Ukujeziswa kabili ngesono sesehlakalo esisodwa kuvumelekile ngokomthetho wezabasebenzi



UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
Esiqeshini sangeledlule sigqine lapho umqashwa esefaka eMkhandlwini elinye futhi icala lokuxoshwa okungenabulungiswa. Okukhulu, umqashwa wayekhala ngokuthi usejeziswa kabili ngesenzo esisodwa ngoba wabe esejezisiwe ngokwesinqumo sikaKhomishana ecaleni lokuqala. Ngokwejwayelekile lokho akuvumelekile emthethweni ngoba kuwukushaya umuntu kabili ngesenzo esisodwa (double jeopardy). Kodwa uKhomishana owayethetha lelicala (lesibili) wayichitha inkulumo yomqashwa, wathi ukuxoshwa kwakhe kwakunobulungiswa makangabuyiselwa emsebenzini.
Selindlulele eNkantoloYezabasebenzi icala lokuxoshwa okwesibili, isinqumo seNkantolo savumelana noKhoishana samchitha umqashwa. INkantolo yawugcizelela umbandela womthetho othi akukho okuvimbela umqashi ukuba ejezise okwesibili uma sekuvela ubufakazi obehlukile ngesehlakalo esenziwe ngumqahwa.
Kuleli cala kwavela selithethwa nguKhomishana okokuqala ukuthi umqashwa nozakwabo banomkhuba wokuvezelana izinombolo eziyimfihlo zokuvula amakhompiyutha abo. Lokho okwephula umbandela wokuqashwa kwabo. Esejeziswa okwesibili, yize kwakuyisehlakalo esisodwa esamfaka obishini umqashwa, izinsolo (amacala) ayesebekwe wona ayehlukile kunalana ayekade ebekwe wona ekuqaleni. Ekuqaleni kwakuthiwe nguye luqobo lwakhe owazama ukweba ngokungena esikhwameni somqashi sasebhange ngoba kwakuyikhompiyutha yakhe eyayenza lokho. Kodwa bungekho ubufakazi bokuthi nguye luqobo owaganga.
Ecaleni lesibili umqashi wayihlaba esikhonkosini indaba wambeka izinsolo zokongethembeki ngenhloso yokudukisa umqashi ngesenzo sakhe sokuvezela ozakwabo inombolo yakhe eyimfihlo yokuvula ikhompiyutha okwaholela ekusetshenzisweni kwekhompiyutha yakhe ukuthi kugangwe. Okwesibili ayesolwa ngakho umqashwa ukwephula umgomo wokuqashwa onqabela ukuvezela noma ukuchayela abanye inombolo yakhe eyimfihlo yokuvula ikhompiyutha enikezwe yena kuphela ukuba ayisebenzise.
Kulesi sinqumo iNkantolo Yezabasebenzi yayilawulwa ngeseNkantolo Yezabasebenzi Yokwendlulisela amacala eyayinqume phambilini ecaleni le BMW (SA) (Pty) Ltd v Van der Walt (2000) 21 ILJ 113 (LAC). Makuqapheleke ukuthi lombandela womthetho wokujezisa kuphindelelwa usebenza kakhulu emacaleni okungethembeki nawenkohlakalo osekuyukhondolo olwandile ezweni lakithi.
Sesake sabhala kweminingi imibhalo sigcizelela ukuthi ukungethembeki, inkohlakalo nokweba kujeziswa ngokuxoshwa ngoba kunukubeza ubudlelwano bokuqashwa. Umthetho angeke uphoqe umqashi ukuba aqhubeke nokuhlala nesisebenzi engasasethembi.
Yiwona lombandela womthetho owalandelwa nguKhomishana kwelinye icala eliqulwe eMkhandlwini iTransnet National Bargaining Council ngoLwezi kowe 2022. Kafuphi okwakwenzekile kulelocala, isisebenzi esasingumphathi sasizitamuzela umholo wesikhathi esengeziwe (overtime) esingawasebenzile. Lokhu kwase kuyiminyaka eminingi kwenzeka futhi kufaka nezinye izisebenzi ezingozakwabo besayinelana bedlisana imali yomqashi ngaleyondlela.
Esewubambile lomkhonyovu umqashi, wambizele enkundleni yobugwegwe lomphathi oyisigilamkhuba. Usihlalo waleyonkundla kwaba nguzakwabo wesigilamkhuba naye owayengemsulwa. Usihlalo wathatha isinqumo sokujezisa isigilamkhuba ngesexwayiso esibhaliwe sonyaka, akangasixosha isigilamkhuba. Umqashi akasemukelanga isinqumo, wasibuyekeza wasibeka icala kabusha isigilamkhuba, wasixosha.
Ecaleni lokuxoshwa okungenabulungiswa, elaqulwa eMkhandlwini, uKhomishana wasebenzisa wona lomthetho esikhuluma ngawo kulombhalo wasichitha isicelo sokubuyisela isigilamkhuba emsebenzini.
Funda kabanzi ngalemithetho ebhukwini “Sihlaziya Imithetho-Izindaba Zabasebenzi Nabaqashi” litholakala ngoxhumana nathi ngocingo noma yiWhatsapp: 0765630397 nange email nokwanda1508@gmail.com.
UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.