Unikwe umphako uPotsane osayine kuMakhosi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umdlali wasesiswini weRoyal AM, uKabelo Mahlasela, unikeze uTebogo Potsane iseluleko sokuthi angabhekana kanjani nengcindezi yokudlalela iKaizer Chiefs.
UPotsane ujoyine Amakhosi esuka kwiRoyal AM kaShawn “MaMkhize” Mkhize ngeledlule. Lokhu kusayina kukaPotsane kumangaze abaningi kwazise akukho lapho okwake kwavela khona ukuthi zimgaqele lezi zinkunzi zaseSoweto.
“Iseluleko engingamnika sona uPotsane ngesokuthi kumele aqine. Kumele ehlezi egxile ekutheni enze kahle. Kumele abeke kakhulu umqondo wakhe emdlalweni wakhe. Siyakhuluma kakhulu naye. Ungumngani wami omukhulu, okuhle ukuthi lokhu ukuzwa ngami okuwumuntu esihlezi sikhuluma naye sidlalile isikhathi eside sobabili. Ngaphandle kokukhuluma ngebhola siyazikhuluma nezinto zethu zangaphandle” kusho uMahlasela.
UPotsane oneminyaka yobudala engama-29 usayina kuMakhosi nje phambilini uke wagijima kwiBloemfontein Celtic neFree State Stars. Kanti abanye abadlali abajoyine iziMpofana kanye kanye nalo mdlali odlala ezinhlangothini phambili, uGiven Msimango, uPule Mmodi, uThatayaone Ditlhokwe, uSimpiwe Given Msimango, uMduduzi Mdantsane, u-Edson Daniel Castillo Garcia noRanga Piniel Chivaviro.
Lesi sikhwishikhwishi esinguMahlasela seluleka uPotsane nje naso sike sagijima kwiziMpofana kusukela ngonyaka wezi-2018 kuya kowezi-2020.
UMahlasela ngoLwesithathu ubemele iRoyal AM n kwamanye amahhotela agudle ulwandle eThekwini, ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni iPrince Mangosuthu Legacy Cup yowezi-2023.
Lo mqhudelwano uzokuba mhla zingama-29 kwephezulu iRoyal AM izotholana phezulu neRichards Bay kowandulela owamanqamu wokuqala kuthi AmaZulu FC adlale neMbabane Swallows yaseSwatini ePrince Mangosuthu Buthelezi Regional Stadium, oLundi.
“Indlela adlala ngayo uPotsane okanye uhlobo lo mdlali awuyena, angingabazi ukuthi uzokwenza kahle eSoweto. Ngimfisela okuhle kodwa” kusho uPotsane.
UMahlasela eqhuba ubalule ukuthi ukuhamba kukaPotsane kushiye igebe elikhulu kuRoyal AM, kodwa kuzomele kube khona ovala isikhala sakhe.
“Siyazi ukuthi ibhola linjani abadlali bayafika bephinde behambe. yebo ukulahlekelwa uPotsane kuyinto enkulu, kodwa ngikholelwa kakhulu ukuthi sinabo abadlali abazovala leso sikhala”Kubeka uMahlasela.
Lo mdlali odlala esiswini onebhola lomjiko uphinde wabalula izinhloso zeRoyal AM zangesizini ezayo ngemuva kokuqeda endaweni ye-11 ngesizini edlule.
“Wonke amaqembu mayedlala asuke edlalela ukunqoba okuthile ekupheleni kosuku. Nathi isifiso sethu kule sizinini ukuthi siwine okuthize asikhathalele ukuthi sidlala naliphi iqembu, okanye likuyiphi indawo kulogi ngaleso sikhathi. Sifuna ukujabulisa abalandeli bethu ngokuthi siqede endaweni ehloniphekile”kuphetha uMahlasela.