Akuyona neze into elula ukukhulisa ingane yentombazane



UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
Amantombazane asemancane ayeebhinca izigege ezabezisitha nje lapha ngaphambili kuphela kuze kube yisikhathi lapho esenamawolamlotha. Lokhu kusho amabele okuqala ayaye aphume entombazanyaneni bese abuye awohloke. Amabele okuqala abewohlozwa izalukazi ngokuwashaya ngomshanelo. Umake sekuqhuma awesibili okwase kungawangempela, ngemumva kwamawolamlotha, izalukazi zazibeseziqala ukuwanaka amantombazane nokuwanika izeluleko.
Ngalesi sikhathi asuke esesesigabeni lapho ebizwa khona ngamadlamthunyana. Uma esuka lapho ayebesengena esigabeni esilandelayo sobugomazi. Kulesi sigaba aseqala ukukhulunyiswa ngamabhungu.
Ngamumva kwalesi sigaba ayabesengena esigabeni esilandelayo sobutshitshi lapho esuke eseshelwa khona uthuli yizinsizwa. Kusukela esigabeni sobudlamthunyana kuze kuyofika ebutshitshini amantombazane ayebhinca izindidla embathe izincwatha noma odlundlu (lawa ngamabhayana ayebhincwa amagomazi noma amatshitshi okhalweni phezu kwezindidla). Udidla lona-ke lucishe lufane nesiketi, luzungeza sonke isinqe.
Ngalesi sikhathi igomazi noma itshitshi selinezishelo ezithi ziyalithanda laliba ngaphansi kweso lamaqhikiza. Itshitshi lalingavunyelwe ukuphendula izisheli nxa zileshela lize lijutshwe iqhikiza ukuthi selingaziphendula izisheli. Ngalokhu kwakuqondwe ukuvikela itshitshi ukuthi lingahilwa yizinsizwa bese liqoma lingaqondile.
Uma itshitshi eselijutshiwe sekunenseizwa eseliyithanda kulezi ezazilishela lalitshela iqhikiza lalo. Uma seliqoma lalitshela leyo nsizwa eseliyithandile ukuthi ayiyolanda impahla yayo eqhikizeni layo. Intombi yayinika leyo nsizwa intwana nje eyimpahla yayo njengesibambiso eyokufika isitshengise iqhikiza. Iqhikiza lalibeke lona selitshela leyo nsizwa ukuthi ayobuya nini izothatha impahla yayo.
Ukuzigcina nobuqotho bentombazane babubalulekile ngendlela eyisimanga. Yilapho ayehlala ebhekwa yizalukazi ezithweni zawo zangasese ukuthi ngabe asagcinekile aseziyintombi. Okuchaza ukuthi ayengakonakali noma engakaze alale nomuntu wesilisa. Iqihikiza yintombi esiqomile, sekukhona lapho isithanda khona. Isiyalala nomuntu wesililisa kodwa hayi njengomuntu osegcagcile. Ukuze isibaya somnumzane singagqekezeki abathandanayo babesoma, izitho zabo zangasese zazingahlangani. Isitho sowesilisa sasigcina nje emathangeni awowesifazane.
Uma iqhikiza seliceliwe lalikhehlwa abakowalo, lapho lalithanda khona, bese libayinkehli. Nokuba seliyinkehli kwakufanele lizigcine liyintombi kuze kufike umgcagco. Uma kwenzeka intombi yonakala ingagcagcile, oyonile wayehlawuliswa. Kuyise wentombi wayekhokha imvimba nenquthu (inkomo kanina), izimbuzi ezimbili nenkomo yenkosi yendawo. Izimbuzi, eyodwa kwakuba eyokugeza izintombi, enye kungeyokugeza izinkomo. Intombi eyonakele yayima ukuhamba nezintombi. Futhi yayihamba nomakoti ngoba phela bona babendele lapha ekhaya. Yilokhu okwakenza ukuthi igcine isithathwe nayikhehla ukuze ibuyelwe yisithunzi nokuhlonishwa. Ingane eyayizele yayisala kubo, ibengumlanjwana, ngaphandle uma oyithathayo wayeyithatha nayo.
Ngenxa yempucuko nenkolo awasekho amaqhikiza nezinkehli. Nakuba kunjalo kusenezintombi ezizigcinile nezeluswe ngomama abathile ezindaweni ngezindawo. Yibo labo mama abawahlolayo amantombazane ukuthi ngabe asaziphethe kahle yini. Bayakwazi ukubona lapha esithweni sangasese sentombi ukuthi sekukhona osekudla amantshontsho emsamo uma sekwenzeka njalo. Yizo lezi zintombi ezihamba umkhosi womhlanga. Yisiko elihle leli neliyigugu lesizwe elenza izintombi zikwazi ukugcina zingcwele , zingatholi izingane kungafanele nezifo zocansi. Ukuhlolwa kuyigugu ezintombini nento ezigqaja ngayo. Abazali bazo nabo bayaziqhenya ngalokhu.
Uma intombi isigcagcile noma isiganile ibangumakoti emzini lapho igane khona. Lapha-ke isingaphansi kokuyalwa nokwelulekwa amakhosikazi amadala omndeni lapho igane khona ukuthi kuhanjwa kanjani kulowo nalowo mndeni. uma kuhlatshiwe emndenini umama womndeni okunguyena omdala uyaye aqobele wonke amakhosikazi omuzi. Ngokuvamisile amakhosikazi inyama ayayicosha esithebeni bese eyifa’ ezitsheni asuke eziphethe. Umuntu ongagcagcile wayebgayiqobi inyama esithebeni.
Ushicilelo lokuqala lwalombhalo kusizindalwembu lube ngowama-30 kuNtulikazi ngowezi-2021