Now Reading
Asilungise okwe-Afrika ngobu-Afrika singalumi siphephetha
Dark Light

Asilungise okwe-Afrika ngobu-Afrika singalumi siphephetha

Ukuba ngomalumephephetha njengegundane, abakwaXhosa bethi ngomalumephephetha ephozisa okwempuku, osekwalimaza iningi lethu sikuqala ezindlini lapho sihlala khona nakwezinye izindawo.

Kudabukise uma owoHlanga elumephephetha ngekubo, ngasondelene nabo, ngezwe lakhe, ngezokuphepha nokuvikela kwabangebona abezwe lakhe, athi ungumsinsi wokuzimilela kulona.

Sekukaningi kwelanyelwa izimo ezinjena, kwasolwa umuntu okwakungeyena ngenxa yokweselwa ubuhlakani bokuhlakanipha okuvela kuMdali wethu, ngokuba ngomalumephephetha njengundane.

Kwabulalisa ababengomengameli base-Afrika ukuluma kuphephethwa emazweni aseNtshonalanga, Ekubeni abaseNtshonalanga bengalumi bephephetha ngeNtshonalanga.
Kusenokuvungama ngokuba ngomalumephephetha komengameli bamazwe angama-53 e-Afrika, abesaba iNtshonalanga nabelungu, Yingakho, bengathumelanga eMadagascar abafundele ezokwelapha ngokwaseNtshonalanga nangokwase-Afrika, ukuyohlanganisa ulwazi lwezokwelapha, ngenkathi iMadagascar ibalule ukuthi umhlonyane ungasiza ukudambisa ukhuvethe enyangeni uNhlaba ngowezi-2020. Ilapho iAfrika okwakufanele ichumise khona ezokwelapha zayo.

Yaphunyukwa yithuba i-Afrika ingaqali ngenxa yokuluma kuphephethwa komengameli nabantu bayo. Kwakuzokwenza ukuba i-Afrika iqale ukuzikhiqizela umjovo nanokuthi i-Afrika isiyazama ukuzimela, bese iyahlonishwa nabantu bayo. Nenyanga uNhlaba yayizogujwa yi-Afrika ngokuthi isinokwayo eyazisungulela kona kwezokwelapha emhlabeni.

Kwaqhamuka futhi amazwe aseNtshonalanga nomjovo wokhuvethe abathi iCovid-19 Vaccine ngowezi-2021,phezu kokufunda okungaka okwehlukahlukene aboHlanga abanakho eAfrika.
Uma ubheka ngapha uthole kunokulunywa kuphephethwa ngabasebenzela ezokugcinwa komthetho okwehlukahlukene. Bayadayisana, bayahlomula,banikela ngozakwabo ezigebengwini nasebantwini abathile.Iphoyisa labukelwa nguzakwabo, wangalekelela,wazihlalela emotweni yamaphoyisa.Lafike lamushaya uzakwabo sebesesiteshini samaphoyisa lapho ayesebenzela khona ngoba wayemdayisile esigebengwini ngowe-1980.

Umphakathi awuqaphele ukuluma uphephetha ngoba uyozithola sewulenze labanqunu, lababuthakathaka izwe labo nabo uqobo njengoba kubonakala nsuku zaphuma bekwenza ngoba ulambele ukuzuza.

Kudala ukuba sihlale sibona izigameko zokwedelwa nezokubukelwa phansi kwababheke ezokugcinwa komthetho ngabangebona abengabade. Abengabade benqume ukubukela, beluma bephephetha kwenziwa okubi ngekwabo. Yazi ukuthi kusuke kudelelwa wena siqu sakho, ukuthi asiyilutho,awulutho hhayi nje ababheke ezokugcinwa komthetho.

Sezake zabonakala komathelevishini izehlo ezinjalo. Ekubeni bengeke bakuvumele ukuba udelele abezokugcinwa komthetho emazweni abo noma ezindlini zasemakubo. Pho sikwenzelani lokho thina?

