Now Reading
Ikhono lokugcina isifuba liya nohlobo lwesizwe
Dark Light

Ikhono lokugcina isifuba liya nohlobo lwesizwe

Dkt uMpumelelo Mbatha

ZIKHONA izizwe ezinezifuba ezikwazi ukugcina izimfihlo zingazikhiphi ngisho noma ngabe umuntu wethenjiswa izulu nomhlaba. 

Isizwe samaZulu singesinye sezizwe ezinesifuba ezikwazi ukuzigcina izimfihlo zihlale zingaphumeli ngaphandle.  Abantu abadala yibona kakhulu abanesiphiwo esikhulu sokukwazi ukugcina izimfihlo.  Akulula ukuthola lokho umuntu omdala asezitshele ukuthi ngeke akukhiphele omunye umuntu noma ngabe sekuthiwani.  Zithi zikhona izizwe ezikwazi ukugcina izimfihlo iminyaka zingaphumi nangengozi kube kukhona lezo okuthi uma sekukhona okuzimpintshele ekhoneni zivele ziluhlube udlubu ekhasini.

AmaZulu ayakwazi ukugcina izimfihlo zomndeni kanye nezesizwe sonke.  Kukhona okuyizimfihlo zemindeni ongeke ukwazi ukukuthola noma usuthanda kangakanani, bese kuba khona nalokho kwesizwe okulondolozwa kungakhishwa noma ngabe kukhona umuntu okumxakile.  Ezinye izizwe zikwazi ukuyikhipha imfihlo ziyenekele izwe umuntu aze akhiphe nokungadingekile.  Umuntu ukhipha konke okuyimfihlo kugcine sekwaziwa ngisho nawumuntu obekungafanele nhlobo akwazi.  NakumaZulu kuhamba kuhambe babe khona abangenazo nhlobo izifuba zokugcina izimfihlo.

Laqhamuka kanjalo phela igama lesiZulu elithi uvovoliyakhipha.  Ngovovoliyakhipha kusuke kuqondiswe kumuntu ongakwazi ukuhlala nalokho okuyimfihlo akugcine kuye.  UmZulu imfihlo uyiphika aze afunge agomele ukuze kubonakale ukuthi lokhu okubuzwayo akakwazi ngempela.  Ongazi ukuthi kufanele aphike uma kuphikwa, uyatshelwa ukuthi aphike.  Savela kanjalo isimo sokukhuluma esithi, “Phika Mphezeni kuyaphikwa.”  Kwakutshelwa owabe engaqondi ukuthi lokho okubuzwayo kuyimfihlo okungafanele nakancane ikhishelwe ngaphandle.  Okuphikwa yiwo wonke umuntu kufanele kungavunywa ngaphandle uma ke umuntu eyiwesheweshe.

Abantu abadala bahlala nezigaxa zezimfihlo zemindeni ezigcinwa yizifuba zabo.  Izalukazi yizona ezihamba phambili ngendaba yokugcina izimfihlo zemindeni.  Imizi eminingi imi njena imiswe yizimfihlo ezigcinwe yizalukazi ezaziwa yizo kuphela.  Uma kwenzeka umalokazana ezale ilongwe futhi izalukazi zikuqonda kahle zingenalo noluncane ungabazane ukuthi ingane ezelwe iyilongwe, ziba nendlela yokuphathwa kwelongwe lelo.  Uma kwenzeka ilongwe likhala liba wuqanduqandu lingafuni nhlobo ukuthula, izalukazi ziyamkhipha umalokazana zithi akayothulisa ingane phandle.

Uma zimkhipha zithi makaye phandle umalokazana zisuke zingamncengi zisho zimsheshisa ukuthi makaphume nengane.  Njengoba zithi makaphumele phandle nengane zisuke zazi kahle kamhlophe ukuthi leyo ngane akuyona eyalapha ekhaya.  Uzothi angaphumela nayo phandle umalokazana bese eyithakazela ngezithakazelo zakubo ivele ithule ingane.  Ubuyela nayo endlini umalokazana isithule mhlawumbe isiphethwe yisilokozane kwazise kade ikhala kakhulu kodwa ibuye ingasakhali.  Ukhona ongasibona njengesenzo esibi kabi lesi sezalukazi sokuvuna okungalungile, kodwa izalukazi zansondo zona zisuke zakha umuzi ukuze ungabi amanhlalunhlalu.

AmaZulu awezwani nhlobo nokubhala phansi, ikakhulukazi lokho okufanele kugcinwe kube yisifuba esingaphumeli ngaphandle.  Ezinye izizwe zikukhonze kakhulu ukubhala konke ezikushoyo.  Kuthi kukhulunywa ubone umuntu esenamathele ephepheni ipeni lilokhu ligijime phezu kwephepha unomphela.  Kukhona owathi abanye babhala baze basho nokuthi umuntu ukhwehlele kangaki.  Selukhona kodwa nakumaZulu lolu hlobo oluthanda ukubhala phansi konke okushiwoyo ngisho noma ngabe lokho okuxoxwayo kuyimfihlo.  Ukubhala phansi konke okushiwoyo kunobuhle nobubi bakho.

Okubhalwe phansi kuhlala kunjengoba kunjalo kungaguquki nakancane ngisho emveni kwesikhathi esingakanani.  Kusho ukuthi uma kukhona okudingayo kokuthile okwakhulunywa ngakho esikhathini eside esedlula uyakwazi ukubuyela embhalweni ukuthole lokho okufunayo futhi ukuthole kunjengoba kwakhulunywa ngababethamele umhlangano uma kuwukuthi kwakusemhlanganweni kubhalwa lokho.

See Also

Okufike kube kubi kulokhu okubhaliwe wukuthi kuthi umuntu esephike wema ngentaba kumbe wahlanza akudle ngayizolo ngolwazi oluthile, bese kuvele kukhishwa ubufakazi obubhaliwe bubekwe phambi kwakhe.  Buthi bungabekwa phambi kwakhe ubufakazi, bese inhlanzi ishelwa ngamanzi, umuntu ajiyelwe wukwenzenjani.  Kusuke sekunzima ukuphika ngoba ubufakazi sebuhlezi obala bubhalwe phansi.

Ezimweni ezinjengalezi amazwi athi, “Phika Mphezeni kuyaphikwa” awabi nandawo kwazise ubufakazi  bubhalwe phansi bubonwa ngisho nayingane esakhasela eziko.

Uma kukhona udaba oluyimfihlo ongafuni lwaziwe yinoma wubani, kufanele uqale uvule amehlo ubheke ukuthi sizwe sini leso ozoxoxa naso lolo daba.  Kwezinye izizwe kunzima ukugcina imfihlo ezimweni ezithile.

  • UMpumulelo Mbatha umhleli wesiChazamazwi sesiZulu
Scroll To Top