Umdlalo ngeLembe unenhloso eyodwa vo – ukufundisa
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ziningi izindlela zokuxoxa umlando. Ukwehluka lokhu kuncike ekutheni oxoxayo ucaphune muphi umthombo.
Bakhona abathi abakuxoxayo kwatholakala ebhukwini thizeni , bese kuba khona abathi bona bezwa kuxoxwa. Umdlalo oluchungechunge kulezi zinsuku obizwa ngeShaka-ILembe uyindlela ethile yokuxoxa ngomlando.
Uhlanganise izigameko zomlando ezaziwayo nalezo ezakhiwa emuva kokuhumusha
okwabe kwenzeka. Isibonelo akekho owazi ukuthi iLembe lazalwa ngamuphi unyaka kepha kwaba nokulumbanisa izigameko zomlando kwase kuqhanyukwa nonyaka thize okwanqunywa ukuthi ngowe-1787.
Okwaziwayo ngoba kwase kukhona ababhalayo wukuthi laguqa nini KwaDukuza. Siyazi ngenxa yababhali ukuthi laguqa mhla zingama-24 kuMandulo ngowe- 1828.
Abadidiyeli balomdlalo baqhamuke nokusha manxa kuxoxwa nge-Afrika noma
aboHlanga. Imvamisa kuke kuvele umlungu bese kuthiwa zonke izinto zenzeka ngenxa yakhe noma avele engumalamulela, elekelela aboHlanga. Kulokhu
abadidiyeli balomdlalo bathe cha, abeNguni naboHlanga babekhona bengakafiki abaDeshi (Dutch) noma iziNkinsimane (Englishmen). Lokhu akuvamile.
Omunye wabaqondisi abakhulu kulomdlalo uNks uDesireé Markgraaff, uchaza kanye ngomsuka walomdlalo: “ Inkulumo yokuqala engaba nayo noM-Net – ngingathi kwabe kuyiminyaka elishumi eyedlule , kwaba ukuthi kungenziwa imidlalo eminingi yethelevishini kwaba nomuzwa wokuthi kwabe kunegebe elikhulu
eNingizimu Afrika ngokuxoxa izindaba ezingemuva lethu ngendlela ezoqonda kuhle kothi lomkhonto.”
OyiSikhulu eSiphezulu kwaMultichoice, uNks uNomusa Philiso nokuyiyo exhase lomdlalo uchaza athi ngeqhaza labo: “Uma kungumdlalo omkhulu, nesabelomali siba sikhulu. Futhi kuba kuningi nokunye okudingeka ukuba kuhambisane nawo. Sasazi kahle kamhlophe ukuthi kwabe kuzoba ngumdlalo omkhulu.
Umbuzo kwabe kungukuthi, ”Sizohamba ibanga elingakanani? Yebo, sasingenza uhlobo lomdlalo owukukha phezulu, kodwa sasifuna ukungena sigxile emlandweni
ngeqiniso sibeke neqiniso lomdlalo njengoba linjalo.
“IShaka iLembe iakuyona indatshana nje,” kuphawula uNoms. “Yingakho indlela esixoxa ngayo le ndaba ingamasizini amathathu. Asifuni ukubona sekuvumbuka uShaka esigabeni lapho eselwala ukubusa. Ngesikhathi singena sigxila emlandweni ngempilo yakhe, kuba yilapho simbuleka khona amehlo ukuthi lena yindaba enkulu
kangakanani nokuthi wakheka kanjani ngeminyaka yakhe.”
Enye into ebe mqoka kulomdlalo wulimi. UMnu uNhlanhla Mtaka ongomunye wabaqondisi ulibeke ngembaba elokuthi lesi kwaba yisinqumo esenza waba yingxenye yomdlalo.
“Zimbili izinto ezabe zimqoka kimi. Okokuqala wukuba kufundiswe aboHlanga ngomlando wabo. Okwesibili nokumqoka kwawukuthi lokho kwenziwe ngolimi lwethu. Leyompi yaba lula kakhulu ngoba abakwaMultchoice kabakuphikisanga lokho. Kumqoka ukuba ababukeli bakuqonde ukuthi lena akuyona idokhumentari kepha ngumdlalo oncinke emlandweni. Inhloso ngawo yinye vo, ukufundisa ngomlando wethu kanye nokuveza izindlela ezingcono, ezamukelekile nezesimanje zokuwuxoxa,” kuphetha uMtaka.