Inkolo yabansundu bezwekazi leNgodwane akaze icindezele ubulili


Ibhalwe iNkosi UMbhengi II kaBonginkosi kaMandlakayise kaQiyana kaMatshana kaNxazonke kaMbhengi…
Ngokwenkolo endala yabaseLangeni nxashana sikhuluma ngabaNgcwele sithi iLanga(uBaba weMvelo yonke). Bese kuba yiNdlovukazi uNomhoyi efaniswa nenhlabathi esikholelwa ukuba yiyona ekumila kuyona imvelo.
Kube sekuba ngamaKhosana kanye neNkosazane uNomkhubulwane. Siyaqonda kanjalo sekubuswa abantu kuba yiLanga Inkosi YamaKhosi kube namaKhosana enamaphakelo okuwumfuziselo womkhathi lapho iLanga libusa amaKhosana angamaLanga amancane kuzinkanyezi. Siyazi ke iNkosazane njengonina wayo iNdlovukazi iyabusa nayo!kungakho ngisho abesilisa ekhaya (amaKhosana) efunga yona iNkosazane Yakwabo ukuyihlonipha isigaba sokubusa kwayo!
Ukhumbule-ke izogana ibeyiNdlovukazi ze izale iNdlovu ezobusa nayo! Siyazi ke iNdlovukazi (uNomhoyi igama layo ngokweSintu) kanye neNkosazane (Nomkhubulwano) basenhliziyweni yeNkosi njengoba kunjalo naseMkhathini, nokwenza sicele kubo nxashana sidinga ukuze basicelele koPhezukonke iNkosi YamaKhosi iLanga!
Siyakuqaphela ngokufundiswa yiso belu iSintu nokuqonda ubuKhosi beLanga ukuba njengoba uMbuso walo uhlukene zigaba zine, nemvelo ifuza kanjalo kungakho inezinkathingqangi (seasons) ezine ezimele izigaba ezine okuwuBaba, uMama, iNdodana noNdodakazi.Lokhu kusinika izinkathi ezine ezinemikhosi ebalulekile yobuKhosi beLanga,okuyiNtwasahlobo,Yihlobo,YiNkwindla noBusika.
Ngokwesigaba somuzi kubalulekile ukuqonda iMvelo noMkhathi. Kungakho umuzi weSintu unesibaya phakathi nendawo, bese intuba yokungena abomuzi iqondane ngqo neNdlu yangenhla. Lokhu kusikhumbuza ukuthi eMkhathini iLanga liyabusa liphakathi nendawo, eduze nalo kukhona iNyanga (iNdlovukazi)! Kuyaziwa-ke kunemihlaba elishumi (10) ezungeze iLanga, kungakho ke nezindlu zakhiwa zizungeze iSibaya (iLanga). Kuyaziwa kuyoyonke imizi amaThongo onke ahlala eSibayeni, kepha iNdlu yawo yiyo belu eyangenhla! Kungakho ke ngokosiko lwesintu kakhulu saseLangeni, kukhulunywa eSibayeni noma endlini yangenhla nxa kuthintwa amaThongo!
Kunomfuziselo ukwazi ukuba imihlaba (planets) ezungeza iLanga ilishumi (10). Bayazi abanikwe isabelo seMpepho (uMsamo) emakubo ukuba kubalulekile ukuba amagobongo aphelele abelishumi ukuphelelisa isigaba sokubusa njengeLanga! Kungakho iLanga lifaniswa neNkosi ebusa iSizwe sonke.
Phela ukubusa kuhlukaniswe zigaba zine ngokwezindlu ezinezwi. Yinkosi ebusayo, nabaNewabo okunguMfowabo omncane nePhosakubusa okuwumfowabo omele iKhohlwa leNkosi ebusayo ngokweNdlu kuyise! Kube uBaba wabantu okuwuMnewabo omdala weNkosi (kuvame ukuba amaZibulo)!
Lezigaba zibalulekile ekutheni iNkosi ikwazi ukuqonda okwenzekayo ezweni elibusayo,nokuthola izeluleko ezifanele kwabasekhaya ebusa nabo iSizwe! AmaKhosazane abulekile ke ngoba kulesigaba afunda koNina, futhi yiwo akwazi ukukhuluma ngisho obekungezwakale kushiwo abafowabo beNkosi! Lokhu kuyayiqinisa ze yazi uma isiyiNdlovukazi iyokhiqiza amaKhosi ahlobo luni olungasiza ngani iSizwe.
Kuyaziwa ngisho nangokwenkolo endala yaseKemet uMaat iNkosazane/iNdlovukazi enkulu nguyena okala izinhliziyo zonke ukuba zisahlambulukile ngeqiniso na,ngisho eyeLanga uqobo idlula kuso isigaba sophaphe ngoba kuMbuso ngisho iNkosi iphoqelekile ukugcina umthetho weqiniso nobulungiswa beMvelo yonke!
Lezigaba zeMvelo zibalulekile ukugcina uzinzo (balance) kwiMvelo yonke kubalwa ngisho ngokoMoya! Ikhaya elingazazi lezigaba libonakala ngemibango engenasidingo!nokucindezelana ngobulili okubuyisela umuzi emumva! Uzwe-ke abantu bezakhela emingi imithetho engelona iqiniso nebulala uzinzo ixoshe amaThongo ekhaya! Kwenza kubenzima ukuxhumana namaThongo nokunomthelela omubi ozodala imibango engenasidingo!
Nxashana izingane zizalwe zangenzelwa amagobongo afanele izigaba zazo lezongane ngeke lezongane zekhaya zihloniphane, futhi ziyosedusa ngisho isandla sazo seMpepho ngakho ukungaziqondi izigaba zeziphiwo zabantu ekhaya!
Kwizizwe ezisagcina isintu noMsamo siyaye sibone amaKhosi ebungazwa ukubuya ngoba kwaziwa umuntu akanakuhlala kwisihlalo samaThongo engaziwa ngeyiphi Inkosi ebuye ngaye yameMbatha ukuze abeyiNkosi! Lokhu kusibuyisela kumagobongo asuselwa kwimihlaba elishumi ebuswa yiLanga!akukwazi ke iNkosi (iLanga) lishodelwe amagobongo (imihlaba) eliyibusayo! Yikho endulo iZangoma bezilawulwa ngamaKhosi! Futhi kuyiwo amaKhosi okwenzelwa umhlahla ezigodlweni zawo ngoba kwaziwa ayakwazi ukudonsa ngemimoya yonke kanye nesigaba sokuyibusa!
Kuningi thina siyiSizwe esikugejile,nokudala izinkinga eziningi ezingenasidingo esibhekene nazo!kubelula kakhulu ukuxova iSizwe ngisho nomlando waso ngoba vele amaKhosi aqedwa amandla okubona kude ngokuxhumana namaThongo ngokwesigaba esifanele. Kuyishwa elingalungiswa kuphela ngakho ukubuyela kwinqubo yosiko lweMvelo lokuqonda iMvelo nezigaba zayo zempilonhle.