Luningi uguquko oselwenzekile oluwumphumela we-1976


Umhla ziyi-16 kuNhlangulana yiholidi lokuhlonipha intsha eyayiphikisana nombuso wobandlululo futhi yasiza izwe lethu, ukuthi lithole inkululeko. Iqiniso elidabukisayo ukuthi kwabanye lolu suku luwusuku nje olujwayelekile futhi abanaso nhlobo isizathu sokulugubha.
- Kubaluleke ukuqaphela izinto ezimbalwa ngokubaluleka kwalolu suku futhi singalubheki njengosuku nje olujwayelekile.
- Imibuzo ebaluleke kakhulu okufanele umuntu ayibuze, futhi ayiphendule yilena elandelayo: Kwenzekani ngalolu suku?
- Ngabe lokho kuyiguqule kanjani intando yeningi yethu?
- Ingabe lolu suku lwaba nomthelela kuMthethosisekelo wezwe?
Uma singabuza futhi siphendule le mibuzo mhlawumbe phakathi kobumnyama, sizothola isizathu sokugubha ngokufanele lolusuku.
Umphumela wangalolu suku wagqugquzele uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuthi uphoqelele imithetho eqinile yamalungelo abantu evimbela ukucwasa ngokwebala, ingcindezelo, nokucwasana. Impela amathuba wona akhona okufinyelela ukufeza izidingo eziyisidingo esisobala kakhulu, kanye nokufinyelela emfundweni esezingeni kodwa izinsiza azanele.
Kubaluleke kakhulu ukuthi siqhubeke nokukhumbula amaqiniso amabili abalulekile esibhicongo sango-1976, ukuthi izinqumo kufanele zithathwe ngendlela ebhekela wonke umuntu waseNingizimu Afrika hhayi ukuvuna noma ukuhlomulisa idlanzana, nokuthi intsha inamandla wokuletha ushintsho, kanti futhi inamandla okubumba ikusasa lethu. Kufanele intsha ikhuthazwe ukuthi ilwele ukuguquka okuphusile ngaso sonke isikhathi. Kucace bha ukuthi lesi sibhicongo saphoqa uhulumeni ngandlela thize ukuba asebenzise imithetho eqinile yamalungelo abantu evimbela ukucwasa ngokwebala, ukucindezelwa kanye nokucwasana.
Lolu suku lwaba nomthelela ekushayweni koMthetho 93/1996 owaziwa njengomthetho ophakeme wezwe. UMthethosisekelo ungumthetho ophakeme wezwe, okusho ukuthi iphalamende alikwazi ukushaya umthetho ophambene noMthethosisekelo. Akekho umuntu, ngisho nomengameli, ongaphambana nakho.
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ungomunye ephambili emhlabeni wonke futhi ohlonishwayo ngoba ukhuthaza abantu bentando yeningi emhlabeni wonke. INingizimu Afrika kwakuyizwe elalibukelwa phansi ngabaningi ngesikhathi sombuso wobandlululo kodwa namuhla abantu baseNingizimu Afrika basebenzisana kahle, ngaphandle kokuthwala amagqubu futhi ngenkulu inhlonipho.
Intando yeningi isekelwe kulawa magugu alandelayo, oMthethosiseko.: isithunzi somuntu, ukuzuza ngokulingana kanye nokuthuthukiswa kwamalungelo abantu nenkululeko.
UMthethosisekelo awugcinanga ngokusinika uhulumeni wentando yeningi kuphela kodwa wawubekela imikhawulo ukuze kuvinjelwe ukubusa ngokungafanele. uMthethosisekelo uqinisekisa wonke umuntu amalungelo ayisisekelo nokuvikelwa kwempilo, inkululeko, kanye nokuphepha.
Wonke umuntu unelungelo lokuphila, inkululeko kanye nokuvikeleka kobuntu bakhe. Bonke abantu bayalingana phambi komthetho futhi banamalungelo ngaphandle kokubandlululwa ngokohlanga, ubulili, ulimi, inkolo nanoma iyiphi enye into.
UMthethosivivinyo wamalungelo oyisisekelo sentando yeningi eNingizimu Afrika, usebenza kuyo yonke imithetho, futhi ubophezela isishayamthetho, isigungu esiphezulu, abezomthetho kanye nazo zonke izinhlaka zombuso. Isigaba 9 sithi wonke umuntu uyalingana phambi komthetho futhi unelungelo lokuvikelwa ngokulinganayo kanye nokuhlomula ngokomthetho nokuthi ukulingana kubandakanya ukujabulela ngokugcwele nokulinganayo wonke amalungelo nenkululeko. Kukhona nezikhungu ezaziwa ngechapter 9.
Lezizikhungo ku ezombuso ezisungulelwe ukuqinisa intando yeningi yomthethosisekelo. Lezi zikhungo zizimele, futhi zingaphansi koMthethosisekelo nomthetho, futhi kufanele zingachemi noma zisebenzise amandla azo ngendlela engafanele, futhi zenze imisebenzi yazo ngaphandle kokwesaba, ukuchema noma ukubandlulula.
Kunezikhungo eziyisi-6 zesahluko 9 okungu: UMvikeli Womphakathi. IKhomishana Yamalungelo Esintu YaseNingizimu Afrika. IKhomishana Yokukhuthazwa Nokuvikelwa Kwamalungelo Emiphakathi Yamasiko, Inkolo Nezilimi. IKhomishana Yokulingana Ngobulili. UMcwaningimabhuku Jikelele neKhomishana Yokhetho.
Ngakho-ke kufanele sigubhe lolu suku ngendlela efanele ngenxa yentsha yango-1976 ngokudlala indima yethu ebaluleke kakhulu nebalulekile emiphakathini yethu nasemiphakathini ngokuvikela uMthethosisekelo wethu ngokwazi amalungelo ethu, sifundisane, sihloniphane futhi sisizane. Indoda ehlakaniphile yake yathi “Sihlangene ngokubambisana ngeke sahlulwa yilutho kepha uma singabambisene isitha siyokusiqoba.”
Lombhalo awusona iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.