Ziningi izinto ezifundwa ebuncaneni bomfana okhulele emakhaya



UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
Abafana kwakuthi cishe beneminyaka emine kuya kweyi-6 baqale ukwelusa amathole izinkomo sezikhishiwe zaya edlelweni. Uma izinkomazi sezibuya inhlazane sekuzosengwa yibo laba bafanyana abaqaphela ukuthi amathole anganceli konini kuze kusengwe.
Ngesikhathi sekusegwa yibona ababamba amankonyane kuze kuqedwe ukusengwa. Laba bafanyana uma sebeneminyaka eyisikhombisa baphuma nezinkomo baye emadlelweni. Yilapho-ke babehlangana khona nezingqwele ezabe zibafundisa yonke imikhuba yasekwaluseni.
Abafana babefundiswa ubuchule nobuyinyoningco bokwenza izinto nokuxazulula izinkinga ababhekene nazo ngokwabo, ngaphandle kosiza oluvela kwabanye abantu. Babefundiswa ukubekezela ngokumbiswa iqanda lenjelwane. Lapha inqwele yayifike izikhulule abafana bengayiboni bese iyagqiba.
Ngemunva kwalokho yayyibe isibabiza ithi kukhona iqanda lenjelwane lapha. Yona ingqwele yayiphanda ngalapho kwakungekho khona indle. Abafana bayophanda baze bafike kuyo bese ingqwele nabanye bahleke.
Abafana babefundiswa ukubhekana nezimo ezinzima neziyinselelo zempilo ngesibindi, umfana wayeboshelwa phansi otshanini bese kulethwa inkunzi yenkomo ize ifike kuye kubesengathi iyamhlaba imfuthe ngomoya wayo.
Uma umfana wayefundiswa ukuvika unyawo lwakhe olulodwa lwalufakwa emhlabathini igqishwe ukuze engakwazi ukubaleka nokubamba lona ayeqhathwe naye, nalona omunye kanjalo bese benikwa izinduku kuthiwe abashayane.
Akekho ozobaleka nozobamba omunye. Uma ehlulwa ngokuvika lona omunye uzomushaya aze afunde ukuvika. Kwesinye isikhathi kubekwe phakathi induku phakathi kwabafana abalwayo kungabibikho oyeqayo. Oke wayeqa ingqwele imshaye ngesiswebhu.
Ekwaluseni abafana babefundiswa ubuchule obuningi, ukusinga nokutapha izinyosi, ukuzingela izinyamazane, ukuqhatha izinkunzi, ukugibela amahhashi nezimbongolo, ukusebenzisa umkhonto ngokuciba ukubhukuda, ukugawula izinduku ukwakha izinkezo, izimbenge neziqebetho, ukusika amahawu namabheshu, ukweluka iziswebhu nokwakha amajoka okubophela izinkomo nokukhetha izithelo zemithi ezidliwayo nezingadliwa.
Okunye abafana babefundiswa yizingqwele ukweba ummbila nemfe emasimini kanye nokupheka ummbila enhlabathini, ngokumba umgodi bese ummbila utakwa phakathi kubuyiselwe inhlabathi bese kubaswa ngaphezulu, nenkukhu yayiphekwa kanjalo.
Amapetshisi ayekhuhlwa ematsheni ayichoba aze akhiphe inhlama eyayidliwa abafana bashaye esibomvu. Uma kuhlatshwe inkomo abafana babenikwa iphaphu nenhliziyo bayokudlela endle. Yilapho ababefike baqhathwe khona. Lapha ephashini kwakubekwa ubhedu olwalakhiwe ngenyama yenhliziyo, egqishwe phakathi emminzweni yosiwa.
Owayezoludla kwakufnele abashaye bonke abafana ababefuna ukumephuca lona. Ukuciba Umkhonto kwakufundwa ngokuhlaba intsema eyayigingqwa endaweni eyehlelayo bese iyacitshwa-ke ngezinkande (izintingo ezicijiwe).
Abafana babefundiswa ukukhuza izaga, ukugiya nokusina kanye nokulima ngezinkabi noma ngezimbongolo.
Abafana abasebekhulile beyizingqwele babegcina ngokuphuma ekwaluseni basikelwe amahawu befakwe ebuthweni. Ngaphambi kwalokho babekade besokwa ngaphambi kokungena emabuthweni.
Ngenxa yokuthi leyo nqubo yayithatha isikhathi eside ngaleso sizathu iSilo uShaka saliqeda KwaZulu isiko lokusoka ngaoba sithi lalichitha isikhathi sokubutha amabutho aso.
Ngesikhathi seLembe ngaphambi kokuba abafana bangene ebuthweni babeba zindibi, baphathele oyise noma abanewabo izinto zokulala nokudla uma bephuma impi.
Ngemumva kwalokho babengenake babeyinxenye yebutho. Abafana ababephuma ekwaluseni bebengena ezinsizweni badle neminjonjo. Ngalesi sikhathi basengamabhungu sebebhunga ngezintombi.
Uma kusuka impi phakathi kwezigdi noma imihlathi nabo basebeba mdibimunye nezinsizwa baphume impi, bathelele kuzo izinsizwa njengebutho elisha.
Basebeqala ukufundiswa yizinsizwa namadoda ngemplo yobunsizwa, ubudoda nokuphathwa kwabantu besifazane nemizi. Ubuqhawe, ubuhlakani nobuchule bokwenza izinto nokubhekana nezinselelo zempilo bekuqala ekwaluseni.
Ushicilelo lokuqala lwalombhalo kusizindalwembu lube ngowezi-23 kuNtulikazi 2021