Ukugcinwa kwamasiko namagugu kumele kuholwe umphakathi ulekelelwa uhulumeni



UDokotela Vusi Shongwe, Emgungundlovu, kwisiFundazwe saKwaZulu-Natal
Kunesikhathi lapho ngangike ngigqugquzele abasebenzi bakahulumeni ngobumqoka bokushayela izimoto zikahulumeni ngendlela efanele. Kunomkhuba ongemuhle wezinye izisebenzi zikahulumeni zokushayela izimoto ngobudedengu ngenkolelo enganamqondo yokuthi imoto akuyona eyakhe ekahulumeni.
Ubudlabha obutshengiswa yilabashayeli kushiya umuntu ekhexe umlomo. Bashayela lezimoto noma kanjani, zingene emigodini emikhulukazi emigwaqeni, zidlule ngesivinini esikhulu kulamagqumana okuthiwa amahampu onhloso yawo ukunciphisa isivinini ukugwema izingozi kanye nokuvikela umphakathi. Umthelela wokushayela ngobudedengu umuntu afake imoto kahulumeni ngamabomu emigodini esabalele emigwaqeni yethu kanye nezinye izindlela zokungashayeli kahle izimoto zikahulumeni kudala izindleko eziningi ezingenaso isidingo.
Kuzikhandla izimoto ngendlela emangalisayo, okugcina ngokuthi imoto igcine ingasakwazi ukusebenza kungaphele ngisho iminyaka emibili ithengiwe iyintsha sha. Bonke ubudedengu bokushayela kabi izimoto zikahulumeni obenziwa yizo izisebenzi kwenzeka sikhona isiqubulo esithi, “ngenza okuhle noma kungekho obonayo”. Mhlawumbe kumele sishintshe lesiqubulo sithi “Ngenza okubi wonke umuntu ebuka futhi anginandaba ukuthi abantu bathini.” Akhohlwe ukuthi empeleni imoto eqinisweni ngeyomphakathi, yimali yabakhokhi bentela lena adlala ngayo.
Ngiye ngishaywe isazelo noma unembeza kuhlangene namahloni uma zona belu izimoto ezisuke zikhahlazwe abasebenzi bakahulumeni sezidayiswa endalini, zidayiselwa abantu abangakwazi ukukhahlazeka ezisuke zidlule kuzo lezozimoto ezizidayiswa endalini yezimoto zikahulumeni.
Kukhona into ebuhlungu ngokuzijwayeza ukwenza umkhuba omubi. Ngeshwa umkhuba omubi ngoba usuke usugxile kakhulu engqondweni, awukwazi ukuhlukanisa noma ngabe isisebenzi sikahulumeni sesishayela eyaso imoto. Kuthi noma kuzameka ukukhumbuleka ukuthi hhayi njalo sengishayela imoto yami manje hhayi ekahulumeni, kodwa umonakalo omkhulu usuke usudalekile emotweni.
Iqiniso lithi abantu nezihlobo ziyabuka futhi ziyabubona ubudedengu bokushayela izimoto zikahulumeni ezinye izisebenzi. Kuyothi kumfica ukuhlwa lona oshayela budedengu eselimaze imoto yakhe, athi uboleka imoto ezihlobeni noma kubangani bakhe bonke balandule ngoba bemazi ukuthi akanaso isandla esihle sokushayela imoto, kungaba ekahulumeni noma ngeyakhe.
Kunehlaya elithi ubonakala kanjani umuntu oshayela imoto edakiwe ezweni laseKenya. Kuthiwa ubonakala ngokuthi ashayele imoto iqonde ingagwegwi. Uma enza njalo, usuke ebudlile ngempela,imvamisa abashayeli eKenya bashayela ngokugwegwa ngenxa yokuthi imigwaqo yaseKenya igcwele imigodigodi.
Kanjalo nencithabuchopho evelele yase-Afrika, uSolwazi u-Ali Mazrui, okukhalipha kwayo ngokomqondo okwaziwa umhlaba jikelele, uphawula ngomunye umbhalo wakhe othi “Ngabe izwekazi lase-Afrika liyabola liyaphela? (Is Africa Decaying?). Ngimcaphuna lapho ethi amazwe aseNtshonalanga asevakashele emkhathini noma enyangeni izikhashana. Lapha e-Afrika sisashukashukwa ukuphokophela ukuya ezigodini emakhaya; nazo lezo zigodi asikwazi ukufikelela khona ngoba ziyehlela, nemigwaqo ekhona iyagubheka usuku nosuku akekho nozinakile. Uze athi umfo kaMsweli ebikezela ngezimo zokuhamba emigwaqweni “uyabona loyamgwaqo ngendlela omubi ngayo kufanele ukhishwe awukho emgwaqeni.”
