Now Reading
UPrecious akazimesele ngokuqhuzuka emijahweni emsalele
Dark Light

UPrecious akazimesele ngokuqhuzuka emijahweni emsalele

Uthi unyaka uwuqale ngegiya eliphezulu futhi asekubhekile ukuwusonga kahle


Intandokazi yomsubathi wakuleli uPrecious Mashele uzimisele ngokwenza kahle kwimiqhudelwano emithathu ezayo, lokho kuzokwenza aqhubeke nokuba nonyaka omuhle. UMashele ogijimela iBoxer Athletics Club (BAC) usho lokhu kade ekhuluma nelaboHlanga, emcimbini obekuthulwa kuwo ngokusemthethweni umqhudelwano ozobe uqala ukusingathwa nonyaka iBoxer Super Run 5km. Uzokuba mhla zili-15 ngenyanga ezayo, usukele eSnell Parade Lagoon Drive uphelele eBlue Lagoon Park eThekwini

“Lo nyaka ngiwuqale kahle kakhulu, le mijaho elandelayo iyona ezocacisa ukuthi ngiwuphetha kahle yini. Ngifuna ukwenza kahle kuyona yonke,” kusho uMashele.

Nonyaka ugijime iWorld Athletics Championship Cross Country eBathurst waphuma endaweni ye-16 (30:44), waphula irekhodi lalapha eNingizimu Afrika ku-10km Absa eGqeberha (27:35), waphuma endaweni yesibili kwi-10km Absa eKapa (28:36).

Kwimijaho elandelayo kukhona i-Absa 10km eTshwane ezoba zingama-27 kwephezulu, iWorld Championship Half-Marathon ezoba mhla zimbili ngenyanga ezayo kube iBoxer Super Run 5km.

“Ngifuna ukwenza kahle kakhulu ikakhulukazi lona owenziwe iqembu engigijima ngaphansi kwalo. Ngizimisele ukubeka irekhodi elisha. Okuhle ukuthi lo mqhudelwano uKwaZulu-Natal okuyisifundazwe engithandayo ukugijima kusona ngoba kupholile.”

See Also

Kulo mcimbi bekukhona uRhard Michael wakaPUMA South Africa, uMichael Meyer oyisikhulu esiphezulu kaStillwater Sports, uMarek Masojada oyisikhulu sakaBoxer u-Enoch Skosana we-Athletics South Africa (ASA) uKarlien van Eeden wakaCoca-Cola, uRhyn Swanepoel ongusihlalo weBoxer Athletics Club, uMandla Mngomezulu noSteve Mkasi beKZN Athletics.  UMasojada uthe inhloso yokusungula umjaho webanga lika-5km wukufuna ukunika wonke umuntu ithuba lokugijima.

Kungokokuqala kwizinkampani ezihlonishwayo ukuthi kusungulwe lolu hlobo lo mjaho.

Kwenzeka lokhu nje, iWorld Atheltics isanda kumemezela ukuthi seyisemthethweni imijaho yaleli banga. Phambilini bekugijima noma ubani kuyo. “Silindele abagijimi abalinganiselwa kwizinkulungwane ezine. Nakuba ngingeke ngiveze okuningi kodwa imiklomelo iconsisa amathe. Siqome ukulandela umyalelo weWorld Athletics ngoba leli banga livuleleke kuzona zonke izakhamuzi zakuleli. Sihlela ukuthi ngokuhamba kwesikhathi singeze amakhilomitha. Inhloso yeBoxer ukuthi ngaso sonke isikhathi sithuthukise ezemidlalo kuleli. Okunye ukuthi sizophinde siklomelise umsebenzi waseBoxer ozobashaya emakhanda kulo mjaho,” kubeka uMasojada.

Scroll To Top