Now Reading
Umsebenzi mawucwaningwe ngaphambi kokushicilelwa
Dark Light

Umsebenzi mawucwaningwe ngaphambi kokushicilelwa

Namhlanje sikhuluma ngelungu eliklama indima ebalulekile emkhakheni wokushicilela. Leli lungu lingumcwaningi wohlelo lokubhala owaziwa ngokuthi iproofreader

Yini iproofreader?

Iproofreader ngumuntu okumele abe nolwazi olunzulu ngemithetho yokubhala kanye nokusetshenziswa kolimi. Loku kwelekelela umbhalo ukuba ufundeke futhi ushicilelwe ngendlela elandela imigomo yolimi okubhalwe ngalo. 

Iqhaza leproofreader

Iproofreader iqinisekisa ukuthi ulimi olusetshenzisiwe embhalweni lucocekile futhi lulandela imithetho yokubhala. Lokhu kusho ukubheka ubhalomagama, uhlelo lokubhalwa kwamagama, ukusetshenziswa kwezimpawu zokubhala, kanye nokuqinisekisa ukulandelwa kwemithetho yokubhala yalolo limi. 

Iproofreader iqhubeka ibheke imisebe yamakhasi, izikhala phakathi kwamagama nezinye ezishiywayo ukuze umbhalo ufundeke kahle. Iphinde ibhekisise ukuthi izithombe ezisetshenzisiwe ngabe ziyawenza umbhalo ufundeke nokuthi kulula yini ukuwuqonda.

Lokhu kucubungula umbhalo kusiza ekuboneni bese kulungiswa amaphutha emibhalweni ngaphambi kokushicilelwa. Lokhu kuvikela ubuqotho bokubhaliwe. 

Iproofreader ivame ukuhlola umsebenzi osanda kuphuma kumbhali. Lokhu kusiza ekutheni amaphutha alungiswe ngaphambi kokuthi umsebenzi uhlelelwe ukushicilelwa. 

Kuvamile ukuthi iproofreader iwuhlole ungakahlelwa umsebenzi, iphinde iwuhlole emva kokuba usuhleliwe. Lesi senzo sivikela ukubona amaphutha encwadini eseyishicilelwe, okuyinto enganambithiseki. 

Iziqu zeproofreader

Njengoba besesishilo ukuthi iproofreader isebenzisana nababhali, iphinde isebenzisane nabahleli. Umuntu oneziqu ezifana nalezi esazibalula mhla sicobelelana ngamagalelo omhleli angaba yiproofreader. Iziqu okubalwa: iziqu kucopy editing, iziqu zokufundela ulimi, iziqu zokuxhumana, iziqu zobuntatheli, iziqu zokubhala, phecelezi icreative writing kanye neziqu zokushicilela. 

Umhleli ubhekana ngqo nomqondo wokubhaliwe, kanti iproofreader ibhekana nokusetshenziswa futhi kulandelwa imithetho yokubhala ulimi kanye nezimpawu zokubhala. 

See Also

Iproofreader ingasebenza kuphi?

Iproofreader ayibophezelekile ukuba isebenzele ehhovisi, ingasebenzela noma ikuphi. Kwazise, nokuthuthuka kwezobuchwepheshe sekwenze kwalula ukuthi abantu basebenze ngokuzimela. 

Laba abasebenza ngokuzimela baye bakhokhelwe inani lokuhlola lekhasi ngalinye. Futhi bangasebenza ezikhungweni ezahlukahlukene ezizikhiqizela zona ezikubhalile, okubalwa izikhangisi, okubhalelwe izisebenzi kuphela, iminyango eyahlukahlukene esabalalisa imibhalo njalonjalo. 

Amanye amaproofreader aqashwa yizinkampani zakho ukuhlola uhlelo lokubhalwa kolimi, phecelezi amaproofreading firms. Lapha iproofreader ibekelwa inani lomsebenzi okumele ibe iwuqedile ngesikhathi esibekiwe. 

Sesiphetha nje, lo msebenzi wokucwaninga uhlelo lokubhalwa kolimi udinga isineke, isineke sokungakhathali ukuphindaphinda into eyodwa. Yingakho kubalulekile ukubuye uthathe ikhefu ukuze umsebenzi uwubheke ngamehlo kanye nomqondo ophapheme. 

Uzokwazi ukubona amaphutha eqekile ngaphambilini. Ake sithi khumu lapha, kwazise siyikha ngomcengezi, phela igula lendlebe kaligcwali. 

Scroll To Top