Now Reading
Ishubise umbango zisuka iSuzuki Fronx
Dark Light

Ishubise umbango zisuka iSuzuki Fronx

Ungacishe udideke uma ubiza igama layo kanti uyishaye emhloleni.

Yize ingazange iwudle umhlanganiso embangweni wemoto yonyaka eNingizimu Afrika iSuzuki Fronx, kodwa ukuvelela kwayo akwethusanga ngoba kwacaca yethulwa nje ngonyaka odlule ukuthi izoya kude. Sekungumlando ukuthi iFronx inqobe isicoco emkhakheni weBest Budget and Compatible Vehicle yaphinde yalala isibili embangweni wemoto yonyaka okhale wemuka neBMW 7-Series. Izimbangi zayo njengeHyundai Venue, Nissan Magnite iKiger ukuveza nje ezimbalwa kuzomele zinyuse amasokisi.

Ukuvelela kweFronx kuqhubekisele phambili ukudlondlobala kwale nkampani ekuhlanganiseni izimoto ezingena khaxa kulokho okusuke kudingwa ngabathengi. Ngaphambi kokuchonywa uphaphe legwalagwala sibe nenhlanhla yokuvivinya iSuzuki Fronx emuva kokuhambela ukweyhulwa kwayo makhathaleni ngonyaka odlule. Uma uzoyibonela kude ungazitshela ukuthi iyisinqanyana kanti phinde ubude bayo bungu-4 metres, kuthi iwheelbase ibe ngu 2,5 metres.

Akubuzwa ukuthi iphuma emndenini wakwaSuzuki kusuka phansi kuya phezulu, iphinde igcwaliselwe ngukuthi iplatform eyakhelwe phezu kwayo iyefana naleyo okwakhelwe kuyo iBaleno neSwift njengoba iphuma netorsion beam ngemuva neMacPherson-strut suspension ngaphambili.

Nami angehlukile kubantu abaningi abahehwa kuqala ukubukeka kwemoto ngaphandle kungakangenwa ngaphakathi nasenjinini. Isesigabeni esibizwa ngeB-segment ezishaya imoto enkudlwana iSUV iphinde ibe sangungumbane lokhu abathi iCoupe. Okokuqala okungidonsile amaroof rails okhakhayini negrille egolozile ephahlwe ngama-LED daytime running lights. Yize lokhu kwengeza ubuhle kodwa engikuqaphelile sengingemuva kwesiteringi ukuthi amalambu ayo akhanya ngendlela yokuthi ungacosha ngishi inaliti phansi. Iyaheha indlela abayitone ngayo ngemuva ngokuyengeza iwipe, amalambu angene agamanxa kwibhonethi, amasondo angu-16 inch ahambisana nerimu elicwebezelayo kulena ebesiyivivinya iSuzuki Fronx GLX. Izibuko zayo zigqize ngombala ofanayo owemoto ziphinde zihambisane nama-indicators.

Iphelele ngaphakathi

Esikhathini esiyizinsuku eziyisikhombisa ngihleli neFronx akukho lapho engingayihlaba khona ikakhulukazi ingaphakathi layo. Into engiyaye ngiqale ukuyibhekisisa isiteringi indlela esizwakala ngayo esandleni nokuthi siphetheni. Isiteringi seFronx siqukethe okuningi okulawula imoto kusuka kwiradio, kube kuhle ukuthi basigqizise ngesikhumba. Okunye okuyenza yehluke ikhamera yangemuva, icruise control, amawindi asebenza ngogesi ngemuva nangaphambili, indawo yokushaja okwazi ukuxhuma kuyo i-USB nendawo yokuncikisa ingalo i-armrest. Kulena ebesihama ngayo iGLX iphuma nescreen esingu 9,0 inch okuxhunywe kuso ikhamera ekwazi ukuzungeza nxa zonke-360 degree. Okuhle ukuthi konke lokhu kwenziwe kwaqondana ngqo noshayeli akukho lapho uzithola usususa amehlo emgwaqeni ukuze ufinyelele kwibhathini elithize. Iphuma neApple CarPlay ne-Android Auto

See Also

Iphuma nenjini engu-1.5 litre esebenzisa uphethroli eshintshwayo kodwa lukhona nohlobo oluwumshini ozishintshayo. Ikhiqiza amandla angu-77kW neTorque efinyelela ku-138Nm. Ngithole ukuthi ezindaweni eziyimimango kumele ujwayele ukwehlela emagiyeni angezansi ukuze ithole amandla, ngale kwalokho uma uzoyidedela kuthelawayeka ungazithola usulala ubaliwe kwazise iyashibilika. Isiteringi sayo silula okwenza nokuthi ukwazi ukujika eduze kule migwaqo emincanyana egcwele amajalidini. Igabade ilishiye ngo 170mm. Kulesi sikhathi esinzima sokwenyuka kwntengo kaphethroli iyadingeka imoto enjengeFronx ecaphuna amalitha angu 6.4 kaphethroli ngebanga lika-100km, futhi iyakwazi ukonga kufinyelele ku-6.1 litres uma uzoyoincenga kahle futhi ingagcwele inyinyitheka.

Intengo neWarranty

Intengo ye-1.5 GLX eshintshwayo ingu-R315 900. Iphuma ne warranty yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika-200 000 km ne service plan yeminyaka emine okanye ibanga lika-60 000km

Scroll To Top