Umcwaningi ubona umthetho ungemandla kwabezibhelu


“Ukungathathwa kwezinyathelo kulabo okukholakala ukuthi yibona abaphehla udweshu lwezibhelu ngoNtulikazi wezi-2021 kuqhubekisele phambili nokungcolisa isithombe sezokuphepha nezobunhloli kuleli.” Uphawule kanje umncwaningi omkhulu nochwepheshe esikhungweni i-Institute for Security Studies uDkt uJohan Burger.
Ukuphangwa nokucekelwa phansi kwamabhizinisi kwadla lubi KwaZulu-Natal, eGauteng nasezingxenyeni zeMpumalanga. Ngemuva kwezinsuku eziyisishiyagalombili zesiphithiphithi eGauteng naKwaZulu-Natal, bangaphezu kwama-350 abantu abashona ngalesi sikhathi.
Izindleko zokucekelwa phansi kwempahla nengqalasizinda zilinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R50. Ngemuva kweminyaka emibili, amaphoyisa aseqinisekise ukuboshwa kwabantu abangama-63 mayelana nobugebengu obuhlobene nezigameko nezibhelu.
Phakathi kwabo kukhona owayeyisishoshovu seFees Must Fall uBonginkosi Khanyile kanye nowayengumsakazi uNgizwe Mchunu. Bobabili babekwe amacala ahlukene okugqugquzela udlame.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu uBheki Cele wathi, “Sibophe abantu abangama-63 kusukela ngoNtulikazi wezi-2021. Labo bantu basenkantolo. Kungani bengagwetshwa, ungabuza uLamola (uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nezokuhlunyeleliswa Kwezimilo uRonald Lamola). Kodwa sibabophile, bonke basenkantolo. Abanye babo (bangaphandle) ngebheyili.”
“Siyawanyusa amacala esibabeka wona, sifuna ukususa amacala okuhlohla okwejwayelekile kuthi wonke abe owobuphekula nokuvukela umbuso. Ngaphandle kwalowo mfana owayeshayela i-Mercedes Benz (Mbuso Moloi) ogwetshiwe. Baningi abasazofika,” kwengeza uCele.
I-Institute for Security Studies ithi ukubambezeleka kokuboshwa kongqondongqondo abaphehla udlame kuwumshophi kophiko lwezokuphepha nezobunhloli kuleli. Umhlaziyi wobugebengu ozimele uDkt uBurger uthe, “Inani elincane labagwetshiwe nababoshwa ngokusobala alilingani nomonakalo olinganiselwa ezigidini ezingama-R50 kuleli zwe kanye nemiphefumulo eyalahleka phakathi nezibhelu. Manje ngebhadi sesifinyelele lapho sibona sengathi ongqondongqondo abaphehla lezi zinxushunxushu angeke babhekane nengalo yomthetho.”
KwaZulu-Natal okungenani bathathu abantu asebegwetshiwe kuze kube manje. UMbuso Moloi, owavuma icala lokweba, usanda kugwetshwa izinyanga ezili-18 eqondisa izimilo kanye namahora ali-16 enza umsebenzi womphakathi ngenyanga. Kwasabalala i-video ezinkundleni zokuxhumana, emkhombisa ephuma esitolo ephethe ubhasikidi ontshontshiwe wegilosa ngesikhathi kunezibhelu.
EPhoenix, lapho kwabulawa khona okungenani abohlanga abangama-36, izelamani ezimbili, uDylan noNed Govender, ziboshelwe icala lokubulala uMondli Majola, oneminyaka eli-19. Inkantolo yabakhulula ecaleni lokubulala, kodwa yabathola benecala lokuzama ukubulala. Bazogwetshwa ngenyanga ezayo. UBurger uthe abantu baseNingizimu Afrika basesebumnyameni mayelana nabahleli balezibhelu.