Sasho sathi bha isithombe mfundi kunjalo. Uqinisile uSolwazi Mazrui lapha e-Afrika uma izimvula zinile mancane amathuba okufinyelela ezigodini esifisa ukuyofinyelela kuzo. Umbuzo uthi, uma njengeZwekazi lase-Afrika sisahluleka ukufinyelela ezigodini ezasemakhaya, asikhohlwe ukuthi njengama-Afrika soke silibeke unyawo enyangeni.
Ngithe angilundlalele udaba olubucayi engifisa ukukhuluma ngalo. IsiFundazwe iKwaZulu-Natal sihamba phambili ekubungazeni nasekuqhambiseni lokho okungamagugu kuso. Lapha ngikhuluma ngokwakha amatshe ezikhumbuzo kanye nawamathuna.
Ngokwakha imifanekiso yamaqhawe ethu abavelela ngezindlela ezahlukene kwisiFundazwe kanye nakuZwelonke. Ngaphandle kokuthi ngisine ngizishayele ihlombe, ngiyafisa ukudlulisa ukubonga kwami ethimbeni labasebenzi bakaHulumeni ebengilihola ukubungaza amaqhawe ethu ngokwakha amatshe ezikhumbuzo, amatshe amathuna akhelwe amaqhawe namaqhawekazi emikhakha ehlukene kanye nezisulu zokungqubuzana. Ithimba engikhuluma ngalo aliliningi kodwa amagalelo alo ayamangalisa. Ngibala uDkt Brian Thusi osewadlula emhlabeni, ngiyabonga Mfene.
Oshicilelweni olwedlule ngilande kabanzi ngobumqoka kokulondolozwa komlando namagugu kwelikaMthaniya. Ngifisa ukuqhubeka lapho ngigcine khona ngibonge insizwa ekhaliphe kakhulu ngokomqondo eseyashiya kuHulumeni yayiqhubeko nomsebenzi olubizo kuye. Lapha ngikhuluma ngoMbhishobhi omkhulu weBandla lama-Anglican uBishop uDokotela Vikinduku Mnculwane, ngiphinde ngibonge uMfundisi waseLuthela uMama uBongiwe Nzama okunguye futhi onolwazi olunzulu ekufakweni nasekwakheni kwamatshe ezikhumbuzo, amathuna kanye nokwakha imifanekiso.
Ngibonga lezintokazi ezilandelayo ngokusebenza ngokuzikhandla ekuqhakambiseni amaqhawe Kanye namaqhawekazi esiFundazwe saKwaZulu-Natal. Lapha ngiqondise uThandeka Dlamini, uJabu Zondi, uNqobile Ngema owayephinde futhi abe ngu msizi womuntu siqu wami (personal assistant), uSphephile Masuku, uJoyce Zondi, uThuthu Mthethwa. Ngidlulisa ukubonga kwami kumfowethu uSboniso Dlamini. Ngigcine ngomfowethu uDokotela Dumisani Ngcobo ojoyine uphiko lwezamagugu eminyakeni embalwa edlule.
Angikopele kumculi odumile uCalvin Cordozar Broadus Jr., odume ngegama likaSnoop Dogg, ongasabi ukuzincoma yena ngokuthi ngithi nami ngiyazincoma ngomsebenzi owenzekile ngaphansi kobuholi bami.
Ngiyafisa ngokukhulu ukuzithoba ukubonga uSolwazi Jabulani Hulumeni Maphalala esasivika naye izimamba sivakashela izindawo zomlando kanye namagugu esifundazwe. Ulwazi lwakhe olunzulu kwezomlando lusisize kakhulu kumkhankaso wethu wokuhlonza izindawo zomlando nezamagugu.
