayisanda kubungaza ukuzalwa kweJohannesburg eyaba yisikhondlakhondla kwezomnotho emhlabeni, ezohwebo zaziphethwe eLondon.
Ukuze ihlale iqhoqhobele ezomnotho nombuso, kwakuncike embusweni omusha owengamele eminye imibuso, iBritain yahlanganisa izindawo ezehlukene, zaba yiNingizimu Afrika eyodwa,eyayizoba imibuso ehlukene. Ukuthuthuka kwayo ngaphakathi kwakudingeke kukhuphule umnotho weGreat Britain.
Ekhasini le-9, wabalalula ngokuthi:Kwabekwa uhulumeni wabamhlophe bodwa owawubizwa ngokuthi; Ubunye beNingizimu Afrika ngowe-1910. Wawubuswa ngokwemininingwane,okwakungukuvikela okwabamhlophe, kumbandakanya nokunqotshwa kwamaBhunu, ngokwenzelela aboHlanga,nokwaba yimbangela yokusunguleka ngokushesha kwe-ANC ngowe-1912.
Wabeka uAndre ngamazwi kaSol Plaatjie, omunye wabasunguli be-ANC,ukuthi:Bavuka sebeyizinqibi ezweni labo lokuzalwa,ephetha.AboHlanga baseNingizimu Afrika bakuqonda lobobunye,ukuthi babenzelwe ukubabandlulula nokungabathuthukisi ngokuyikhona.