Abanye baluma bephephetha, babebukela konakala, babegaqede izikhundla eziphakeme, zokuba sephalamende likazwelonke, kohulumeni bezifundazwe, komasipala ngisho ezimbonini zikahulumeni nezizimele,emibuthweni yabo yezepolitiki emazweni abo.Baluma bephephetha ngegama idemokhrasi engabasebenzeli abayiningi.

Basaluma bephephetha abanye e-Afrika, basenamanga ngoba abakaze, basungule, asikaze sizwe, sibone, sifunde ukuthi banezikhwama zemifundaze nokunye okuhambisanayo, into enhle kangaka ukuyenza uma unethuba. Basazicabangela bona, bafuna kube yibobodwa abafundile nabangcono.

Kuze kube manje i-Afrika ayikakazimeli ngokwezemfundo nangokwezimali. Sisadungekile, silibele ukuluma siphephetha abakwethu ngenxa yemfundo nemali ewumqondo waseNtshonalanga. Ayinamabhange amakhulu ayo nawumqondo waseNtshonalanga.

Sekuyacaca manje ukuthi isayikholoji eyahlelwa yatshalwa ngabamhlophe baseNtshonalanga e-Afrika, ikakhulukazi kwezemfundo nemali, yabadunga aboHlanga e-Afrika. Basenomgolo, basacokofulana, basagabiselana, basengamasela, basahlakazana, babulalane bewumndeni ngenxa yemali.

See Also

Kuze kube manje akukakaqhakanjiswa okwaboHlanga kwathi qekelele ngabafundile nabanezindodla zemali. Yize bekhona abayingcosana abazamayo ukwenza okuhle e-Afrika nangalapho behlala khona. Esikubonayo, ukucokofulana, ukubanga umsindo, ukugabiselana ngemfundo nemali kwaboHlanga okusabadungile.

Ukuchizela, ukulutha nokuluma kuphephethwa kosopolitiki bengezwelani naboHlanga, bebe bethobela, bevumelana isinyelela nabamhlophe, kuzokwehliswa amavoti ngokuxakile, okhethweni loHulumeni Bendawo, bomasipala mhla lulu-01 kuLwezi wezi-2021, ukwedlula ukhetho olwalungoNcwaba wezi-2016.

Uma sisenalolu hlobo losopolitiki abafundile ngokwaseNtshonalanga, abangenamgogodla, abasasilutha ngale ndlela, yini enhle egculisayo esingayilindela kubona siwumphakathi wase-Afrika. Kusobala ukuthi banomqondo wabamhlophe bebe bemnyama abanye babo.
Kusukela manje nginxusa ukuba sengeze eculweni sihlabelele sithi: Thina sizwe esimnyama sikhalela imfundo, ezolimo, ezokwelapha, ezenkolo, ezomthetho zaboHlanga e-Afrika ezazingokomqondo wokhokho bethu, nezadungwa ngabamhlophe baseNtshonalanga.

Ababezibambele mathupha lezi zinto zase-Afrika bengakafiki abamhlophe
Singabe sisacula sithi “Thina sizwe esimnyama e-Afrika sikhalela izwe lethu elathathwa ngabamhlophe”. Kusayehlula i-Afrika ukulawula umhlaba, ezemfundo, ezolimo, ezokwelapha, ezenkolo, ezomthetho ukuzichumisa ngokwase-Afrika kanye nokuzenza ngokwaseNtshonalanga.

Akusiniki igunya, imvume yokucokofula ngokungakhi futhi singenasisombululo nesixazululo esinempilo nesithuthukisayo. Silobizela ukuba kuthuthuke thina kuqala kungakhathaleki ukuthi kwenzekani kwabanye uma zizohlabahlosa izinto kithina.

Asibeke eceleni ukugxeka, ukugxibha, ukucokofula, ukuhlambalaza ezidlangalaleni sengathi asinamachashazi. Sesifana nosopolitiki ngokuluma siphephetha ngoba singekho emagunyeni agqamileyo ezweni.

Scroll To Top