Ukugcinwa kwamasiko namagugu kumele kuholwe umphakathi ulekelelwa uhulumeni
UDokotela Vusi Shongwe, Emgungundlovu, kwisiFundazwe saKwaZulu-Natal
Siqhubeka engosini yangeledlule. Okubuhlungu kakhulu okungisukumisile ukuba ngibhale lomnikelo ukucekelwa phansi kwamatshe uHulumeni awafakile ukubungaza amaqhawe namaqhawekazi ethu.
Kungesinye sezizathu sokubaluleka kokubambisana phakathi kaHulumeni wesiFundazwe kanye noMasipala ekutheni izindawo zomlando lapho kufakwe khona amatshe ezikhumbuzo, amathuna kanye nemifanekiso azigcini nje ngokunakelelwa kodwa zivikelwe futhi.
Ake ngiyeke ukukhuluma ngesisoka ngikhulume okusenhliziyweni yami. Akukhathalekile ukuthi iANC noma iIFP ephethe uMasipala, okubakululekile ukuthi izindawo lapho kulele izisulu zokugqubuzana, lapho UHulumeni efake khona amatshe ezikhumbuzo, azihlonishwe zigcinwe zisesimweni esifanele. Ukugcimwa kwazo esigabeni esifanele kuyobe kuhambisana neNkambiso yesimo soBuntu.
Ngakhoke oMasipala baseShobashobane, eMahhedle, Bergville, Donnybrook, kanye nezinye izindawo ezisazovela lapho kulele izisulu zokugqubuzana balindeleke ukuba babambisane noHulumeni wesiFundazwe, ikakhulukazi nophiko lwezamagugu emnyangweni wezemidlalo, ubuciko kanye namaSiko ukugcina lezindawo zihloniphekile futhi zihlonophekile. Kufanele kungagcini kuphela ngalezindawo, kodwa zonke izindawo eihlobe ngamagugu aleli likaMthaniya.
Asikho isimo esingangijabulisa njengokuthi emva kokuba iziphathimandla zomasipala beSifunda nabeNdawo yaseNkandla lapho kutshalwe khona iSilo uCetshwayo uma beqeda ukufunda lomnikelo wami kungathi kungaba nokuxhumana kulungiswe isimo sedlinza leSilo uCetshwayo.
Emva cishe kweminyaka engamashumi amathathu sathola inkululeko, ayikho into ezwisana ubuhlungu obungachazeki njengesimo sedlinza leSilo uCetshwayo esitshalwe lapha eNkandla njengoba sekuphawuliwe. Ngifisa ukusho ngokushesha kungazwakali kabi sengathi ngigxeka izinhlangano zepolitiki ANC Kanye neIFP ngesimo esiyilo indlinza. Empeleni ngigxeka wonke uZulu ephelele ngiphinde ngiziphikise ngokubala wona belu lamaqembu amabili ayizinkuzi kwezepolitiki.
Sengingaphanyekwa esiphambanweni sokugxeka uma kungukuthi ulaka lwami ngesimo sedlinza leSilo uCetshwayo asihlali kahle kwabanye. Abanye bazothi ngithunyiwe ukuthi ngivukuze loludaba ngoba siqondwe okhethweni,
cha akunjalo. Abangaziyo bayalwazi uthando (passion) lwami ngomlando kanye namagugu esizwe.
Ngingakujabulela ukusukumela phezulu kwezikhulu zesiFundazwe iKing Cetshwayo kanye nomaSipala weNdawo yaseNkandla uma sonke singalusukumela loludaba lwedlinza lweSilo uCetshwayo.
Njengosomlando kanye nokubhekelela amagugu, ngiyafisa ngenkulu inhlonipho ukususa inkungu yokungabi nalo ulwazi eyenza bangaboni ukuthi bahlezi phezu kwedayimane ngokuba khona kwedlinza leSilo uCetshwayo endaweni yabo. Uma izinto zingahleleka kahle ngeso lokuvakasha, ngiqinisile ngithi iNkandla ingaphenduka iDubai ngokunotha.
Umlando weSilo uCetshwayo unekhono lokuheha izivakashi ezinhlobonhlobo. Lapha ngikhuluma ngeSilo ukuvelela kwesizwe sayo kwazwakala owayengundunankulu waseNgilandi uBenjamin Disraeli ephawula ngokunengeka ethi, “AmaZulu abantu abaphawulekayo abavelele futhi abanohlonze, bahlula ojenene bempi yethu, baguqula inkolo yobhishobhi bethu, baqeda umbuso waseFuletshi (The remarkable Zulus. They defeat our army, they convert our bishops, and they end one of Europe’s dynasties).
Kuzokhumbuleka ukuthi namhlanje ubukhosi abukho eFulansi ngoba indlalifa okwakulindeleke ithathe isihlalo sobukhosi yajojwa ngomkhonto
yasala enkundleni ibambene phakathi koZulu namaNgisi. Umbuzo uthi ize itholwe Umkhonto yayifunani empini indlalifa yamaFuletshi. Sesingasho ngesilokishi ukuthi yavele yangenwa ukuphapha yazicelela kwiNdlovukazi yamaNgisi ukuthi nayo ifisa ukuba yinxenye yamasotsha amaNgisi ayezolwa noZulu. Sekungumlando ukuthi indlalifa yasala enkundleni.
Nginenkolelo ethi uma idlinza leSilo uCetshwayo lingahleleka ngehlo lobuchule lokuvakasha, izimpilo zabantu baseNkandla, ikakhulukazi labo abakhelene nedlinza leSilo. Okuphuthumayo njengamanje ukubiyela idlinza ngendlela efanele enesizotha. Ukwakha isakhiwo esingaba nezindlu zangasese, isakhiwo esiyigcini-mafa khona belu lapho endaweni yedlinza.
– Iyaqhubeka ngesonto elizayo.

