Now Reading
AboHlanga abaziqhenye ngezilimi zabo
Dark Light

AboHlanga abaziqhenye ngezilimi zabo

Ukhona yini emhlabeni, nasemakhaya, owake wezwa izilwane zikhuluma izilimi zebele zabantu noma zikhuluma njengabantu, zikhulumisa okwabantu, zibe zinalo ulimi lwebele lwazo ngokwehlukana nangokudalwa kwazo nguMdali wethu sonke? Cha, nakanye. Akukaze futhi akusoze kwenzeke. Awusoze wezwa ngisho ibhubesi lithi “nyawu” njengekati.

Mhlazane ibhubesi lakhalisa okwekati, yingalelolanga okuyokwengezwa, kunezezelwe ezageni noma kwizaga ngokuthi: Ibhubesi lingazala indlovu. Ibhubesi nengwe kuyokwetshisa. Okuwukuthi ayisoze yenzeka into enjalo, indlovu izala ibhubesi ekubeni kuyizitha. Ibhubesi nengwe azibudli utshani ngokwendalo kaMninimandla onke.

Ngeke nangengozi wazizwa izilwane nezinyoni ngokwehlukana zikhuluma izilimi zebele zabantu. Ekubeni abantu benyanya, bexwaya izilimi zebele zabo emabandleni ikakhulukazi, ubabone ukuthi balobizela ukuba ngabelumbi base-Europe ngowezilimi zebele,bebe bengebona.

Kuwukungacabangi, kuwukuzibukela phansi nokungazenyezi. Ube uthi uyacabanga ube ungacabangi, awuzibukeli phansi ube uzibukela phansi, awuzenyezi ube uzenyeza ngezilimi zebele zase-Afrika.

Kunezillwane ezaqhwagwa ngabantu, baziqonela, bazibusa phezu kwendlela yokuphila kwazo. Zahlala nabo, zaphila njengabo emakhaya, ukuba zibavikele, zenze neminye imisebenzi. Njengoba kwenza ubuqonelobusabanye, ubukoloni phezu kwaboHlanga.

Sezasondela ebantwini ezinye izilwane, kepha zakwazi ukuzigqaja ngezilimi zebele zazo zabambelela kuzona. Ingani izinja zisakhonkotha, zishaye nomkhulungwane ngokobuncanga (inja). Amakati asakhala athi “nyawu” ngokobumangobe (ngokobukati). Izinkukhu zisakikilikiga ngokobunkukhu. Izinkomo zisabhongisa okwezinkomo emakhaya. Kwathi ezasehlane nasemahlathini izilwane zisakhalisa okwezilwane.

Ngakho-ke yonke imfuyo ehlukahlukene, efuywe ngabantu emakhaya nasemagcekeni, phezu kokuhlala nabantu impilo yazo yonke, zisetshenziswa ngabezokugcina komthetho nokuvikeleka okwehlukene, kepha zisazilondolozile,  zisazigcinile, izilimi zebele zazo kwaze kwaba yizizukulwane zazo nakulenkathi. Lezozilwane zisakhuluma ngendlela yangokwezilimi zebele zazo. Kodwa okwabantu yinsambatheka ngezilimi zebele zabo!.

Akekho umuntu ongathi wazifundisa izilwane ukukhuluma izilimi zebele zabantu. Kwala ngisho izilwane sezikwazi ukuxhumana nabantu ngenxa yokufundiswa ngabantu emakhaya kodwa zasala izilimi zebele zezilwane eziseyisibusiso sikaMdali kuzona njengabantu, lapho zasala izilimi zebele zabanye babo phezu kobuqonelobuswe ngabase-Europe.

Abantu abakaboni futhi abazimisele ukubukela,ukubonela ezilwaneni nezinyoni ukuthi zisayibambile njalo eyokuzigqaja nokungazingabazi ngezilimi zazo zebele. Abantu abakwazi ukuzwa ukuthi zithini, zikhulumani izilwane nezinyoni ngenkathi bezibuka zivule imilomo yazo.

Siye sikuqaphele ezinhlelweni zathelevishini ezisifundisa ngempilonhlalo yezilwane zasendle, zasehlane ezehlukeneyo ukuthi ziphila kanjani. Ezinye zezilwane zibanga umsindo njengophawu lokukhuluma nokucela ngenkathi zihlaselwa ngamabhubesi, yizingwe, ngamankentshane nezinye.

See Also

Lowomsindo usuke kungowokukhuluma nokumemeza ngezilimi zazo zebele,abakwazo ukuba bazolekelela. Ngoba, uma inyathi ibhongisa okwenkomo, ikhala ithi: Meee! okwembuzi ngeke zayizwa ukuthi yinyathi yakubo ecela ukuzophephiswa ngenkathi ihlaselwa ngezinye izilwane.

Kepha abantu babukeka sengathi sebakhulumisa okwezilwane, ngokwezilimi zebele zabo, uma becela kuMdali. Yingakho ukucela, ukudumisa, ukuthandaza kwabantu ngokwehlukana kwethu kuyize leze. Akasizwa!

Kuyoze kube nini,isidalwa esingumuntu esesalahlelekelwa ubuMdali  nobuSomandla nesithi siyamdumisa kepha singazazi ngokwezilimi zebele sazo.

Asingabe sisesabesaba abelungu base-Europe ngokuzigqaja, ngokungananazi emabandleni, emithonjeni yokusakaza nakwezinye izindawo, ekubambeni iqhaza nasekusimamiseni izilimi zebele. Yize ivela njalo inhlese ngisho siyifihlile, yokuzenyanya ngokwezilimi zebele zethu.

Scroll To Top