IFAGUGU: Umbono nge-Afrika enokuzimela nobumbano


UMUHLA wama-25 kuNhlaba wusuku olubaluke kakhulu kubantu basezwenikazi i-Afrika ngoba kuwusuku lapho kwaqoshwa khona umlando ngokuthi iNhlangano YoBumbano Lwama-Afrika (Organisation of African Unity [OAU]) isungulwe. Manje le Nhlangano isiyaziwa ngoBumbano Lwama-Afrika (African Union [AU]). I-OAU/ AU iNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika.
Le nhlangano isebenzela ekutheni isungule izinqubomgomo ezokuthuthukisa inhlalakahle yemiphakathi, umnotho, ezombusazwe kanye nezokuphepha emazweni ase- Afrika. Lolu suku akulona nje elokuthi sazise ukusungulwa kwale nhlangano kuwusuku lapho njengama-Afrika sithi kukho konke ebesibhekene nakho nesisabhekene nakho izwekazi i-Afrika lisamile.
Omunye umuntu angazibuza ukuthi lubaluleke ngani lolu suku kimina muntu waseMzansi Afrika? Ake sithathe ukubheka izingqalabutho ezinjengoMnu uPixley ka Isaka Seme owathula inkulumo ngokuvuselelwa kwe- Afrika.
Kule nkulumo yakhe eyayilalelwe izihlwele zabantu ngisho ngaphesheya kwezilwandle lapho ethi “NgingumAfrika ngiyaziqhenya futhi ngiyazigqaja ngokuba umAfrika kanye nangebala lami, noma abathile bengakhombisa ukucwasa nenzondo.”
Esinye isibonelo, ake sithathe ukubheka emqulwini owakhishwa abaholi be-ANC ngowe-1945, okwakuthiwa i-African Claims Charter. I-African Claims Charter yagcizelela ukuthi, asikho isidingo sokuthi abaphathi bamazwe omhlaba, bakhulume ngoxolo, nentuthuko, kodwa indlu emnyama, ikakhulukazi eNingizimu Afrika ngaleziya zikhathi isahleli ngaphansi kwengcindezi nobandlululo.
Ngamanye amazwi, ukumiswa komhla zingama-25 kuNhlaba ize kwaqondana nokugujwa kwe- OAU, angeke sikwehlukanise nemizabalazo kanye nezehlakalo ezenzeka ngaphambilini ukuthi sizibeke lapho sikhona namhlanje.
Lezi zibonelo ziphinde ziveze ukuthi, nathi ma-Afrika, kumele sizimele kukho konke esikwenzayo, singaxhashazwa ngabanye bezizwe futhi sazi ukuthi noma ngabe yini enhle, nelungile okumele yenzeke kuleli lizwekazi, izokwenzeka uma thina sibambisane.
Izinkinga nezingqinamba ezibhekene nezwekazi ziningi futhi zibanzi. Ezinsukwini ezingamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu onyakeni akesithathe lolu suku lwama-25 kuNhlaba ukuthi sibungaze konke esesikuzuzile sikhohlwe izinkinga.
Kungenzeka ukuthi lokhu kugxila ezintweni eziyinkinga okungenza ukuthi sikhohlwe nokubona ukuthi, i-Afrika yanamhlanje, ayisafani ncamishi neyayizolo uma sithatha ukubuka kwezomnotho, ezokuhwebelana kwamazwe, kwezepolitiki kanye nezoxolo nokuthula ezwenikazi lethu.
Kwezomnotho, amazwe ase- Afrika, aseyakwazi ukuhwebelana kangcono kunakuqala; kwezepolitiki, amazwe amaningi e-Afrika nabantu bakhona sebephila ngaphansi kwentando yeningi, kanti futhi nezimpi ezimbi ebekade zikhona e-Afrika ziya ngokuya ziyehla.
Bheka nje, into abantu abangayinaki, eBurundi ngonyaka we-1993, lapho kwasuka khona impi yezikhali kulwa amaqembu esizwe esisodwa.
Le mpi eyaze yaphela ngonyaka wezi-2005. Kodwa namhlanje, noma ngabe kukhona izihibe ezikhona ezadalwa ukungaboni ngaso linye kwezombusazwe, le nto esayibona ngowe-1993, ayikaveli. Lokhu, kutshengisa ukuthi esikhathini samanje abaholi base-Afrika bahlangane, sebeyakwazi ukuthi bathathe izinyathelo ezithize ukugwema ukuchitheka kwegazi.
Ngaphezu kwalokho abantu sebeyakwazi ukubeka imibono mayelana nezombusazwe ukuze kube khona uguquko uma bebona ukuthi izintambo zokubusa izwe aziphethwe kahle.
Uma sibuka nje, amazwe anjengoBurkina Faso, abantu bakwazi ukuqumba phansi uMnu uBlaise Compoare owayengundlovukayiphikiswa owayesebuse iminyaka engaphezu kwamashumi amabili. Ukuketulwa kwakhe kwafezeka ngenxa yombumbano lwabantu baseBurkina Faso.