Now Reading
Kusasaqamba izinhliziyo kubalandeli boThongathi FC
Dark Light

Kusasaqamba izinhliziyo kubalandeli boThongathi FC

Unyaka wezi-2023 unyaka abalandeli boThongathi FC abangasoze bawukhohlwa, njengoba kusukela uqalile ubenze izinhliziyo zabo zaconsa igazi. Mhla zili-7 kuNdasa kudlule emhlabeni uSiphamandla “Spepe” Mtolo owabe engukaputeni kuleli qembu ngesizini yangowezi-2014/15 lisadlala kuSAB League KwaZulu-Natal.

Yize uMtolo adlula emhlabeni esedlala kwiRichards Bay FC kodwa kwabashaya kakhulu abalandeli boThongathi FC, ngobe noma engasekho kulona ubesafana nengane yayo iCane Cutters (uThongathi FC).

Okunye okuphule izinhliziyo zabalandeli ukuthi leli qembu bekunethemba lokuthi lingakhuphukela kuDStv Premiership ngesizini ezayo, kodwa lahluleka lancama. Kunalokho ligcine liqeda endaweni yesikhombisa kulogi. 

Okubuhlungu kunakho konke kube izindaba zokuthi leli qembu elasungulwa uNicholas “Nico”Mkhize ongasekho emhlabeni, lidayisiwe. Kuvela ukuthi lidayiselwe iMilford FC ebidlala Ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal. 

Akukhona okokuqala kuvela lezi zindaba zokuthi leli qembu lidayisiwe kodwa kungenzeki, kulokhu kubukeka kugcine kwenzekile. Okuwubufakazi balokho ukuthi iningi labadlali akade bedlala kulona uThongathi FC bathungatha amaqembu, kumqhudelwano waminyaka yonke iPremier’s Cup kufakwe yona iMilford FC esikhundleni seCane Cutters.

IPremier’s kuyona kusuke kudlala amaqembu agijima kuPremier Soccer League (PSL), aKwaZulu-Natal ngenhloso yokuzilungiselela isizini entsha. 

 ElaboHlanga likhulume nabantu  abambalwa akade beyingxenye yoThongathi FC, ngezindaba zokudayiswa kwaleli qembu.

Ndumiso Maphumulo (obengu-MC uma uThongathi FC ludlala ekhaya):

“Kunzima ngempela . Endaweni yasoThongathi ziconza igazi izinhliziyo zabantu bakhona. Uma kuwukuthi iqembu lidayisile akukho esingakwenza, besingabasebenzi. Iqiniso ukuthi ekugcineni leli qembu liyifa laKwaMkhize. Bese bethathe isinqumo sokulidayisa ngeke sabavimba” kusho uMaphumulo.

Ufike eqenjini ngesikhathi liqala ukusungulwa, enza imisebenzi eminingi ngaphakathi kulona iqembu.

“Yize kubukeka iqembu lidayisiwe kodwa, ngisanakho ukuthi kusengakhulunywa okunye. Asilinde emvakwePremier’s Cup sizobona” kusho uMaphumulo ebalisa  

Fezile Shabane (Osebenza njengo-Admin):

“Lendaba yokudayiswa kweqembu ngisayibona emaphepheni. Mina angikaze ngitshelwe lutho. Namanje ngisayithola imiyalezo eqhamuka kwabaka-PSL, okuwubufakazi bokuthi ngisawumsebenzi woThongathi FC”

“Ngeke ngaqamba amanga ngophatheka kabi makungathiwa lokhu esikuzwayo kuliqiniso. Sisebenze kakhulu ukuthi leli qembu lizinze. UMkhize (Nico) uyazi lapho akhona ukuthi sisebenza ngokuzikhandla okungakanani” kusho uFezile osesebenze amasizini amahlanu kuleli qembu. 

Celimpilo Ngema (Owayengumdlali woThongathi FC osegijima kuMaZulu FC manje):

“Akuyona lena into enhle kubantu basoThongathi. Bayalithanda leli qembu bebelihambela yize belisebenzisa inkundla eKwaMashu. Bengifisa ukulibona lisakhona leli qembu okuyilo elangiveza. Benginethemba lokuthi ngelinye ilanga ngizolibona lidlala kuDStv Premiership” kusho uNgema.

Lo mdlali wasesiswini wasiza uThongathi FC ukuthi lunyukele kuMotsepe Foundation Championship, lusuka kuSAB League. Ngaleyo sizini waqokwa njengomdlali ovelele emdlalweni yokuhlunga.

UXolani Ngcobo (Oke waba unozinti woThongathi FC):

“Ngiyabazwela abantu basoThongathi bebelithanda kakhulu leli qembu. Ngesikhathi iqembu lisazinze khona oThongathi, abalandeli bebegcwala enkundleni bezosibuka. Kubuhlungu ngempela. Yize bengingasekho kulona kodwa, lunginikezile ithuba” kusho uNgcobo.

Lo nozinti uvimbe amasizini amabili kuThongathi FC, kanti manje usevimbela iRoyal AM. 

Umlando omncane woThongathi FC:

See Also

-Lasungulwa ngowezi-2014 uNicholas Mkhize, ludlala ku-SAB League. 

-Ngesizini elandelayo lanyukela ku-ABC Motsepe League. 

-Ngesizini yangowezi-2016/17 lwanyukena kuMotsepe Foundation Championship.

-Belusebenzisa inkundla iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Abadlali abambalwa abadlale kuleli qembu, asebathola amadleli aluhlaza:

-Njabulo Ngcobo, Pule Mmodi (Kaizer Chiefs)

-Thato Mohlamme, Sinethemba Mngomezulu (Richards Bay FC)

-Khethukuthula Ndlovu, Xolani Ngcobo (Royal AM)

-Menzi Ndwandwe (Chippa United)

-Ntsikelelo Nxadi, Sbonelo Cele noSaziso Magawana (Lamontville Golden Arrows).

Scroll To Top