Now Reading
Umlando omfushane wamathongo nowoBukhosi
Dark Light

Umlando omfushane wamathongo nowoBukhosi

Incazelo ebambekayo yokuthi yini ithongo nokuthi livela kanjani ayitholakali ngokweBhayibheli nokuba uJesu akhuluma ngalo walichaza ukuthi linjani ngemuva kokuvuka kwakhe ekufeni.

Kwakungesikhathi lapho angena khona endlini ivaliwe abafundi bakhe bambona esemi phambi kwabo ebabingelela, bethuka kakhulu. Wabe esebatshela ukuthi nguye uqobo lwakhe akasilona ithongo, ithongo alinanyama alinamathambo (Luka 24:39). Waze wathi kubo abamnikeze ukudla adle ukuze babone ukuthi uyaphila.

Nokuba iBhayibheli lingachazi ukuthi ithongo liyini kodwa kuyabonisa ukuthi ngumoya othile. Ngokwesintu amathongo imimoya yabantu abadala balowo nalowo mndeni. Kuthiwa amathongo ngoba afika ebusuku abantu besebuthongweni abatshele izinto.

Ngenxa yokungaqondi kahle umehluko phakathi kwethongo nedlozi abantu abaningi kulezi zinsuku le mimoya sebeyibiza ngamadlozi. Idlozi akusiwo umoya womuntu ongasekho kodwa ngumoya ongena kumuntu ukuba abhule. Yingakho nje kuyaye kuthiwe umuntu ungenwe yidlozi uma ethwasa.

Amathongo awabonakali kukholakala ukuthi ahlala emsamo walowo nalowo mndeni abaneso ezintweni nasezindabeni zabantu abaphilayo balowo mndeni. Alawula impilo yabantu abaphilayo ngoba yiwona azi ikusasa nemuva labantu balowo mndeni. Amathongo ayangenelela ezintweni ezithize ezintinta abaphilayo ngokuletha izinhlanhla, ngokwandisa inzalo emndenini nangokuletha amashwa uma enganelisiwe. Wonke amaZulu abhekwe amathongo awo, okungokhokho balowo nalowo Mzulu.

Kukholakala kuthi avikela amalunga omuzi nezingozi abanike nezinhlanhla, aphinde futhi abasize ekufezeni izidingo zabo zempilo. Amathongo ayahlatshelwa kubongwa lokho asuke ekwenzile noma uma kucelwa izinto ezidingwa ngabaphilayo noma kushweleza ngezinto ezingahambanga kahle phakathi komuzi. Uma abantu bomndeni bebonga okhokho babo ngezinhlanhla ababalethela zona nanokubahlenga ezingozini ezahlukahlukene noma uma becela okuthize bakhuluma nabo emsamo, bashise impepho.

Angikuveze ukuthi njengoba sekwabakhona inkolo yobuKrestu engavumeli kubekhona omunye uNkulunkulu okhonzwayo ngaphandle kukaMdali akusewona wonke amaZulu owenza kanjalo.

Lokhu kuthathelwa emthethweni eyishumi ethi ungabinabanye onkulunkulu ngaphandle kwami, ungazenzeli izithombe ezibaziweyo namfanekiso walutho osezulwini phezulu nasemanzini ngaphansi komhlaba ungazikhonzi ungazikhothameli (Eksodus 20:3-6).
Lapha kwaZulu akukaze kukhonzwe isithombe esibaziweyo ngaphandle kwabantu abangasekho. Nakho iBhayibheli elikunqabayo.

See Also

AmaHerero akhonza uNkulunkulu oyedwa owadala abantu nakho konke okunye okukhona. AmaZulu akholwa nguMvelinqangi nabakubo abangasekho, izinyanya, amathongo noma inyandezulu. Njengoba sekushiwo ngenhla kuyenzeka abanye basebenzise igama elithi idlozi beqonde ithongo.

UBukhosi
INgonyama noma iNkosi yesizwe imele ubulungiswa, ubunye nokuvikeleka kwesizwe. Ingumgcini noma umengameli kunye umphathi wamasiko, usikompilo inqubo nenkolelo yesizwe. Njengomele izinyandezulu zesizwe iNgonyama iyisizinda sayo yonke inkambiso, imikhuba nemicimbi yesizwe. Ingubaba wabantu besizwe sayo nezinyandezulu zayo yizona ezihlela inhlalakahle nokuphepha kwesizwe sonke. UBukhosi kulinganiselwa ukuthi baqala eminyakeni yezi-3300 B.C. ngaphambi kokufika kukaKhrestu.

UBukhosi buvele ngezindlela eziningi. Ngesinye isikhathi abantu abathize baebedliwe ngempi bafakwe ngaphansi kwenkosi ethize nesizwe sayo. Abanye ababegcina bengaMakhosi kwakuba ngabantu abanobuhlakani obusezingeni eliphezulu, nobuqhawe ekuvikeleni abalandeli babo.
Nokho akubange kusalandelwa lokho ngoba indodana yenkosi ekhotheme noma ingenazo lezo zimpawu iyabekwa ibe yinkosi. Lokho kwadalwa yinkolelo yokuthi inkosi ibekwa ngabaphansi nokuthi yibona abayiholayo nabayivikelayo ezintweni zonke.
Yilapho kuvela khona isisho esithi ingonyama ayizalwa njengabantu bonke kodwa izalwa ngobuhlakani bezingonyama eziyanduleleyo. Lokho kusho futhi ukuzimela kweSihlalo soBukhosi beNgonyama KwaZulu.

Ngakhoke iSihlalo soBukhosi seNgonyama asinandodana asinamfowabo njengoba kwenzeka kubantu bonke. INgonyama yiyona eletha ukuthula, ukukhanya noholo kubantu neyisibonelo sokwenza iqiniso.

Scroll To Top