Now Reading
Kubonakale behambe inqina kamabuyaze abakhongi base-Afrika
Dark Light

Kubonakale behambe inqina kamabuyaze abakhongi base-Afrika

UMengameli waseRussia uVladimir Putin ngoMgqibelo unikeze abaholi base-Afrika abafuna ukulamula empini yase-Ukraine uhlu lwezizathu ezenza akholelwe ukuthi iziphakamiso zabo eziningi zazinephutha, ethela amanzi abandayo ohlelweni oseluchithiwe kakhulu yiKyiv lokuzolamula kwamazwe ase-Afrika empini ese-Ukraine.

 Abaholi base-Afrika bebefuna isivumelwano ngochungechunge “lwezinyathelo zokwakha ukuzethemba”, njengoba iKyiv ngesonto eledlule iqale ukuhlasela amasosha aseRussia asuka ezindaweni eziseningizimu nasempumalanga ye-Ukraine ahlala kuzo.

UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskyy uthe ngemuva kokuhlangana nalabaholi eKyiv ngoLwesihlanu  izingxoxo zokuthula zizodinga ukuthi iMoscow ihoxise amasosha endaweni yase-Ukraine, okuyinto iRussia ethe ngeke kuxoxwe ngayo.

UPutin uvule izingxoxo zangoMgqibelo nabamele iSenegal, Egypt, Zambia, Uganda, Congo Republic, Comoros kanye neNingizimu Afrika esigodlweni esiseduze neSt Petersburg ngokugcizelela ukuzibophezela kweRussia ezwenikazi.

Kodwa ngemuva kwezethulo zomongameli baseComoran, baseSenegal kanye naseNingizimu Afrika, wangena ephonsela inselelo imibono yalolu hlelo – olusekelwe ekwamukelweni kwemingcele eyaziwa ngamazwe ngamazwe – ngaphambi kokuba umjikelezo wezitatimende uqhubeke.

UPutin uphinde wagcizelela ukuthi i-Ukraine namadlelandawonye ayo aseNtshonalanga baqale lokhu kungqubuzana kudala ngaphambi kokuthi iRussia ithumele amabutho ayo emngceleni ngoNhlolanja nyakenye, into abayiphikayo abammangalelwa.

See Also

Uthe amazwe aseNtshonalanga, hhayi iRussia, yiwo adala ukwenyuka kwentengo yokudla emhlabeni wonke ekuqaleni konyaka odlule nokwayishaya kakhulu i-Afrika.

UMengameli uCyril Ramaphosa utshele uMengameli waseRussia uVladimir Putin ukuthi ukungqubuzana ne-Ukraine kunomphumela ongemuhle ezwenikazi lase-Afrika futhi kumele kuxazululwe ngezingxoxo nangezindlela zokukhuluma.

“Njengezwekazi, sithinteka kabi ngokwezomnotho wethu. Intengo yempahla inyukile ikakhulukazi okusanhlamvu nomanyolo kanti namanani kaphethiloli nawo anyukile kanti lokhu kuwumphumela wempi eqhubekayo yingakho sikhona nathi. Lokho kusizuzisa sonke ukuthi impi ifinyelele esiphethweni,” kusho uRamaphosa.

Scroll To Top