Now Reading
INgcugce yesikhathi sethu 
Dark Light

INgcugce yesikhathi sethu 

Umlando kuthiwa ubhalwa abanqobi kepha kwabeNguni lokhu kuhamba kungaphumeleli ngenxa yokuthi kithi beNguni umlando asithembeli-nje ngokuwubhala kuphela kepha siyawuxoxa okwenza ungapheli ngisho abacindezeli sebebhale okuthandwa yibo kwisizukulwane umlando oqondile uhlale ukhona. Omunye angathi umlando okhulunywayo uvame ukushintshashintsha nawo kuya ngosuke ewuxoxa ukuthi uwuhlaziya kanjani. Kephake uncono okhulunywa ngabanikazi kunobhalwe ngabacindezeli. 

Lapha eNingizimu Afrika sekwaba nenkoleloze nengisola ukuthi yafakwa kithi ngabacindezeli yokuthi owesifazane kwaboHlanga kalutho, okungalona iqiniso thina kwaboHlanga owesifazane uyikhokonke ngoba uyinzalabantu ukube babengelutho ngabe umlando weNdlovukazi uMthaniya, iNkosazane uMkabayi kaJama , iNdlovukazi uNandi yaseLangeni, iNdlovukazi okaMsweli, Indlovukazi uNefertiti yaseGibhithe, kanye neNdlovukazi uNzinga kaNdongo noMatamba 

Lamagama abesifazane akhombisa kona ukuthi lenkulumo yokuthi owesifazane kalutho kwaboHlanga into esingayazi kwakuyazi thina engingathi “zinkulumo zasematshwaleni” Kulezo zinkulumo sekwakheke isithombe esingesihle ngabesilisa boHlanga abacindezela abesifazane okungomama wabo, ngomafungwase bakwabo kanye namadodakazi abo. 

Ngezikhathi zeSilo sasoNdini ISILO uCetshwayo kuvela umlando webutho labesifazane ibutho leNgcugce okwase uMlomo Ongathethi Manga usunqumile ukuthi  lizogana ibutho leSILO Indlondlo elalenzekahle empini. Ukukhuluma kugqama lapha lelibutho lesifazane selinquma ukuphikisana nezwi loMdala okwaholela ekutheni libulawe. Lokhu kuma kwalelibutho lesifazane kwakuveza isithombe sokuthi nabo bayayimela into abakholwa kuyo.

See Also

Nathi ngesikhathi sethu sibonile kuvuka lelibutho phakathi kwethu lapho iqembu lesizwe labesifazane eliteketiswa ngokuthi yiBanyana Banyana ligoloza ukuyodlala umdlalo wokulungiselela iNdebe YoMhlaba. Izikhalo zaleliqembu kwakuyinkundla okwakuzodlalelwa kuyo kanye nemihlomulo ekwakufanele abadlali bayithole. Lesi sinqumo sokugoloza ukuyodlala sadonsa wonke umuntu ukuba abhekisise leliqembu iqiniso lesiya sinqumo ngikholelwa ukuthi yiso esenza leliqembu lathola ukusekwa kangaka ezweni. Namhlanje ibutho lethu lidlulele phambili kwi-Last 16 yeNdebe yoMhlaba oungokokuqala ngqa emlandweni waleliqembu kanti futhi okusemlandweni leliqembu linqobe umdlalo weNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa.  

Ngalokhu ngithi halala zimbali zethu halala butho lethu, phakama Ngcugce yesikhathi sethu.

Scroll To Top