Imbangi yeTwitter: Ngabe iThreads iza nokwehlukile?
Kuningi esikubone kwenzeka kwezokuxhumana kuleli sonto emhlabeni. Okunye kwakho kube ukwethulwa kwenkundla entsha sha yezokuxhumana ebizwa nge-Threads nengaphansi kwenkampani iMeta ebuye yengamele iFacebook, Instagram neWhatsApp.
ElaboHlanga libe ngabanye babantu abangene kulenkundla isasenamahora ambalwa yethuliwe, kanti isasasa layo libukeke lilikhulu kakhulu njengoba abaningi bebesuka ku-Instagram. Phela ithimba leThreads lenze kwaba lula ukuba abalandeli be-Instagram bawelele kuThreads ngaphandle kokubhalisa kabusha. Okuyikho okwenze lenkundla yaba undabamlonyeni yingoba ithi ayifane neTwitter ngendlela esebenza ngayo nokuyenza ibe imbangi eqavile kuTwitter.
Uma ubhekisisa imibandela yeThreads, ikuveza ngokusobala ukuthi lenkundla ngeyokwenza abantu baxhumane kalula besenzisa ingxoxo nokuyenza yehluke ku-Instagram wona ogxile ezithombeni namavidiyo njengeTikTok. Kepha eqinisweni lonke, zonke lezizinkundla akukho okutheni ezihluke ngakho. Sekungaya ngabantu abazisebenzisayo ukuthi yini bona abayithandayo. Uma uqaphela, okuningi okubona kuTikTok, uphinde ukubone ku-Instagram nakuFacebook kuma-Reels (amavidiyo amafishane) kanye neYoutube Shorts. Lokhu kukwenza uzibuze ukuthi sikuphi isidingo salenkundla entsha?
Ngokusho kuka-Adam Mosseri onguMphathi we-Instagram nobelekelela ekwakhiweni kweThreads uthe babone kukhona igebe kwezokuxhumana lapho abantu bengakwazi ukuxoxa ngokukhululeka ngaphandle kokugxekwa, ukucwasa ngokobuhlanga nokuthukwa (cyberbullying) nokuyinto ebe sematheni ngeFacebook neTwitter emnyakeni embalwa edlule, ikakhulu ngesikhathi sokhetho ngowezi-2016 eMelika.
Angeke sazi-ke noma lokhu kuzoba impumelelo yini – kodwa esikwaziyo ukuthi abalandeli abangaphezu kwezigidi ezingama-20 abajoyine iThreads babuye basebenzise iTwitter. Singalindela ukubona kuqina imithetho yokusebenzisa lenkundla nokho uma umuntu enza okuthize okuphambene nemibandela yayo.
Okukhulu nakakhulu nokho esikuqaphelile ukwanda kwezindlela abakhangisi abazokwazi ngayo ukuxhumana nabathengi, njengoba kube yiyonanto egqame kakhulu ezintweni ebezibhalwe ngabalandeli kulezizinsukwana ezimbalwa yethuliwe lenkundla. Ubuchwepheshe be-algorithm nabo busebenziswe ngobuchule kulenkundla kanti akukho ukungabaza ekutheni izophenduka isigcawu sosopolitiki uma sebekhankasa kulolukhetho oluzayo njengoba sebevele beqalile beviliyela.