Now Reading
Kunamagama olimi lwebele okudinga uwetshise ukuze uwaqonde
Dark Light

Kunamagama olimi lwebele okudinga uwetshise ukuze uwaqonde

Ngafunda isifundo engangithi ngiyasazi ngisinakile kanti ngishaye phansi kwashuqa uthuli.Ngafunda ukuthi ulimi lwebele noma yiluphi ungazitsheli ukuthi uyalwazi, uyakwazi ukulukhuluma, ukuluxoxa, ukulubhala, ukulufunda nokuluqonda, ngoba kukumthethosisekelo wezwe, ukukhuluma ulimi osuke ufisa ukubalula ngalo, ekubeni uyazikhohlisa.

Kwakungamzukwana kukhulume omunye ethi, akenzi izinto njengoba kwenza ukhubusi ezweni. Ngalimunyunga, ngaletshisa leligama, ngafika endlini ngadonsa izichazamazwi ngalicinga, ngalithola igama ukhubusi, ukuthi wayeqonde ukuthi uquqaba abantu abaningi, abayinqwaba.

Ngamanye amazwi isahluko sokuqala esisencwadini yomthethosisekelo, kwisigaba sesi-6 (1), esibhalwe ngokuthi, izilimi. Izilimi ezisemthethweni waseNingizimu Afrika, yiseSepedi, Sesotho, Setswana, siSwati, Tshivenda, Xitsonga, Afrikaans, English, isiNdebele, isiXhosa nesiZulu.

Nokwakuyintokozo ukuzwa izindaba ezimnandi ukuthi sekuzokwandiswa ngolimi okuthiwa; Sign language, umpawuliminkulumo, okhulunywa ngabangakwazi ukuphimisa amagama nokuzwa ezindlebeni, seluzoba njengolunye ulimi lwebele olusemthethweni ngowezi-2023,ngaphansi komthethosisekelo waseNingizimu Afrika we-1996 njengolimi iKhoi-San.

Sesiyanxusa, sesiyacela, ngingaqali ukubhala ukuba sigayelwe lezizincwadi zomthethosisekelo waseNingizimu Afrika. Kwazise abanye bethu basasebenzisa ezangowe-1996, izincwadi somthethosisekelo waseNingizimu Afrika. Ngakho-ke uhulumeni akenze njengoba enza ngowe-1996, lapho sasizithola emaposini ehlukeneyo, zibhalwe nangezilimi ezingafani. Akenze njengoba asungula isikhwama sesibonelele sama-R350.00, okunomphakathi osizakala ngalemali.

Ngakolunye uhlangothi sithola ukuthi,waze wadlula emhlabeni uMnu uRobert Mugabe ngowezi-2018 owayengumengameli waseZimbabwe. Wayelokhu egxeka enhlanganweni yamazwe abumbene ophikweni olubizwa, UN General Assembly nolweSecurity Council.

Wayetshengisa ngokukhuluma uMugabe, ukuthi wayengesabi ukubulawa isinyelele, engazenzisi njengosihlalo we-African Union ngowezi-2016.

Amanye awo ayewasho kwiGeneral Assembly ngowezi-2016, ayekhala egxeka ngokubukelwa phansi kwezilimi zaboHlanga base-Afrika ngamazwe aseNtshonalanga, ethi: Koze kubenini silokhu sikhuluma izilimi zabo zebele (izilimi zabase-Europe), zibe zifa ezethu izilimi zebele.

See Also

Ngeshwa uMugabe washona engakatshengisi ukuthi ayekhuluma ngakho wayesekwenza eZimbabwe nasezinhlanganweni zamazwe ehlukene ukukhuluma ngolimi lwebele lwakubo uma ethula izingxoxo.

Mhlawumbe, ukube ubesaphila uMugabe wayezoqhubeka nokukhuluma ngolimi lwesiLungu ngisho esephalamende laseZimbabwe njengoba kwenza bonke aboHlanga abasephalamende, abakomasipala, abavela komathelevishini, nakwezinye izindawo eNingizimu Afrika. Lezi zinkulumo zikaMugabe sezikhulunywa ngabanye ngesiLungu, sengathi zintsha. Abazami ukuchaza, okungumengameli waseNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa nomphathiswa uNaledi Pandor (2023), ukuthi sebephinda okwashiwo ngabanye phambilini, ngoba esashona uMugabe okwakunguyena owayebelesela ngalamazwi.

Kadeni, abantu bayathanda ukukhuluma izinkulumo ezakhulunywa ngabanye, sengathi babengabokuqala ukuzikhuluma, baze bashayelwe ihlombe ngokwakukhulunywe ngabanye. Bazi kamhlophe ukuthi ababona abokuqala ukubalula lawomazwi.

Scroll To Top