Incwadi yezenzo: Ubunye bobuthathu Obungcwele
Abantu Abadala abangamashumi amabili nane sibabiza ngoBaba noMama besizwe soHlanga. Omdala, ngamunye, ubizwa ngoBaba wesizwana sakhe. Kanti inkosikazi yona, iNdlovukazi, ibizwa ngoMama.
Amakhosi ayikhulu namashumi amane nane, abizwa ngamadodana namadodakazi abantu Abadala. Inkosi ngayinye ibizwa ngendodana yesizwana, kanti umlekeleli, inkosikazi, ibizwa ngendodakazi yesizwe. Abahluleli abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, 144 000, babizwa ngomoya oyingcwele noma ngempilo engcwele ngabahlali bedolobha labo.
La maqembu amathathu obuholi, Abadala, Amakhosi kanye naBahluleli, babizwa ngobuthathu (obungcwele) bobuntu obuphakeme.
Ukukhethwa kwabo njengobuthathu bobuntu ubuphezulu kuqhamuka kulemfundiso elandelayo:
Sifundiswa ukuthi igama loqobo lobukhona bento noma ubukhona bayo yonke into ekhona, ngubuthathu obungcwele (holy trinity). Ekuqaleni kwendalo engenaso isiqalo, uMveliqali wadala indalo ngesimo sanxantathu (triangle), isimo esinamacala amathathu, noma uziquzintathu. Kuze kube yinamuhla, yonke into ekhona idaleka (ngqo) ngalendlela, ngaso sonke isikhathi.
UMveliqali waqala ngokuzehlukanisa kabili, wase ezehlukanisa kathathu. Kanti ngenkathi ezihlukanisa kathathu imvelo yavela obala. Kusukela ngaleyo nkathi sonke isehlakalo sempilo, sonke isenzo sempilo, wonke umnyakazo ezulwini lonkana, yonke imigubho yobuso nezimo zempilo, iyisimo sobuthathu obungcwele.
Sifundiswa ukuthi uma intombazane ikorobha phansi (kubo), leso sehlakalo senzeka ngesimo sobuthathu obungcwele. Uma umfana eshaya isigubhu noma owesifazane edansela ingoma, zonke lezi zenzo zenzeka ngesimo sobuthathu obungcwele, noma unxantathu wobukhona bento. Ecaleni lentombazane, intombazane le ibizwa ngomama wobuthathu bobungcwele bayo. Iphansi leli eselisulekile ngenxa yokusulwa libizwa ngendodakazi yobuthathu bobungcwele bayo (intombazane), kanti isenzo sokusula sibizwa ngomoya ongcwele.
Umfana odlala isigubhu ubizwa ngobaba wezenzo zakhe. Umculo lo awuzalayo noma awudlalayo ubizwa ngendodana, kanti, isenzo lesi sokudlala isigubhu sibizwa ngomoya ongcwele.
Owesifazane lo odansayo naye ungumama wezenzo zakhe. Umdanso lo ongunomphelo wezenzo zakhe, uyindodakazi. Kanti isenzo sokushwiba izinqulu sibizwa ngomoya oyingcwele. Ngesikhathi sokhokho bethu, zonke izenzo zingcwele, kanti lezi zenzo zibizwa ngomoya oyingcwele.
Uma uchofa umlayezo lapho kwi ‘computer’ yakho, isenzo sokuchofa singumoya wakho ongcwele. Umlayezo lo owenzayo uyindodana/indodakazi yakho, kanti wena ungubaba noma ungumama wobuthathu bobungcwele bakho; ubuthathu bendlela yempilo yakho.
Umphumela wananoma yisiphi isenzo ubizwa ngendodana/indodakazi kamenzi. Kanti futhi umenzi lo ungubaba/umama, isenzo ngumoya ongcwele. Lobu yibo ubuthathu obungcwele (holy trinity), okuyindlela okufika ngayo yonke into ekhona.
Konke okukhona kukhona ngesibonakaliso sobuthathu obungcwele kusona sonke isehlakalo, nomangabe kukhulu kangakanani, noma ngabe kuncane kangakanani.
Ubukhona buzibonakalisa esigabeni esiphakeme ngesimo saMveliqali (uBaba noMama), izulu nomhlaba (indodana nendodakazi), kanye nempilo (umoya oyingcwele). Ngakho uMveliqali, izulu nomhlaba kanye nempilo, yisibonakaliso esiphakeme sobuthathu obungcwele, unxantathu walokho okukhona.
Ubuthathu obungcwele buzenza samuntu esigabeni esiphezulu ngabantu Abadala abangamashumi amabili nane (24), ngesimo soMama noBaba besizwe soHlanga, abagcini bobunye bukaMveliqali. Amakhosi ayikhulu namashumi amane nane (144), angamadodakazi namadodana, abagcini bamandla emvelo. Abahluleli abayizinkulungwane eziyikhulu nezingamashumi amane nane (144 000), bawumoya oyingcwele, abagcini bempilo engcwele. Abaholi bethu, ndawonye, sibabiza ngobuthathu bobungcwele obuphakeme kakhulu.
Ngaphezulu kwalokho, Abadala baphinde babizwe ngabagcini bobunye obungcwele. (Ubungcwele busho ukuthi into engenaso isici, into ephelelisiwe, ephelele futhi ehlangene). “Ubunye obungcwele” ngelinye igama elichaza ubunye bukaMveliqali.
Abadala abangamashumi amabili nane baphinde babizwe ngekhaya laphakade. Abahubi uma behaya amahubo abo, bababiza ngamagama amaningi. Izimbongi zisebenzisa amanye amagama engeziwe ngezindlela zokufisa kwazo. Kodwa kuwona wonke amagama abantu Abadala, igama elidumile futhi elithandwa kakhulu yigama elithi Mama noBaba. Ngokolimi lwaphakade lwesizwe soHlanga, uMama nguMa kanti uBaba nguRa.Ra noMa, noma RAMA.
Leli yigama likaMveliqali, igama lakhe laphakade.
Kungentando kaMveliqali ukuba ubukhona buzibonakalise emhlabeni ngesimo sanxantathu ongcwele.
Lona nguwo umsuka womusho othi, “uYise, indodaba kanye nomoya oyingcwele”; noma, “uNina, indodakazi kanye nempilo engcwele”.
Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079 842 4572.

