Wayebonisiwe uBiko kokuningi akushicilela ebhukwini lakhe


Kwakhala nyonini osopolitiki boHlanga bezixaka ngezivumelwano zokubambisana kwamaqembu epolitiki ngoba azibazuzisi lutho. Kubonakala ngokuphawula kwaboHlanga ezinkundleni ezehlukene, ngokunganeliseki nangokungagculiseki kwabo ngokwenziwa ngabanye abaholi e-Afrika, eNingizimu Afrika nakwelikaMthaniya.
Kudalwa nawukungathembeki, nawubusela obuqhubekayo ngaphansi kolawulo lwe-ANC okwesabisa abafisa ukuphonsa esivivaneni ngezentuthuko eyehlukene ukuze kube namathuba emisebenzi.
Yingakho, uBantu Steve Biko ayekugcizelela, ayekubalula, engakabulawa ngowe-1977 ngamaphoyisa ezokuphepha kuhulumeni wobandlululo lwamaBhunu, kwezinye zezinkulumo zakhe, manje esezaguqulelwa encwadini yakhe. Wayebalula ngezepolitiki, ngezemfundo, ngezenkolo, ngesikompilonhlalo, ngezentuthuko jikelele yowoHlanga okungokomklamosebenzo abakubiza ngokuthi iproject, konke kwenziwa ngokwase-Europe.
UBiko wabambula izinqe aboHlanga kuleminyaka, kwamanye amakhasi asencwadini yakhe. Bheka ngoba aboHlanga yibona abayiningi ngokwamaqembu epolitiki ephalamende, kohulumeni bezindawo nakomasipala, ngoba bayehluleka, siyizehluleki, sicasha ngemfundo kodwa sehluleka sinayo, ukwenza izinto ngendlela efanele ukwenza izinto zenzeke. Okuphambili kwaboHlanga ukweba, ukugxibhana, ukugxekana nokulobizela ukuphatha,ukuba nguhulumeni, sengathi abagxekayo beza nalukhulu olusha nolungakaze lubekhona eNingizimu Afrika.
Wayebonisiwe ngempela uBiko ngayekubalula ngaphambi kokuba abulawe esejele. Ngoba, okwenziwa ngosopolitiki boHlanga kungakhathalekile ukuthi bayiliphi, bayehluleka ukusitshela ngezinto ezintsha sha, abazozenza noma abazenzayo ukufukula abantu ikakhulukazi aboHlanga nsukuzonke njengoba babenza oSteve Biko.
Simcaphune ekhasini lama-32 lencwadi yakhe uBantu Steve Biko ekuthiwa: I write what I like, asikhumbuza ngemfundo, ukuthi izingane zaboHlanga zangeniswa ezikoleni ukuyofunda imfundo, kodwa esikhundleni sokufundiswa imfundo, zafundiswa imfundo yokuzibukela phansi, zazicindezela ingqondo yazo ngenxa yobuqonelubusabanye, abathi eyobukoloni. Yingakho izingane zaboHlanga nanamanje, sezifundile, zaba nemiqondo yokubukela phansi amafamlando namafagugu azo ngenkathi zisezikoleni.
Aphinde uBiko ekhasini lama-98 nelama-99, ngokuyibeka ngesihlokwana nje esincane nesinganakekile ngokuthi: Fake Political Coalition: Ukuthi iyiwuwa (yinto engekho), yinto engasebenzi kwipolitiki. Iyisithiyo ebunyeni bethu noma obumbanweni lwethu (lwaboHlanga), nengazinzile (nentengayo) ngaphambi kube nenkululeko aboHlanga abayilangazelelayo, abayikhalelalyo (abayilindele ngabomvu) ngokubathembisa ikusasa eliqhakazile nelinentuthuko, ephetha.
Kwavela nakomathelevishini ukuthi ukubambisana kwamaqembu epolitiki kumile, akuyi ndawo, akusebenzi, empeleni akumsebenzeli owoHlanga nomphakathi, baqinisile kumile, ngoba yiqeqebana losopolitiki boHlanga elihlomulayo, bayasikhohlisa. Kuphi okusha abakufumbethe osopolitiki boHlanga nabamhlophe lapha eNingizimu Afrika nase-Afrika. Dololo!.
Ukuthi basasinisa amahleza ngezinto abathi bayazenza, ngoba ubambiswano ngokwepolitiki akulona olwentuthuko abathi bayizamela aboHlanga nomphakathi kodwa bayahluleka bayancama okwangempela osopolitiki.
Abanye abaholi boHlanga kwi-ANC namanye amaqembu aboHlanga ezepolitiki jikelele, abanazo noma ziyabehlula izimfundiso zeBlack Consciousness,ukuba ngowoHlanga ngokugqugquzela ivuso lokuzazi, lokwethembeka, lokusizana, lokuzenzela zikaSteve Biko, okwakuyizimfundiso zeBlack Consciousness, esezehlula nalabo uBiko ayenabo ngaphambi kokuba babe yingxenye yamanye amaqembu epolitiki, ikakhulukazi i-ANC.