Intengo yeToyota Vitz ihambisana nokuthola kuyo

Akulula ukubakhipha egemini kwaToyota kuzona zonke izigaba zezimoto ngoba kuthi kusavalwe ngapha baphume ngale. Kulokhu bazicuphile izikhala ngoba baqhamuke nemoto ezokwazi ukumelana nobunzima besikhathi esiphila kusho.
Ukunyuka kwentengo kaphethroli, okuholela ekunyukeni kwezinto eziningi kwenza nabathengi bezimoto bacabange kabili ngohlobo lwemoto olungeke labagqobhoza iphakethe. IToyota Vitz umncanyana ovala indawo yeToyota Ayga engazange iyithole indawo ezinhliziyweni zabathengi bezimoto kuleli.
Le moto empeleni isesigabeni seSuzuki Celerio eyethulwe ngasekuqaleni konyaka odlule. IVitz nguyena uthunjana wakwaToyota ezimotweni ezisesigabeni esiphansi ezibizwa ngama-entry level. Injini yayo ikhiqiza amandla afinyelela kuma-49 kW kanye ne-torque engama-89Nm. Kuphethroli uma uzoyishayela kahle icaphuma amalitha amahlandla ngebanga lika-100km, kanti uma uzohamba ngebanga elingaphansi kwalokho idla amalitha angu-4.5 litres ngo100km.
Uma udinga amandla khohlwa, kodwa okuhle ngayo ukuthi ikuthatha ikubeke futhi nakuphethroli yonga ngendlela eyisimanga. Injini engu 1.0 litre XR iphuma nogearbox oshintshwayo. Okuqaphelekayo ngayo ukuthi ikahle uma uzozungeza ndawonye njengasemadolobheni, ngoba uma usuzothatha uhambo olude iyezwela futhi nakuphethroli ishaya kakhulu.
Ingaphandle nephakathi
Uma ungumuntu othanda ubukhazikhazi akumele uzikhohlise ngoba lena yimoto nje ejwayelekile. Angikusho kodwa ukuthi ingaphambili layo linakho ukugoloza kuhle kwezimoto ezinkulu, kepha ingemuva alishayi khona. Iphuma namalambu enkungu engeza ubuhle ngaphambili, amasondo angu 15 inch aphuma nerimu ethi ayizishaye sasporty.
Izihlalo zayo ziyindwangu eqinile futhi empunga engabambi kalula ukungcola. ISpeedometre sigqize ngombala osasiliva. Yize kuyimoto encane kodwa ngibethulela isigqoko kwaToyota ngokuyifana itouch screen esiqukethe okuningi njenge-Bluetooth ne-Apple CarPlay. Njengoba kuyimoto encane isikhala sayo ngaphakathi asikhalisi neze.
Abantu abathathu bayakwazi ukuhlala bakhululeke ngemuva, ngisho noma ngabe kukhona umqangabhodwe wensizwa. Isikhala sebhuthi singama-295 litres, kanti izihlalo zangemuva ziyakwazi ukulala kwande isikhala. Emigwaqeni emigodigodi ebheke eMbumbulu ayizweli ngoba ithe ukulishiya igabade. Amagiya ayazishibilikela futhi angena kalula, akudingi nokuthi uze usebenzise amandla kwi-clutch.
Ukuphepha
IVitz ngiyibona kuyimoto ekahle engaba yisipho sikaKhisimusi kumuntu ongasokoli enganeni yakhe. Ngikusho lokhu ngoba kwaToyota benze isiqiniseko sokuthi bayibeka ezingeni elikahle kwezokuphepha, kwazise izimoto ezincane imvamisa zithengwa iningi labantu abasuke beshayela okokuqala. Ngaphambili iphuma nè-airbag ohlangothini lomshayeli nephasenja. Amabhande angaphambili abambana ngqi futhi liyakwazi nokulawula ukuthi likhale uma lingafakiwe. Ngaphezu kwalokhu iphuma ne-ABS, i-Vehicle Stability Control, i-chikd lock, I-Electronic Brakeforce Distribution ne-ISOFIX esiza ekutheni ingane ivikeleke.
Service Plan: Iminyaka emibili ebangeni lama-30 000km
Warranty: Iminyaka emithathu ebangeni lama-100 000km
Intengo Ngesikhathi Sokuloba
Vitz 1.0 MT: R189 900
Vitz 1.0 XR MT: R219 900

