Isithebe saboHlanga emnothweni kuleli



UMnu uXaba ungumsunguli we-Adamopix. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil…
Sisazolokhu siqhubeka sibheka ukuthuthuka kwe-Afrika esigabeni sezomnotho.
Kuleli viki, mhla zilishumi kuMbasa, iSekela liNgqongqoshe eMnyangweni Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana, uMnu uFikile Majola, likhuluma njengesimenywa ku-ANC Progressive Business Forum, ligcizelele ubumqoka bokuzibandakanya kosozimboni baseNingizimu Afrika ekuhwebelaneni nezwekazi i-Afrika.
Ugcizelele ukuthi abantu baseNingizimu Afrika nxa benza imikhiqizo yabo kumele bangayenzeli kuphela abantu abayizigidi ezingama-60, okungabahlali kuleli.
Kunalokho, ugcizelele ukuthi kumele benze imikhiqizo ezothi isetshenziswe ngabantu bonke base-Afrika.
Ngokukamfo kaMajola, lokhu kumele kwenziwe esigabeni lapho kwakhiwa khona izinhlaka zezamabhizinisi.
Nxa kwenziwa kulesi sigaba lokhu kuyosiza ukukhula nokudlondlobala kwebhizinisi lelo ngendlela engakaze ibonwe.
Uthembise nokuthi uHulumeni waseNingizimu Afrika uzokhipha uphinde ishicilele umqingo ozobhekana nezindlela ezizolandelwa osozimboni bakuleli ukuze bakwazi ukuhwebelana namanye amazwe ase-Afrika ngokungabi nazihibe.
Lo mqulu uzobe ubhekelele izinhlaka zonke zezimboni zakuleli. Phakathi kwezimboni, singabala ezensimbi, ezezithuthi, inyama yenkukhu, ushukela, ukucwenga nokuhluza imikhiqizo embiwayo, ezezolimo, izimpahla zokugqoka.
Eqhuba uSekela Ngqongqoshe uthe lokhu kumele kwenziwe kusetshenziswana nezifundazwe zonke kanye nezindawo zasemakhaya ngokuhlonzwa ngokwemiqingo yonke kaHulumeni.
Ukuhambela kukaHulumeni ezindaweni lapho kwenziwa khona imikhiqizo, kuzokwenza ukwazi ukusizana nosozimboni ukubona ukuthi yizona ziphi izimboni ezizokwazi ukuthi zibekeke ezimweni zokukhiqizela amazwe angaphandle.
Phakathi kwamazwe angama-54 akhele izwekazi i-Afrika, kwangama-37 asazibandakanye nalesi sivumelwano, kusasilele ali-19. Yize esevele ezibandakanyile la mazwe, kodwa kusamele akwazi ukuletha isiqinisekiso sokuzibandakanya nale nqubomgomo ye-African Continental Free Trade Area (AfCFTA).
Ukuhwebelana ezingeni elingama-16% kumele kuguquke ngokushesha ukuze leli zwekazi likwazi ukwakha imisebenzi yabantu abayizigidigidi abangenayo imisebenzi, ikakhulukazi abantu abasha okuyibona abaningi kuleli.