Now Reading
Ukuba yimbumba kwembokodo kungayiwelisa ngelibanzi kwezemidlalo
Dark Light

Ukuba yimbumba kwembokodo kungayiwelisa ngelibanzi kwezemidlalo

Sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi kusongwe inyanga yabesifazane. Ngithanda ukubashayela ihlombe, ukuthi yize behlezi bebekwa ngemumva kodwa bakhombisile ukuthi mabengasekwa ngokwanele bengaya kude eminxeni yezemidlalo ngokuhlukana kwayo.

Ngeledlule e-Olive Convention Centre (OCC), eThekwini bekunezimpi ebekulwa kuzona abesifazane kuphela, bezihlelwe ophromotha abane besifazane baKwaZulu-Natal.

Kulabo ophromotha abane kukhona uNomvelo Magcaba- Shezi weMvelo Boxing Promotions, uHlengiwe Sithole weHle-Jobe Boxing Promotions, uZandile Malinga weStarline Boxing Promotions noFundi Malinga weSugarBoy Malinga Boxing Promotions.

Kuqinisiwe ukuthi into ethintwa umuntu wesifazane iphenduka igolide. Lezi zimpi ebengizihambele, zibe seqopheleni eliphezulu kakhulu. I-OCC ibigcwele phama, okugqamile ukuthi bekugcwele bona abantu besifazane bezosekana.

Lesi senzo seBoxing South Africa (BSA) sokuhlela uchungchunge lokuthi abantu besifazane kumele behlangane beqhathe izimpi, kuyinto enhle kakhulu ngoba kwenza ubumbano. Kujwayelekile phela ukuthi kuthiwe abantu besifazane abazwani. Kodwa kulokhu kuvele esinye isithombe salo ubumbano. Empini ekade ingeyosuku,

ekaMapule “Thunder” Ngubane waKwaZulu-Natal evikela ibhande likazwelonke leMiddleweight kuRushda Mallick wase-Eastern Cape. Lempi inqotshewe uMapule.

Enye ekade ibhekiwe ebiphakathi kaThema Zuma noChinenwe Banda waseZimbabwe kweyeBantamweight. UThema unqobe lempi ngamaphuzu.

Ngiyafisa lokhu kuhlangana kwabesifazane benze umqhudelwano ndawonye, kube ukuthi nakweminye iminxa yemidlalo benza esifanayo.

Makungathiwa lento iyenzeka, ukhona umehluko ozokuba khona ukuya phambili. Abantu besifazane isikhathi sokuthi benikezwe ithuba elinikezwa abesilisa.

Buka nje emasontweni edlule iqembu labesifazane likanobhutshuzwayo iBanyana Banyana iphume kwi-Last 16 koweNdebe YoMhlaba ebibanjelwe e-Australia ngokubambisana neNew Zealand.

See Also

Ukuqeda kweBanyana Banyana kulesi sigaba, kuyibe inqopha mlando ngoba into engakaze yenzeka emlandweni.

Uma kungathiwa kuvulwa iligi efana njengeDStv Premiership, kuningi lapha ibhola labesifazane lingaya phezulu kakhulu.

Iqembu lebhola lomnqakiswano liyisingathe ngesinono iNdebe YoMhlaba. Ekubeni kade kuqala ukwenzeka emlandweni.

Kungagcini ngokuthi behlangane kwimiqhudelwano kodwa abaphinde banikezwe amathuba okuphatha izikhundla eziphezulu.

Siphelile isikhathi sokulokhu kubekwa abesilisa phambili, ngoba vele akukho okutheni abakwenzayo.

Scroll To Top