Now Reading
Kuthi cosololo ku“Sugar Boy” ngezinga lamankomane kwelikaMthaniya
Dark Light

Kuthi cosololo ku“Sugar Boy” ngezinga lamankomane kwelikaMthaniya

Umakadebona kwenzamankomane uThulani “Sugar Boy” Malinga uthi kuyamjabulisa ukubona isibhakela sidlondlobala KwaZulu-Natal. Eminyakeni edlule lo mdlalo ubuthakaselwa kakhulu abathandi  bezemidlalo, kude kuthe ngonyaka wezi-2010 kwaqala ukushabalala kwawo.

Okwaba imbagela enkulu ukuthi kwamiswa ukusakazwa kwawo bukhona, kwazise kwabe kuneNdebe YoMhlaba kanobhutshuzwayo eyayikuleli. IKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape izona zifundazwe ezabe zenza kahle kulo mdlalo.

“Kuyinto enkulu ukubona ukuthi isibhakela sesiyabuya kancane kancane KwaZulu-Natal. Lo mdlalo ugijima emthanjeni yethu yegazi, bekubuhlungu ukuwubuka ushabalala ngalendlela ebekwenzeka ngayo. Thina esibadala kulo mdlalo besike sihlangane, sisho ukuthi impela kuliphupho lethu ukuthi ubuyele kulesi sigaba owawuyiso phambilini. Ngokubona kwami ukuhosha izinyawo kwabaxhasi ikhona okwenze wangabe usanakeka kakhulu,” kusho uMalinga.

Uphethe irekhodi elingasoze laguquka, lokuba ngumpetha wokuqala kuleli ukunqoba ibhande leWorld Boxing Council (WBC) esisindweni seSuper Middleweight.  Leli bhande lihamba phambili kwamane amakhulu emhlabeni okukhona eleWorld Boxing Association (WBA), iWorld Boxing Organisation (WBO) nele-International Boxing Federation (IBF).

See Also

Leli bhande le-WBC lake laphathwa nawuMohammed Ali wase-United State of America (USA) ongasekho emhlabeni. Kanti lapha eNingizimu Afrika owalandela uMalinga ngokuphatha leli bhande uDingaan “The Rose of Soweto” Thobela. Ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi uMalinga esibhakeleni esikhokhelayo walwa izimpi ezingama-57 wanqoba ezingama-44 wahlulwa kwezili-13.

“Kuthiwa wathinta abafazi wathinta imbokodo, kungijabulisile ukuthi ngempelasonto ezayo ophromotha besifazane esifundazweni  bazoqhatha izimpi zabesifazane. Ngiyafisa kube isiqalo esisha kubona ukuthi babambisane bengabe besayeka. Akekho ongazi ukuthi into ethintwe umuntu wesifazane iphenduka igolide. Ngalokho ukubambisana kwabo kungaba ezinye izinto ezizobuyisa isithunzi salomdlalo nabalandeli bawo. Ngibafisela okuhle kodwa. Izimpi zabo zihehe abaxhasi,” kusho uMalinga.

Scroll To Top