Now Reading
Uhlobisa uBukhosi base-Eswatini ngomculo oxube nezinkondlo
Dark Light

Uhlobisa uBukhosi base-Eswatini ngomculo oxube nezinkondlo

Isimo esiqhubekayo sezepolitiki okuhlanganisa ukucindezelwa kwamalungelo abantu, ukunqindwa amandla kwamaqembu aphikisayo ezepolitiki nezinyunyana akulitheni amandla iciko lase-Eswatini elikholelwa ukuthi umculo yiwo okwazi ukuhlanganisa abantu bagcine bemunye.

UThobile Makhoyane ubalwa nabanye abaculi abayizintandokazi eBukhosini base-Eswatini abasakwazi ukusebenzisa amaphimbo abo ukudlulisa umyalezo. Akulula ukuthi ungawuhlonza umculo agxile kuwo, ngoba uxube okuningi kusuka kwisigqi sasekhaya, esheba nesaphesheya kwezilwandle esebenzisa izinsimbi. Uhlobo lwakhe lomculo ulubiza nge”DloziRock” okumenza kube nguye kuphela umculi ezwenikazi onesigqi esithi yena. Umculo wakhe uxuba nezinkondlo azihaya ngesiSwati nesiNgisi okuba yiyona ngxenye yezingoma zakhe ethakaselwa kakhulu ngabalandeli bakhe.

Ngomculo usehambele amazwe amaningi, wazuza nezindondo nemiklomelo emikhakheni ehlukene. Njengeningi labaculi ukuhlasela koKhuvethe emhlabeni kwamphazamisa.

Ngesikhathi kuhlasela lolu bhubhane wayeseNingizimu Afrika eqopha enye yezingoma zakhe okwamphoqa ukuba akumise abuyele kwelakubo. Kubantu base-Eswatini umcimbi omkhulukazi waminyaka yonke lapho kusuke kuyidili lomculo iBushfire Festival kusuke kungaphelele uma engekho uThobile.

See Also

Ulilungu nomsunguli weSpirits Indigenous, kanye nohlobo lwezingubo ezidla ubhedu kwabesifazane ezibizwa ngeSheKings. Ukuzehlisa nedumela lakhe emculweni liholele ekutheni asebenzisane nabaculi abaningi Eswatini, eMozambique, eZimbabwe naseNingizimu Afrika.

Lokho kuholele ekutheni ezinye zezingoma zakhe ziphendulwe amabika emidlalweni yethelevishini nengqayi. Eminye yemidlalo ewuchungechunge izingoma zakhe ezizwakala kuyo kukhona iMabatabata neRestgate okuyimidlalo evutshelwe eMozambique.

Scroll To Top