Uzilinganise noMalema uKelly ebhedelwa uhlelo




Impumelelo yombuthano we-Economic Freedom Fighters (EFF) enkundleni iFNB eGoli ngempelasonto wokubungaza iminyaka eyishumi yasungulwa kwenze nomculi uKelly Khumalo wafuna umpheme wokuphephela ngaphansi kwegama layo njengoba igama lakhe lide livela enkantolo ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
Kusuka ufakazi wombuso uCol uLambertus Steyn efakaze ukuthi uKelly owayethandana noMeyiwa futhi benengane naye waba nokuxhumana nomunye wabamangalelwa kuleli cala uSifisokuhle Nkandla Ntuli.
Ngokobufakazi bukaSteyn okunguye osagibele ebhokisini lofakazi, laba baxhumana ngamaselula izikhathi ezimbili ngaphambi kokubulawa kukaMeyiwa. Kubuye kwavela ukuthi iselula ababexhumana ngayo yabe ingabhalisile ngaphansi kwegama likaNtuli. USteyn onguchwepheshe embuthweni weSAPS uke wathwala kanzima izolo ekuseni ngesikhathi ummeli wommangalelwa uNtuli ethi akachaze kabanzi ngobufakazi bakhe.
Uphendule ngokuthi wayethulela inkantolo ubufakazi ngoLwesihlanu kodwa ngoba lo mmeli wayengekho yingakho engazange abuzwe. UMehluleli ube esevumelana noSteyn wathi okungenani ummeli bangamnika ihora lokubuyekeza lobo bufakazi. Ummeli uphendule ngokuthi ubufundile ubufakazi bukaSteyn, imibuzo yakhe egxile ekucaciselekeni ngabo.
Izolo ntambama uKelly ubhale enkundleni yokuxhumana uTwitter ukuthi akakugqizi qakala okushiwo ngaye, ngoba noMalema kumthathe iminyaka ukuba lapho ekhona ne-EFF.
Le nkulumo kwabanye ihumusheke ngokuthi usezilahla ku-EFF ngoba efuna ukuba imvikele. Abalandeli bakhe baphawulile nabo bezwakalisa ukumeseka.
UMalema uzobamba isithangami sabezindaba ngoLwesithathu emini bebade, okungenzeka ukuthi acelwe ukuba aphawule ngenkulumo kaKelly. Lithe lishona elayizolo izinto bese zimshubela lomculi njengoba nabagqugquzeli bekhonsathi lokubungaza imbokodo iTribute To Women, bekhiphe isitatimende bethi bayamhoxisa ohlwini lwabaculi abazonandisa ngenxa yokunindeka kwakhe ekufeni kukaMeyiwa.