Awekho amabhizinisi aboHlanga azodala amathuba omsebenzi



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Sesiphetha inyanga yabantu abasha, kukhulunywe kaningi, kukhuthazwa abantu abasha ngamathuba akhona kanye nezimali ezibekwe eceleni zabekelwa bona. Izinkulumo ezinohlonze kanye nezakhayo ezibhekiswe kubantu abasha uma kuyinyanga yabo zibashiye benemizwa ehlukahlukene.
Kukhona abakhuthazekayo kanye nalabo abakubone kuyinto echitha isikhathi ukubungaza kanye nokwethamela izinkulumo ezibhekiswe kubantu abasha. Nami ngingomunye wabantu abafisa ukubona izithelo zalezinkulumo zeminyaka yonke. Angibasoli abantu abasha abathi sesiside kakhulu isikhathi uhulumeni ekhuluma ngamathuba azowavulela abantu abasha bakuleli.
Bengithamele inkulumo kasSekela Mengameli wakuleli, ngenkathi kugujwa usuku lwabantu abasha, ebuza ukuthi abantu abasha bazoyithola kanjani behlezi ekhoneni. Waqeda inkulumo yakhe wabaleka engachazanga ukuthi bahleli kuliphi ikhona abantu abasha bakuleli.
Bengithi uzoqhubeka nenkulumo yakhe, echaze ukuthi abaphume emakhoneni bayephi ngoba ngibone abantu abasha bephuma ngobuningi babo beya ezikhungweni vemfundo ephakemi babuya bancela izithupha nazo iziqu. Ngibone abantu abasha belwela amalungelo kungekho olalelayo, kwaqhuma isibhamu njengoba kwenzeka kubantu abasha bango-1976. Ngibone abantu abasha bephuma ngobuningi babo benqonqoza eminyangweni kahulumeni, befuna izimali zokuqala amabhizinisi, ngababona bebuya belengisa izandla.
Sisekuyo indaba yamabhizinisi, iSekela Mengameli lakhuthaza kakhulu indaba yokuqalwa kwamabhizinisi eqalwa ngabantu abasha. Wachaza ukuthi umnotho ontengantengayo kuleli zizoshintshwa yibo abantu abantu abasha ngamabhizinisi aqalwe yibo. Okudabukisayo ukuthi ngokombiko wezi-2020 owashicilelwa umnyango wokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane (iSEDA), abelinganiselwa ngaphezulu kwesigidi (1.7 million) amabhizinisi aphethwe abantu abamnyama eNingizimu Afrika, amele cishe ama-37% esibalo, esingaphezu kwezigidi ezine (4.6 million), samabhizinisi ezweni. Imibiko ikhomba ukuthi amabhizinisi aphethwe ngabantu abasha ayinxeye yesigidi kuphela.
Angifuni lezibalo ezingenhla zikukhohlise, zikwenze ucabange ukuthi kukhona okungenziwa osomashishini abancane, ikakhulu abantu abamnyama. Njengoba abantu abasha behleli neziqu emakhaya, abantu abasha bahleli nezimpepha zamabhizinisi abhalisiwe kodwa angasebenzi. Uma abantu abasha beyofaka izicelo zezimali kanye noxhaso batshelwa okuhlukile kunaloku abatshelwa kona uma kubungazwa inyanga yabo kanye nosuku lwabo.
Uma bengatshelwanga ukuthi sebadala, batshelwa ukuthi abanawo amakhono okuqala ibhizinisi. Uma benawo amakhono batshelwa ukuthi imali inikwa abangasebenzi, okusho ukuthi uma kukhona lapho ubambe khona kwamlungu kwamele uyeke ukuze uzodelezela imali ongazi noma uzoyithola yini. Into ebuhlungu ukuthi yibo kanye Labantu abasha abafaka izicelo zoxhaso abondla imindeni yabo ukuze ilale idlile.
Okunzima kakhulu ukuthi noma aboHlanga bengawaqala amabhizinisi, abanawo amandla ngoba imakethe isesandleni sabamhlophe, iningi labo okungebona bakuleli. Uma umuntu omusha elima kwamele athengisele izimboni ezinkulu ezithengisa ukudla zakuleli. Kwazona lezo zimboni uma zivumile yizo ezinquma imali yokuthengiselana.
Sikubize ngentuthuko uma lezimboni ezinkulu zingena ezindaweni zethu aboHlanga, kanti besingazi ukuthi siziphatha ngopelepele emehlweni. Yizo ezilawula ukuthi ishishini lakho lizokhiqizani, ngamalini futhi liyithengise kuphi. Bazamile abaningi ukumelana nawo, kwafana nokuthi bayadlala ngoba abakwazanga nukumelana nazo ngoba zinemali futhi ziyakwazi ukwehlisa inani lento ukuze abantu bengathengi kuwe bathenge kuzo.
Uma sisakhuluma ngamabhizinisa aboHlanga azovula amathuba emisebenzi, njengokusho kukaSekela Mengameli, siyaphupha ngoba kuzomele sishintshi indlela esenza ngayo. Nangonyaka ozayo siyobe sisakhuluma ngamathuba okumele avulelwe abantu abasha kanye nomhlaba okumele ubuyiselwe kwaboHlanga.
Uma uhulumeni wethu engakakuboni ukuthi umuntu omnyama usasalele emuva kuyoyonke into, alukho ushintsho oluzokwenzeka. Uma sisajabuliswa sibungaze ukuthi umuntu oyedwa ungowokuqala ukwenza into ethize, sisazogijimisa izithunzi, sincele izithupha.
Umnotho wakuleli usekuthuthukiseni abantu ngokwenqondo, ukuze bakwazi ukuzimela futhi bethole amathuba ancono. Impumelelo yakuleli ihleli ezinqondweni zabantu abasha bakuleli abanganikwa ithuba lokuzibonakalisa futhi bafundiswe lapho beshoda ngamakhono. Uma ufuna ukubona ukuthi abantu abasha bahlakaniphile, hamba uye ezinkundleni zokuxhumana uyobona izinto abazenzayo.
Uma futhi ufuna ukubona ubungozi bokuhlala kwabantu abasha bengenzi lutho hamba uye ezinkundleli zokuxhumana, uye emtholampilo kanye nasezindaweni zokucima ukoma.