Now Reading
KwaZulu mine imikhosi ehlanganisa isizwe
Dark Light

KwaZulu mine imikhosi ehlanganisa isizwe

Lapha KwaZulu sinemikhosi emine ehlanganisa isizwe sonke neqinisa uBukhosi nezinhlaka zabo okunguMkhosi Woselwa noma Wokweshwama, uMkhosi Womhlanga, uMkhosi WeLembe noMkhosi WaseSandlwana. Kukhona noMkhosi Wamaganu wona-ke ongenzelwa sonke isizwe kodwa- nje lezo zindawo ezinamaganu, njengaseNgwavuma. Nakwezinye izizwe zamaNguni ikakhulukazi uMkhosi Woselwa uyenziwe. ESwatini ubizwa ngeNcwala kuthi eMpondweni kuthiwe iNgxanala. Ngale-nje kokuthi umkhosi lona woselwa ugujwa minyaka yonke uthokozisa isizwe sonke ngaphezu kwazo zonke izinto eziyinkambiso nemikhuba yoBukhosi uyiqhingasu lokuvikela isizwe ngokudambisa noma ukwehlisa amandla emimoya engalimaza umbusi waso. Isetshenziswa futhi ukugxilisa, ukuphathwa nokwakhelwa kwesizwe sonke eNgonyameni noma eNdlovukazini yaso.

UMkhosi Womhlanga, ngumkhosi wezintombi lapho izintombi ziye esigodlweni seSilo lapho zifike khona zifundiswe futhi zelulekwe ngempilo nokuziphatha. Ngakusasa zibesezivuka ziyokukha umhlanga emfuleni ziwuthwale ziwuse eSigodlweni seSILO ziholwa indodakazi yeSILO namanye amantombazane asendlunkulu, bese zifika ziwunike iSILO.

Lo mhlanga uyabekwa usetshenziswe ukwakha zonke izinto eziyisidingo zeSigodlo ngokwesiko. Okusuke kubalulekile lapha ukwakhiwa kwezimilo zezintombi nokuthi zifundiswe ukuziphatha nokuzigcina zingcwele zingene emshadweni.

Lo Mkhosi wenza zonke izintombi ezihambela lo mkhosi zibe nokuzigqaja nokuzethemba.
Kwandiswa namathuba omendo ngoba zonke izinsizwa ziyayithanda izintombi ezihamba lo Mkhosi. UMkhosi Womhlanga uhanjelwa ngisho izintombi ekungezaseNdiya ngobuzwe ngisho ezimhlophe neziqhamuka kwezinye izifundazwe ngaphandle kaKwaZulu-Natali, nezivela emazweni angaphandle kweNingizimu Afrika, zizozigqaja ngobuntombi bazo. Lo mcimbi uhanjelwa ngisho nangabavakashi abaqhamuka emazweni omhlaba ukuzowubona nokuzobungaza izintombi.

Ngaphambi kokuba izintombi zifike lapha eSigodlweni zisuke zibhekwe ngomama ababizwa ngonomehlo nokuyibona abazelulekayo baziqondise lapho zisuke zisuka khona. Leli siko lokufundisa nokunakekela amantombazane kuyawavikela ezifweni zocansi, ekudleni izidakamizwa nasekukhulelweni okunganasidingo.

Izinhlangano ezibhekele ukunakekelwa nokuvikelwa kwezilwane zimelene nokubulawa kwenkunzi ngezandla ngamabutho esibayeni ngosuku loMkhosi Woselwa, zithi lokhu kuyisihluku ezilwaneni. Ngokwesiko inkunzi ebulawayo ayibuzwa ubuhlungu ngoba ukwephuka kwezongwe kusuke sekungukufa kwayo. Futhi-ke uMthethosisekelo uyazivumela zonke izinhlanhlanga ukuthi zenze amasiko nokuqhuba inkolo yazo. Ngakolunye uhlangothi izinhlangano ezilwela amalungelo esintu (Commission for Gender Equality South African Human Rights Commision) zithi ukuhlolwa kwezintombi kungukwephula amalungelo
azo ezithweni zazo.

See Also

Abantu abangena nabenza leli siko abantu asebebadala, i intombi hhayi izingane, okusengabantu asebekwazi ukuzithathela izinqumo ngemizimba yabo. Uma konke okusuke kwenziwa kusuke kwenziwa ngemvume yomnikazi walowo Mzimba akukho ukwephulwa
kwelungelo lapho. Kuyefana nje nokuthi umuntu uye kudokotela naye amfike amnike ilungelo lokumhlola nokuthinta umzimba wakhe noma ikuphi, aphinde futhi athathe izinto ezisaluketshezi eziphuma esithweni sangasese noma emzimbeni walowo muntu, okungayigazi, umchamo, amathe ngisho nendle imbala.


Ushicilelo lokuqala lwalombhalo kusizindalwembu lube ngowezi-21 kuMandulo wezi 2021

Scroll To Top