Now Reading
Kuyoba nini kukhalwa esifanayo ngebhola labesifazane 
Dark Light

Kuyoba nini kukhalwa esifanayo ngebhola labesifazane 

Ngibona kusazophela iminyaka ukuthi abantu besifazane bahlonipheke kuleli kwala noma kuthiwa benza kahle kanjani.

Inkulumo yami iya entweni eyenzeke ngeledlule efaka iqembu lesizwe labesifazane iBanyana Banyana nenhlangano ephethe unobhutshuzwayo iSouth Africa Football Association (SAFA). IBanyana Banyana bekumele idlale umdlalo wobungani nomakhelwane iBotswana, okuwumdlalo wokuvalelisa kodwa kwagcina kudlala iqembu eliqokwe isigubhukane. Neligcine libhaxabulwa ngamagoli amahlanu eqandeni, kumdlalo obubanjelwe eTsakane Stadium eGoli.  Lokhu ngikubona njengehlazo okanye isihluku esibi, ukuthi engathi izintokazi ziyomela iNingizimu Afrika ayi nje kwiNdebe encane kodwa kweyoMhlaba. Nakhona lezi zintokazi ziya kweyoMhlaba ezoqala ezinsukwini ezizayo nje zalwa, kwazise zanqoba iNdebe ye-Women’s African Cup of Nations (Wafcon).

Lokhu ukube kwenziwe iBafana Bafana okuyiqembu labesilisa bebezohlelelwa umdlalo osezingeni, amabhonasi akade bezonikezwa bona bebezowathola ngesikhathi. 

Angisho ukuthi abesifazane abafane nabesilisa, kodwa ukuhlonishwa okuqhamuka enhlanganweni ephethe unobhutshuzwayo ayicishe ifane. Kungani ngempela kungayi ngamagama enkehli, angithi abadlali beBanyana Banyana bathenjiswa ukuthi bazothola imali eyingama-30 000 USD (R560 000) ngokudlala kweyamaqoqo eNdebe yoMhlaba.  Angisho ukuthi iBanyana Banyana izoyinqoba iNdebe yoMhlaba okanye izokwenza kahle, kodwa vele indlela esekwenze ngayo abadlali sebedungekile imiqondo yabo. 

Ungadlala kanjani ungenaso isiqiniseko sokuthi inkece uzoyithola yini noma cha. Bengaya bafike bazigcinele icala kwazise izinhliziyo zabo zizobe zingekho kweyoMhlaba. 

See Also

Iningi labadlali abagijimi kuyona iBanyana Banyana bagijima phesheya kwezilwandle, okusho ukuthi ibhola lakuleli liyenyuka.

Kodwa linyuka kunjalo izikhulu azikuboni nje lokho njengento enhle.  Ngifisa  engathi ngokhetho olulandelayo, laba abanelungelo lokuvota bebukhiphe ubuholi obukhona enhlanganweni iSafa sike sibone obusha. 

Scroll To Top