U‘Sugar Boy’ uzohlonishwa indodakazi ngesibhakela esinenkosi phakathi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kujwayelekile ukuthi uma umuntu engasekho emhlabeni kube ukuthi useyaqala uyahlonishwa ngokuthi kwenziwe imiqhudelwano kusetshenziswe igama lakhe. Kodwa indodakazi kaThulani “Sugar Boy” Malinga, yenze okuhlukile njengoba izohlonipha uyise esadla anhlamvana.
UFundi Malinga uzoqhatha okokuqala esibhakeleni, lezi zimpi kulindeleke ukuthi zibe mhla zili-12 ngoNhlolanja ngakubo eMnambithi. Okugqamile ukuthi kulezi zimpi kuzobe kuqhathwe okokuqala ibhande lenhlangano entsha iWorld Alliance Boxing Association (WABA).
Kuqhathwe ingqwele kazwelonke uMapule Ngubane no-Emily Kabwalo empini yesisindo se-Middleweight. IWABA yasungulwa ngu-Onesmo Ngowi owabe enguMengameli we-International Boxing Federation (IBF) e-Africa ngonyaka wezi-2019.
“Kuyinto lena ekade ngiyifisa yokuthi ngelinye ilanga ngibe uphromotha kodwa bengisafuna ngiqale ngisebenze emazingeni aphansi ngingaxhamazeli futhi ngingavele ngiqhamuke sengivumbuka nje. Angifuni ukusebenzisa igama likababa noma ikanjani kodwa ngifuna kube ukuthi lisebenza ngendlela efanele kutshengise ukuthi kuhlonishwa umuntu ongumpetha. Isibhakela into engiyithandayo engangifisa ukuyidlala kodwa ubaba wanginqabela. Sisebenze kakhulu naye sifukula lo mdlalo emazingeni aphansi, ngalokho ngiqonde ukuthi ngiyayazi into engiyenzayo” kusho uFundi.
Kwezinye izimpi ingqwele kazwelonke kwi-Middleweight uJohn “Section 29” Bopape wase-Alexandra, eGoli uzovikela isicoco sakhe ku-Ayanda “Nyamazane” Mthembu waseMandeni kodwa osezinze eThekwini. Kwenye impi ingqwele yaKwaZulu-Natal kwi-Flyweight uNjabulo Buthelezi ubhekene nomqansa wokuvikela ibhande lakhe kuThami Luthuli.
UFundi njengoba esenguphromotha unomqansa wokulandela abesifazane baKwaZulu-Natal asebezakhele igama okunguNomvelo-Magcaba Shezi weMvelo Boxing Promotions, uZandile Malinga weStarline Boxing Promotions noHlengiwe Sithole weHle-Jobe Boxing Promotions.
“Ngiyawazi umsebenzi ongihlalele. Laba besisifazane basebenzile kakhulu, nami ngifuna ukwandisa isibalo sopromotha besifazane abenza kahle. Kulo mdlalo jukhonya abesilisa nami ngifuna ukubalwa nabantu abakuqedayo lokho” kubeka uFundi.
Ubalule nokuthi ngalezi zimpi uma kukhona abanothando lokulekelela bengasifaka isandla, ngoba bafuna ukwenza ingqophamlando yezimpi ngenhloso yokuhlonopha uyise. UMalinga ekhuluma nelaboHlanga uthe kuyamjabulisa ukuthi uhlonishwa esadla anhlamvana.
“Lokhu okwenziwa indodakazi yami kuyinto enkulu impela, ngangithembe ukuthi kokwenziwa amadodana ami kodwa aze ahamba emhlabeni engakwenzanga kuyangijabulisa ukuthi namhlanje kuzokwenzeka. UFundi unothando olukhulu lalo mdlalo ngamnqabela ukuthi abe umshayisibhakela, ngoba ngangimcabangela ukuthi uma eshawa koba buhlungu kimina. Kodwa lokho akumqedanga amandla, ngoba ubesebenza nami ngithuthukisa lo mdlalo ezindaweni eziningi uhlezi enami” kusho uMalinga.
Wazakhela ugazi ngesikhathi eqopha umlando eba ibhokisa lokuqala lapha eNingizimu Afrika ukunqoba ibhande le-World Boxing Council (WBC) ngonyaka we-1996. Lo makadebona wamangaza umhlaba ngesikhathi efaka amangqimungqimu uNigel “Dark Destroyer” Benn, ngakubo eNgilandi. Wayeqeqeshwa uNick “Mthakathi” Durandt ongasekho emhlabeni.
Kubukeka izinga lamankomane lehlile uma liqhathaniswa neminyaka edlule, uMalinga ephawula ngalokho uthe: “Kuyadumaza impela ukuthi izinga lamankomane lehlile. Njengoba sihlanganile singosomankomane abalwa kudala, inhloso bekuwukuqhamuka nomhlahlandlela wokuthi sibuyise isibhakela ezingeni eliphezulu” usho kanje. Ubalule nokuthi ufisa zonke ezemidlalo zisekwe ngendlela efanayo, kungakhethwa iphela emasini.