Uphawuhwebo luhamba indawo ende kwezemidlalo jikelele



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukungenzi kahle kweqembu lezemidlalo noma umdlali kungaba nemiphumela engemihle ngasohlangothini lwezimali
Iqembu lebhola noma umdlali womdlalo thizeni njengebhola lomphebezo, igalofu neminye, abagcini nje ngokuthandwa ngenxa yokuphumelela enkundleni.
Bagcina sebethandwa bona uqobo lwabo ngenxa yogazi abazakhele lona ngokuphumelela nokuziphatha. Ngenxa yalolu gazi nokuduma kahle iqembu ligcina selinabaxhasi nabalandeli abaningi. Kuningi iqembu elikuhlomulayo ngalokhu okufana nokuthengwa kwezinto ezifana namajezi.
Umlando kanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika ukhomba ukuthi amaqembu afana ne-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns anamagama amahle. Abaxhasi bayaye bazisondeze kula maqembu ngoba nabo befuna ukuhlomula kuwo.
Nakwezinye izinhlobo zezemidlalo kusetshenzwa kanjalo. Inkakha yomdlalo wegalofu, uTiger Woods, inabaxhasi abaningi ngendlela yokuthi imali eyithola ngaphandle kwenkundla yedlula leyo eyithola ngokuphumelela enkundleni.
Yize kunjalo ukwenza kahle kwakhe enkundleni akufanele kwehle ngezinga ngoba abaxhasi basondele kuye nje ngoba enza izimanga. Abaxhasi basuke befuna ukukhangisa imikhiqizo yabo kubalandeli kanye nakulabo abasuke bebukele umdlalo yize bengebona abalandeli balelo qembu noma balowo mdlali. Ngendlela igama leqembu elibaluleke ngayo, amaqembu aze abe nesikhundla seBrand Manager, obhekelele ukuthuthukiswa kwegama leqembu njengoba iChiefs inoNks uJessica Motaung.
Iqembu iChiefs selibe negama elihle isikhathi eside ezakhele lona ngokuphumelela izinkomishi eziningi. Ukuba negama elihle kubonakale ngezinto ezahlukene. Ngaphandle kwePirates, alikho elinye iqembu elincintisana neChiefs ngokuba nabalandeli abaningi enkundleni nangaphandle kwayo.
Leli qembu liphinde lihambe phambili ngokuba nabaxhasi abangaphezu kweshumi. Amanye amaqembu, ngaphandle kwePirates alambele abaxhasi. Yize inabaxhasi, iMamelodi Sundowns ivele inomnikazi onemali ngakho ayiyihluphekeli imali.
Kule sizini edlule iChiefs ibibungaza iminyaka engama-50 yasungulwa. Njengoba ibihleli esicongweni seligi isikhathi eside, bekulindeleke ukuthi ibungaze kamnandi ngokuphumelela indebe ye-ABSA Premiership kepha akwenzekanga lokho. Yize kuvalwe ezemidlalo ngenxa yokhuvethe leli qembu liphezulu, ngesikhathi kubuyelwa enkundleni lazithola lehlulwa noma lidlala ngokulingana okwaholela ekutheni isicoco sithathwe yiSundowns.
Igama leChiefs liqhubekile nokwehla uma kuvulwa isizini yezi-20/21. Kumanje nje leli qembu alikaze liphumelele ngisho nowodwa umdlalo weligi. Izinkinga zaleli qembu kungashiwo ukuthi zaqala ngesikhathi kungena uSteve Komphela njengomqeqeshi. Lo mqeqeshi waze wahamba kuleli qembu engaphumelelanga ngisho eyodwa indebe, ngaphandle kwalezo ezidlalwa uma kusavalwe isizini. Emva kwalokho, ngesizini yezi-2018/19, leli qembu laqasha uGiovanni Solinas njengomqeqeshi walo. Akahlalanga isikhathi eside njengoba ahlukana naleli qembu ngoZibandlela wezi-2018.
Ekuhambeni kukaSolinas kwangena u-Ernest Middendorp. Ngaphansi kwalo mqeqeshi kwabonakala inhlansi yokusimama kwegama laleli qembu njengoba lahlala esicongweni seligi kwaze kwacishe kwaphela isizini. Okuthe uma kubuyelwa enkundleni emva kwemvalelwakhaya leli qembu lehluleka ukuphumelela indebe ye-Absa Premiership.
Omunye umqondo uthi ufika nje uKomphela vele iqembu lisenkingeni njengoba eminyakeni eyishumi eyedlule lisaphumelele izindebe ezinhlanu kuphela.
Izinkinga zaleli qembu zenyukele esikhundleni sokwehla. Emva kokuxosha uMiddendorp liqashe u Gavin Hunt. UHunt wamukelwe ngesasasa elikhulu kwaba nethemba lokuthi abaxhasi nabalandeli bazojabula.
Kepha le sizini ayikabi yinhle kuleli qembu njengoba lingakaphumeleli nowodwa umdlalo. Nasemqhudelwaneni iTelkom Knockout selikhishiwe.
Bakhona-ke abathi ukungenzi kahle kweqembu kungenxa yokuthi lijeziswe ngokuthi lingakwazi ukubhalisa abadlali njengoba latholwa linecala lokubhalisa ngokungemthetho u-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana ngowezi-2018.
Abanye bathi uMiddendorp wahlala esicongweni seligi isikhathi eside ngabo laba badlali abakhona, ngakho-ke kufanele engabe uHunt wenza kahle enkundleni.