Ezokusubatha

JOYINA NGENA
Dark Light

INingizimu Afrika ithi: Libunjwa liseva kwezokusubatha

Bayede News

Isithole ukuthi i-Athletic South Africa (ASA) isigcine isilimemezelile iqembu labasubathi abangama-23 abazomela elakuleli kuma-IAAF World Junior Championships azoqala mhla zili-19 asongwe zingama-26 kuNtulikazi eBydgoszcz, ePoland.

LELI qembu abasubathi abaneminyaka yobudala engaphansi kwengama-20 sinabesilisa abali-16 bese isibhuda siba li-12. Ngaphambilini i-ASA beyimemezele iqembu lesikhashana  ebelinabangama-37. Kukhishwe abali-14. Phakathi kwezethenjwa eziboshelwe kule nqanawe yeqembu kukhona uGift Leotlela noClarance Munyai abazogijima ebangeni le-100m nelama-200m. Laba basubathi be-University of Pretoria (Tuks) bebeyibambe nakumaCAA 20th African Senior Championships abenzelwe eThekwini ngeledlule.

Limi kanje selilonke leli qembu:

Abesilisa:

Ebangeni le-100 nelama-200m:

  • uMunyai noLeotlela.
  • uDerrick Mokaleng (400m).
  • uGeorge Kusche (800m).
  • uMelamu Kabelo (10 000m).
  • uMpho Tladi noThabo Maganyele  (110m hurdles/100m hurdles).
  • uKefiloe Magawane (400m hurdles).
  • uChris Maleya (high jump).
  • uBurger Lambrecht noJason Van Rooyen (shot put).
  • uJohan Grobler no-Eric Wiese (javelin throw).
  • uLeotlela, uMunyai, uPhemelo Matlhabe, uKyle Appel, uThabo uMaganyele noTladin (4×100 relay)

 Abesifazane:

  • Ebangeni le-100 kukhona uTamzin Thomas noCassidy Wiliamson.
  • uThomas noMadia Ehlers (200m).
  • uJeanelle Griessel (400m).
  • uTaylon Bieldt (110m hurdles/100m hurdles).
  • uGezelle Magerman (400m hurdles).
  • uJo-Ane Van Dyk  (javelin throw)
  • uTamzin, uCassidy, uMadia, uTaylon, uJeanelle noGezelle (4×100 relay).
Scroll To Top

Siyabonga ngokufunda iBayede.

Zakhele i-akhawunti yamahhala noma faka imininingwane
yakho uqhubeke ufunde.



Bheka izindlela zokukhokha ongakhetha kuzo.