Now Reading
Amasiko aseMalawi anakho ukuhlobana nawamaZulu
Dark Light

Amasiko aseMalawi anakho ukuhlobana nawamaZulu

 

IMALAWI siyayazi sonke ukuthi yake yaba noMengameli wokuqala woHlanga, uDkt uHastings Kamuzu Banda emuva kombuso wamakoloni aseBritain. Kuyaziwa ukuthi wayengundlovukayiphikiswa  engabafuni ababeyizimbangi zakhe.

Ngokomlando naye uDkt uBanda wake wasebenza ezimayini zaseNingizimu Afrika.Wayebazi kahle ubunzima nokuzabalaza kwabasezimayini.

Wayenobudlelwano obabubukhulu nobabungafihliwe neNingizmu Afrika, isaholwa ngamaBhunu ngaphansi kobuholi bukaNdunankulu uJB Vorster.

Phela abanye bomengameli boHlanga bamanye  amazwe babenobudlelwano basebumnyameni, obabufihliwe. Babelugxeka ubandlululo lwamaBhunu kodwa ebusuku bashayele amaBhunu izingcingo bacele lokho ababekudinga. Ingani amaBhunu ayekusho kahle futhi engakufihli ukuthi bakhona ababezwana, bexoxa nabo kodwa benze sengathi abawafuni emini phambi kwabanye omengameli.

Uma ngingaphazami, ngenxa yalobo budlelwano namaBhunu, kwabe kunzima futhi kungelula ukuba i-ANC, iPAC, iSACP kanye nezinye izinhlangano zibe nemibutho yezempi eMalawi isaholwa nguDkt uBanda. Phela kwakucacile ukuthi uBanda wayezobaceba emaBhunwini. Ngikhumbula mhla zi-5 kuNhlaba ngowe-1991 ngoMgqibelo mhlazane siqala ukuyizwa iphelele yonke ingoma yangowe-1976  yomculi uHugh Masekela ethi: The Coaltrain-Isitimela Samalahle, ukuthi yayiquketheni.

Wayenochungechunge lo mculo ezweni  ngesiqubulo esasithi “Sekunjalo” nowawusetendeni eVillage Green eThekwini, kwelikaMthaniya manje sekuyiseSun Coast Casino.

Wayizeka kahle ngengoma indaba yokufika kwaboHlanga eNingizimu Afrika bakulamazwe.

Ecula ethi: “Isitimela samalahle siqhamuka eNamibia, eMalawi, eZambia, eZimbabwe, e-Angola, eMozambique, eLesotho, eBotswana, eSwaziland, phakathi nenkaba ye-Afrika eseNingizmu ye-Afrika”.

Ukuthi babezosebenza ezimayini eJohannesburg ngejoyini, iThe Employment Bureau of Africa (TEBA) eyaziwa ngoTebha. Babehleli njengezinja emigodini.

Ijoyini lena kwabe kuwuhlelo lokuqashwa ngobuningi kwabesilisa abasebasha ukuba bazosebenza ndawanathize isikhathi esinqunyiweyo.

UTebha wawufana nale ndlela yokufunelwa umsebenzi okuthiwa  iLabour Broker.

Kanjalo neMalawi wayicakula eculweni lakhe leli ukuthi nabo bafika lapha kudala kabi kuleli, bezosebenza ezimayini.

Cishe bafika kudala, uma ngingaphosisi, ngisho ubaba uNelson Mandela noyintanga kababa osizalayo, babengakazalwa ngowe-1918. Kunokwenziwa ngabesifazane mayelana nokuziphatha nokuzigcina. Kuthiwa inhlonipho yabesifazane kodwa asizwa lutho ngeyabesilisa.

Kuthiwa abesifazane abaganile basemakhaya eMalawi basaligcinile futhi basalibambile isiko lenhlonipho nokuziphatha kahle.

Kuyisiko lenhlonipho kwabaseMalawi ukuthi owesifazane angalokothi alethe bukhoma ukudla noma amanzi ezandleni, eduzane owesilisa ongeyena umyeni wakhe.

Kuthathwa njengesenzo esinganambithisiseki ukubona owesifazane elethela owesilisa angamganile okudliwayo nokuphuzwayo  ubuso nobuso.

Uma owesilisa ecela amanzi noma enikwa ukudla abamnikezi esandleni. Bambekela esitsheni esikhulu bakubeke phansi. Uzozithathela aphuze noma adle abonge bese eyahamba  eshiya kanjalo izitsha akade edla ngazo.

See Also

Ukusoka eMalawi esikhathini esiningi bekwenziwa noma kwagqama kakhulu kwaboHlanga abakhuluma isiLomwe kanye nesiYao futhi belandela inkolo i-Islam. Ukusokwa lokhu bakubiza ngeSuna.

Nakhona ukusokwa kwenziwa ngezikhathi zokuvalwa kwezikole

Ngokuhamba kwesikhathi njengamanje ukusokwa sekwaba okwawo wonke umuntu wesilisa. Kanti futhi sekwenziwa yizona zonke  izinhlanga.

Sekwathathwa njengophawu lwenhlanzeko nokunciphisa amathuba okungenwa izifo zocansi njengeHIV ne-AIDS engakalapheki ngokugcwele emhlabeni jikelele. Yingakho sekwaze kwangenelela uHulumeni nabezempilo nawowonke umuntu.

Basokwa ehlathini. Benze amadlangala (amaqhugwane). Izindlu zesikhashana ehlathini zabasuke bezosokwa. Nazo ziyashiswa lezo zindlu uma sekuphothulwe ukusokwa. Bakhona abaya ezibhedlela nasemakliniki.

Kuze kuqinisekiswe futhi nguMnu u-Osuman Kampira waseMalawi, eBlantyre okhuluma isiChichewa. Ungowasemakhaya eChisesere, eNtache uphuza umfula iShire neMdeka.

Kuhlangana bonke abesilisa basemakhaya nezigodi ezehlukene ukuzogcina isiko, ijando. Ikhaya nekhaya lisuke liwenzile amalungiselelo alo mgubho, anjengokucela impilo nentuthuko eyicela kuMulungu (uMvelinqangi).

Kuba yisikhathi sokuzotha kwabo bonke abasuke belapho emaqhugwaneni. Baqondiswa ngezindlela eziningi zokuba ngumuntu wesilisa. Indoda. Hhayi indoda enodlame kwabesifazane.Indoda enobuntu nozwelo. Hhayi unya.

Kunesiko ngelabesifazane elithiwa umsondo. Ngokubona kwabaseMalawi bathi kucishe kufane nokwenziwa lapha esithi umhlonyane okanye umemulo lapho abazali  bekhulisa khona owesifazane  osemncane. Owesifazane uyalwa ngokuziphatha kahle.

Scroll To Top