Now Reading
“USpiderman” ubona uKhune esenekusasa ezintini 
Dark Light

“USpiderman” ubona uKhune esenekusasa ezintini 

UBrian Baloyi no-Itumeleng Khune

Lowo owayengunozinti weKaizer Chiefs, uBrian “Spiderman” Baloyi ukholelwa ukuthi u-Itumeleng Khune usangavimba amasizini amaningi uma ezimisele. UKhune oneminyaka yobudala engama-36 kumasizini edlule abalandeli abaningi besebethi kumele adedele abanye epalini leChiefs.  Abaningi bebeveza ukuthi iminyaka kuyena isihambile kanti nomzimba wakhe usumenza engakwazi ukuvimba amanye amabhola. Ngesizini edlule uvimbe emidlalweni eli-11 kuphela.

UBaloyi ekhuluma ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni iPrince Mangosuthu Legacy Cup kwelinye lamahhotela aseThekwini, ubalule ukuthi abalandeli bayohlezi bekhuluma. “Akekho umuntu ongalazi ikhono likaKhune, mina ngikholelwa ukuthi usengayilekelela kakhulu iChiefs. Uyamdinga umuntu onamava njengoKhune. Uma bethi mudala uKhune u-Andre Arendse wavimba waze waba neminyaka yobudala engama-43, uGianluigi Buffon uneminyaka yobudala engama-46 kodwa usavimba. NgiwuNtseki (uMolefi) bengizomdedela uKhune ahole iqembu” kusho uBaloyi. UKhune wafika kuMakhosi ngonyaka wezi-2004, eminyakeni edlule ubengunombolo-1 walapha eNingizimu Afrika uyena obegqibe ihlazo lokuzenzela konozinti bangaphandle.

“Inkinga yonozinti balapha eNingizimu Afrika abadlala kuPremier Soccer League (PSL) into endala nosekukhulunywe kakhulu ngayo. Inkinga iqala ekutheni amaqembu alapha okuthiwa makhulu, eminyakeni edlule abeba nonozinti ababili noma abathathu bangaphandle. Lokho kuyakutshela ukuthi inkinga ingakanani. Ngelinye ilanga kuyadingeka ukuthi kuthathwe isinqumo ngokuthi amaqembu engabe esabasayinisa onozinti bangaphandle, ngoba wonke amaqembu uma ake abanenkinga yonozinti avele ayobabheka ngaphandle. Buka nje bangaki onozinti esinabo abavimba phesheya? Kepha bese ubheka inqwaba yangaphandle evimba lapha kuPSL,” kusho uBaloyi.

Lomakadebona kanozinti uphinde wabalula ukuthi izindawo ezinezinkinga akukhona epalini, nakubagadli kunenkinga efanayo.

“Akukhona ukuthi nginenkinga yabadlali bangaphandle, kodwa iqiniso lithi sinenqwaba yabagadli bokufika kodwa akubafanele ukudlala kuPSL.”

Ngezikhathi zakhe uBaloyi esavimbela iChiefs yayihamba phambili ngokuqoqa izinkomishi kodwa muva nje izinto zishintshile, njengoba sekuphele iminyaka yagcina ukunqoba inkomishi. 

See Also

UBaloyi ephawula uthe: “IChiefs eminyakeni edlule ayenzanga kahle, kubona bonke abaqeqeshi abafikile ngikholelwa ukuthi uZwane (Arthur) uyena mqeqeshi obakha into eya phambili. Buka nje bangaki abadlali abanyuselwe eqenjini elikhulu abadlalayo. Engikubona kuyikho okushaya iChiefs indlela yokusayinisa. Eminyakeni edlule iChiefs ibiba nonyazi lo mgadli, uma ubheka laba ababili akade bekhona benzeni. Ngiyafisa sibuyele kulendlela yakudala masisayinisa” kusho uBaloyi. 

Esonga uthe: “Kubadlali abasayiniswe iChiefs ngikholwa ukuthi bazofike bayibambe ishisa. Ukuze ukwazi ukuphumelela kwiChiefs kumele ukwazi ukubekezela, ubhekane nanoba ibuphi ubunzima. Kudala bagcina ukujabula abalandeli. Kuthina sekunzima nokuyothenga iphepha ngoba abalandeli bavele babuze thina ukuthi kwenzakalani kanti. Ngiyafisa iChiefs isayinise u-Andile Jali, amava akhe ayadingakala kakhulu” kusho uBaloyi. UBaloyi kulindeleke ukuthi abonakale evimbele izinkakha zeChiefs mhla zingama-29 kwephezulu kowePrince Mangosuthu Legacy Cup, lapho abazodlala khona neMC Tshatha XI. 

Scroll To Top