Ngingasikhohlwa kanjani isigameko mhla sivakashele indawo okwakuyisigodlo seSilo uDinuzulu endaweni okuthiwa kuseMkhontweni. Wathi eyichaza uSolwazi wezwakala esehuba ethi “Uyoze alwe nini uZulu.” Ihubo leli elahutshwa iSilo uDinuzulu mhla amaNgisi embopha. Sithi ume njalo Msuthu. Amagalelo akho siwabonile futhi ayancomeka. Msuthu! Into engisukumisile ukuba ngibhale ngalesihloko engibhala ngaso ubudedengu Kanye nokuNGAgcinwa ngendlela ehloniphekile yezindawo lapho uHulumeni efake khona amatshe ezikhumbuzo, amathuna kanye nemifanekiso.
Muhle impela umsebenzi uHulumeni awenzile ngokubungaza amaqhawe kanye namaqhawekazi ngendlela ekwenzeke ngayo. Lomsebenzi omuhle uHulumeni awenzile udicikela phansi, usuku nosuku ngenxa yokunganakelelwa (maintenance) ngendlela efanele kwazozonke izindawo lapho kufakwe khona amatshe ezikhumbuzo kanye namathuna. Lapha ngingabala indawo yaseShobashobane, yaseMahhehle, eDonnybrook kanye naseBergville. Lezindawo izindawo lapho kulele khona izisulu zokugqubuzana (victims of conflict). Uphiko lwamagugu likaHulumeni engiliholayo lwajutshwa ondunankulu abahlukene ukuba kwakhiwe amatshe amathuna kanye nezindonga zezikhumbuzo.
Inkinga enkulu njengoba sengiphawulile ukunganakeleki kahle kwalezindawo okubuye kudalwe ipolitiki eshibhile, kufanele abakuleli likaMthaniya bakhumbule ukuthi bangobani bangaMA-Afrika abahloniphayo asebalala. Ukuthi balala beyiqembu akufanele nakancane kube yinto okufanele kukhulunywe ngayo elami lithi abahlonishwe abalele.
Ngakhoke oMasipala lapho kukhona khona lezindawo lapho kwakhiwe khona amatshe ezisulu zokungqubuzana ngiyabanxusa ngenkulu inhlonipho ukuthi kungakuhle basebenzisane noMnyango wezemidlalo, ubuciko kanye namaSiko ngokuthi kwenziwe amamorandamu okuqonda (Memorandum of Understanding) ukuqikelela ukuthi lezindawo zihlale zinakelekile ngendlela efanele. Kungagcini ngalezindawo zezisulu zokugqubuzana; ngisho nalezo ezinye okwakhiwe amatshe ezikhumbuzo nazo zigcinwe ezigabeni ezihloniphekile.
Okubuhlungu kakhulu okungisukumisile ukuba ngibhale lomnikelo ukucekelwa phansi (vandalism) kwamatshe uHulumeni awafakile ukubungaza amaqhawe namaqhawekazi ethu. Kungesinye sezizathu sokubaluleka kokubambisana phakathi kaHulumeni wesiFundazwe kanye noMasipala ekutheni izindawo zomlando lapho kufakwe khona amatshe ezikhumbuzo, amathuna kanye nemifanekiso azigcini nje ngokunakelelwa kodwa zivikelwe futhi. Ake ngiyeke ukukhuluma ngesisoka ngikhulume okusenhliziyweni yami. Akukhathalekile ukuthi i-ANC noma i-IFP ephethe uMasipala, okubakululekile ukuthi izindawo lapho kulele izisulu zokugqubuzana, lapho uHulumeni efake khona amatshe ezikhumbuzo, azihlonishwe zigcinwe zisesimweni esifanele.
Ukugcimwa kwazo esigabeni esifanele kuyobe kuhambisana nenkambiso yesimo soBuntu. Ngakhoke oMasipala baseShobashobane, eMahhedle, eBergville, eDonnybrook, kanye nezinye izindawo ezisazovela lapho kulele izisulu zokugqubuzana balindeleke ukuba babambisane noHulumeni wesiFundazwe, ikakhulukazi nophiko lwezamagugu emnyangweni wezemidlalo, ubuciko kanye namaSiko ukugcina lezindawo zihloniphekile futhi zihlonophekile. Kufanele kungagcini kuphela ngalezindawo, kodwa zonke izindawo eihlobe ngamagugu aleli likaMthaniya.
– Iyaqhubeka ngesonto elizayo.
UDokotela Vusi Shongwe Emgungundlovu, kwisiFundazwe saKwaZulu-Natal