Now Reading
UKomphela uthi aluhambe lushone Usuthu akayi ndawo u-Akpeyi
Dark Light

UKomphela uthi aluhambe lushone Usuthu akayi ndawo u-Akpeyi

kazibekile phansi amaqembu agijima kuDSTV Premiership njengoba lisavulile iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

ElaboHlanga likulethela zona zinjengoba zinjalo. Intatheli yaleli phephandaba uZipho Singela uzilethela zishisa.

  Daniel Akpeyi

USteve Komphela ushaya phansi ngonyawo ngoDaniel Akpeyi obefunwa uthuli AmaZulu FC.

Usuthu lufuna ukuqinisa iqembu lalo ngokwengeza omunye unozinti onesipiliyoni.

ElaboHlanga lihoshe izindaba zokuthi ithimba labaqeqeshi lifuna ukufaka umbango kuVeli Mothwa okunguyena ozitamuzela ngesikimu kuleli qembu elizinze eMoses Mabhida Stadium.

UKomphela utshele izikhulu zeSwallows ukuthi akazimisele ukudedela u-Akpeyi. Uziyalele ukuthi zimnyusele iholo ukuze aqhubeke ahlale eqenjini.

Kumanje izingxoxo ziyaqhubeka phakathi kuka-Akpeyi neSwallows ngokuthi anyuselwe imali.

U-Akpeyi usize iSwallows yavika izembe ngesizini edlule. Emidlalweni eyisishiyagalombili akazange angenelwe yigoli emidlalweni emihlanu.

Ufika iSwalllows ivika izembe kodwa wagcina ngokuyifaka kuTop 8 okuholele ekutheni ingene kuMTN8.

  Thabo Cele

Usafuna ukuhlala phesheya kwezilwandle uThabo Cele ogaqelwe yiKaizer Chiefs neSekhukhune United.

UCele usalelwe yinkontileka yonyaka neqembu lakhe ePoland. Muva nje ubegijima kuBafana Bafana ngesikhathi idlala kuCosafa Cup.

ISekhukhune sekuphele inyanga yafaka isicelo sokumsayinisa. Emasontweni amabili adlule neChiefs ifake esayo isicelo.

ElaboHlanga lithole izindaba zokuthi uCele usafuna ukuhlala phesheya kwezilwandle. Uzobuya kuleli uma egcina ehluleka wokuthola elinye iqembu phesheya kwezilwandle.

See Also

Inhloso yakhe enkulu wukuqhubeka adlale phesheya. Kuvela ukuthi kuneqembu elidlala esigabeni esiphansi e-Italy elifuna ukumsayinisa.

Iqembu lakhe selikubeke kwacaca ukuthi angeke lime endleleni yakhe uma kukhona iqembu elifuna ukumsayinisa. Lizimisele ngokumdedele ahambe mahhala ngoba akekho ezinhlelweni zomqeqeshi.

  Mswati Mavuso noMxolisi Kunene

Isabambene ngezihluthu phakathi kukaMswati Mavuso noMxolisi Kunene abangekho ezinhlelweni zikaPablo “Cijimpi” Martins ocija AmaZulu.

Bobabili la badlali sebeke babizelwa ehhovisi elikhulu loSuthu ngenhloso yokuthola isisombululo ngekusasa labo.

Usuthu lufuna ukunqamula izinkontileka zabo. ElaboHlanga lithole izindaba zokuthi izikhulu zoSuthu zifuna ukunqamula izinkontileka zabo.

“UMavuso usalelwe yinkontileka yeminyaka emibili kuMaZulu. Akakaze adlale selokhu afika. Kunomunye umqeqeshi ongaphakathi ofake umoya wokuthi axoshwe. Iqembu limnike inkontileka yokuthi kuhlukwane enesivumelwano wokuthi akhokhelwe izinyanga eziyisithupha. UMavuso akayizwa eyezinyanga eziyisithupha. Okungenani ufuna ukunikwa umholo wonyaka nemali yokusayisa yale minyaka emibili. Njengamanje ujima yedwa eceleni. UMxolisi Kunene naye ubhekene nesimo esifanayo. Yena-ke usalelwe ngunyaka. Iqembu lifuna ukumnika izinyanga eziyisithupha. Ngeke azamukele. Ufuna imali yezinyanga eziyishumi nambili,” kubeka umthombo othembekile.

Scroll To Top