Eyezibalo zokukhulelwa kwezingane kwelikaMthaniya iyichilo elesabekayo
Izifundo ezinjenge Life Orientation kumele zilekelele othisha nabafundi ukukhuza umhlola zingabi ihlaya
Ngesonto eledlule akwehlanga kahle kubantu abakhele elikaMthaniya ukuzwa izibalo eziphezulu zokukhulelwa kwezingane ezingaphansi kweminyaka eli-16, oningi lazo elisuke lisezikoleni zamabanga aphansi. Kuyisifiso sawowonke umzali ukuba ingane ifunde iqede kuyima izibandakanya kwezothando.
UMphathiswa Wezempilo esifundazweni uNks uNomagugu Simelane uthe esikhathini esiyizinyanga eziyisishiyagalombili kubikwe izingane ezingama-26 515 ezikhulelwe. Lesi yisibalo esiphezulu kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe.
Ngokwezibalo zikaMphathiswa phakathi kukaMbasa noZibandlela wezi-2022 izingane ezikhulelwe ezenza lesi sibalo zibe phakathi kweminyaka eli-10 neli-19.
Ngaphezu kwalokhu izibalo ezakhishwa yiStatistics South Africa zaveza ukuthi phakathi kukaNdasa wezi-2021 noMbasa wezi-2022 zazingama-90 037 izingane eziphakathi kweminyaka eli-10 neli-19 ezakhulelwa.
Umbiko waveza ukuthi izingane ezingama 34 000 ezakhulelwa ngonyaka wezi-2020 ,kuzona ezingama-660 kwabe kungamantombazane angaphansi kweminyaka eli-13.
Siyavumelana ngokugcwele noMphathiswa uma ehlaba ikhwelo kubazali ukuthi bangahlehli ekukhuliseni izingane zabo ngoba okunye kwalokhu kungagwemeka.
Empeleni uthisha wokuqala wengane ngumzali wayo, okwasesikoleni kusuke sekuyocijwa lokhu okusuke sekulolongiwe ekhaya. Kepha ukuphawula kwabakuhulumeni kubuye kuziphikise ngoba yibo kanye ababuye bagunyaze amalungelo angaphezu kokwenza agcina esenqinda nabazali ekukhuliseni izingane zabo ngendlela ababona ukuthi yiyo elungile.
Nasezikole imbala izingane zinamalungelo angale kokucabanga okwenza ngisho nabo othisha bazithole besenkingeni. Kuyichilo okwenzekayo, kepha akumele kubhekwe nganxanye ezinganeni zamantombazane kuphela ngoba zisuke zingezodwa endabeni yocansi.
Siyavuma ukuthi kwezinye zalezi zehlakalo, izingane ziyadlwengulwa ngabantu abadala zingakwazi ukuziphendulela. Kuningi nokho okusengenziwa ukulwa nokubhebhetheka kwalesi sihlava ezikoleni nasemphakathini ngokubanzi.
Izifundo ezinjenge Life Orientation (LO) ezikoleni, akumele zithathwe njengezokusinisa amahleza nokujabuliswa ukuthi ezinye zezinto zikhulunywa njengoba zinjalo, kepha kumele kube yizo ezilekelela abafundi nothisha ekunqandeni leli chilo.
Ukwelulekwa nokuhlonyiswa kwabafundi ngolwazi akumele kube yinto eyenziwa ngoba sekube nesigameko esithile okanye kuwusuku lwentsha, kumele kwenziwe kube yisinkwa semihla ngemihla. Abazali, umphakathi nothisha ngokubambisana bangabamba elikhulu iqhaza ekuvimbeni izehlakalo zalolu hlobo zingakenzeki ngokuhlomisa izingane ngolwazi.

